Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 16

U-Isaka Uthola Umfazi Omuhle

U-Isaka Uthola Umfazi Omuhle

UYAZI ukuthi ungubani owesifazane okulesi sithombe? Igama lakhe uRebheka. Indoda azohlangabezana nayo u-Isaka. Uzoba umkakhe. Kwenzeka kanjani lokhu?

Uyise ka-Isaka u-Abrahama wayefuna ukutholela indodana yakhe umfazi olungileyo. Wayengafuni ukuba ishade nomunye wabesifazane baseKhanani, ngoba laba bantu babekhonza onkulunkulu bamanga. Ngakho u-Abrahama wabiza inceku yakhe wathi: ‘Ngifuna ubuyele ezihlotsheni zami eHarana utholele indodana yami u-Isaka umfazi.’

Ngokushesha inceku ka-Abrahama yathatha amakameli ayi-10 yahamba uhambo olude. Uma ifika eduze kwendawo okwakuhlala kuyo izihlobo zika-Abrahama yahlala emthonjeni. Kwase kuntambama, isikhathi abesifazane bomuzi ababezokha ngaso amanzi emthonjeni. Inceku ka-Abrahama yathandaza kuJehova: ‘Sengathi owesifazane ozongipha amanzi aphe namakameli angaba yilowo omkhetha njengomfazi ka-Isaka.’

Ngokushesha uRebheka weza ezokha amanzi. Uma inceku icela ukuba ayiphuzise, wayiphuzisa. Wabe esekha amanzi anele awo wonke amakameli omile. Kwakuwumsebenzi onzima lowo ngoba amakameli aphuza amanzi amaningi.

Uma uRebheka eseqedile ukwenza lokhu, inceku ka-Abrahama yambuza igama likayise. Yabuza nokuthi yayingahlala yini ubusuku kubo. Wathi: ‘Ubaba uBhetuweli, futhi ikhona indawo yokuba uhlale nathi.’ Inceku ka-Abrahama yayazi ukuthi uBhetuweli kwakuyindodana yomfowabo ka-Abrahama uNahori. Ngakho yaguqa yabonga uJehova ngokuyiholela ezihlotsheni zika-Abrahama.

Ngalobo busuku inceku ka-Abrahama yatshela uBhetuweli nomfowabo kaRebheka uLabani ukuthi yayizeleni. Bobabili bavuma ukuba uRebheka ahambe nayo ayoshada no-Isaka. Wathini uRebheka uma ecelwa? Wathi, ‘Yebo,’ ufuna ukuhamba. Ngakho ngosuku olulandelayo bagibela amakameli baqalisa uhambo olude olubuyela eKhanani.

Uma befika, kwakukusihlwa. URebheka wabona indoda ihamba ensimini. Kwakungu-Isaka. Wajabula ngokubona uRebheka. Unina uSara wayeneminyaka emithathu nje eshonile, futhi u-Isaka wayesadabukile ngalokhu. U-Isaka wamthanda kakhulu uRebheka, wabuye wajabula futhi.