Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 23

Amaphupho KaFaro

Amaphupho KaFaro

KUDLULA iminyaka emibili, uJosefa usesejele. Umphathizitsha akazange amkhumbule. Ngobunye ubusuku uFaro uba namaphupho akhethekile, uyamangala ukuthi asho ukuthini. Uyambona elele lapha? Ngakusasa ubiza amadoda ahlakaniphile awatshele izinto aziphuphile. Kodwa ayahluleka ukumtshela ukuthi zisho ukuthini.

Manje ekugcineni umphathizitsha ukhumbula uJosefa. Uthi kuFaro: ‘Ngesikhathi ngisejele kwakunomuntu owayekwazi ukuchaza amaphupho.’ UFaro uyala ukuba kukhishwe uJosefa ejele ngokushesha.

UFaro utshela uJosefa amaphupho akhe: ‘Ngabona izithole eziyisikhombisa ezikhuluphele. Kamuva ngabona izithole eziyisikhombisa ezizacile. Ezizacile zadla ezikhulupheleyo.

‘Ephusheni lami lesibili ngabona izikhwebu ezinkulu, ezeleni elilodwa. Ngase ngibona izikhwebu eziyisikhombisa zomile zizacile. Izikhwebu ezizacile zaqala ukugwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle.’

UJosefa uthi kuFaro: ‘La maphupho amabili asho into efanayo. Izithole eziyisikhombisa ezikhuluphele nezikhwebu eziyisikhombisa eziphelele zisho iminyaka eyisikhombisa, izithole eziyisikhombisa ezizacile nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane zisho eminye iminyaka eyisikhombisa. Kuzoba neminyaka eyisikhombisa lapho kuyoba nenala yokudla eGibhithe. Kuyobe sekuba neminyaka eyisikhombisa lapho kuyoba nokudla okuncane kakhulu.’

Ngakho uJosefa uthi kuFaro: ‘Khetha indoda ehlakaniphile yengamele ukuqoqwa kokudla phakathi neminyaka eyisikhombisa emihle. Khona-ke abantu abanakubulawa yindlala eminyakeni elandelayo emibi eyisikhombisa lapho kuyoba nokudla okuncane.’

UFaro uyawuthanda lo mqondo. Ukhetha uJosefa ukuba aqoqe ukudla, akugcine. UJosefa uba yindoda ebaluleke kakhulu eGibhithe ngemva kukaFaro.

Ngemva kweminyaka eyisishiyagalombili, ngesikhathi sendlala, uJosefa ubona amadoda eza. Uyazi ukuthi angobani? Phela, abafowabo abayi-10 abadala! Uyise uJakobe wayebathumé eGibhithe ngenxa yokuthi babephelelwe ukudla emuva eKhanani. UJosefa uyababona abafowabo, kodwa bona abamboni. Uyazi ukuthi kungani? Ngenxa yokuthi uJosefa usekhulile, futhi ugqoke izingubo ezihlukile.

UJosefa ukhumbula lapho esengumfana ephupha abafowabo bezokhothama kuye. Uyakhumbula sifunda ngalokho? Ngakho uJosefa uyabona ukuthi uNkulunkulu owayemthumele eGibhithe, ngesizathu esihle. Ucabanga ukuthi uJosefa wenzani? Ake sibone.