Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 18

UJakobe Uya EHarana

UJakobe Uya EHarana

UYAZI ukuthi angobani la madoda akhuluma noJakobe? Ngemva kokuhamba izinsuku eziningi, uJakobe wahlangana nawo emthonjeni. Ayenakekela izimvu zawo. UJakobe wabuza: ‘Ningabakuphi?’

Athi, ‘SingabaseHarana.’

‘Niyamazi uLabani?’ kubuza uJakobe.

‘Yebo,’ ephendula. ‘Bheka, nanguya uRaheli indodakazi yakhe eza nezimvu zakhe.’ Uyambona uRaheli laphaya eza?

Lapho uJakobe ebona uRaheli nezimvu zikamalume wakhe uLabani, wahamba wagingqa itshe emthonjeni ukuze izimvu ziphuze. UJakobe wamanga uRaheli wamtshela ukuthi ungubani. Wajabula kakhulu, wahamba waya ekhaya watshela uyise uLabani.

ULabani wajabula kakhulu ngokuhlala kukaJakobe nabo. Uma uJakobe ecela ukushada noRaheli, uLabani wajabula. Nokho, wacela uJakobe ukuba asebenze ensimini yakhe iminyaka eyisikhombisa ukuze athole uRaheli. Ngenxa yokuthanda uRaheli uJakobe wakwenza lokho. Kodwa uma sekufika isikhathi somshado, uyazi ukuthi kwenzekani?

ULabani wanikeza uJakobe indodakazi yakhe endala uLeya esikhundleni sikaRaheli. Uma uJakobe evuma ukusebenzela uLabani eminye iminyaka eyisikhombisa, uLabani wamnikeza noRaheli njengomkakhe. Ngaleso sikhathi uNkulunkulu wayewavumele amadoda ukuba abe nabafazi abangaphezu koyedwa. Kodwa manje, njengoba iBhayibheli libonisa, indoda kufanele ibe nomfazi oyedwa kuphela.