Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 12

Abantu Bakha Umbhoshongo

Abantu Bakha Umbhoshongo

KWADLULA iminyaka eminingi. Amadodana kaNowa aba nezingane eziningi. Izingane zawo zakhula zaba nabantwana abaningi. Ngokushesha kwase kunabantu abaningi emhlabeni.

Omunye walaba bantu kwakungumzukulu kaNowa uNimrode. Wayeyindoda embi eyayizingela ibulale kokubili izilwane nabantu. UNimrode wazenza inkosi yokubusa abanye abantu. UNkulunkulu wayengamthandi uNimrode.

Bonke abantu ngaleso sikhathi babekhuluma ulimi olulodwa. UNimrode wayefuna ukubagcina bendawonye ukuze ababuse. Uyazi ukuthi wenzani? Watshela abantu ukuba bakhe umuzi nombhoshongo omkhulu kuwo. Babheke lapha esithombeni bakha izitini.

UJehova asimjabulisanga lesi sakhiwo. UNkulunkulu wayefuna ukuba abantu bahlale kuwo wonke umhlaba. Kodwa abantu bathi: ‘Wozani! Asakhe umuzi nombhoshongo ophakeme kangangokuthi ungafika ezulwini. Khona siyoba nodumo!’ Abantu babezifunela bona udumo, hhayi uNkulunkulu.

Ngakho uNkulunkulu wenza ukuba bayeke ukwakha umbhoshongo. Uyazi ukuthi wakwenza kanjani? Ngokubangela ukuba abantu ngokushesha bakhulume izilimi ezihlukahlukene, esikhundleni solulodwa. Abakhi babengasezwani. Kungaleso sizathu umuzi wabo wabizwa ngokuthi iBhabhele, noma iBhabhiloni, okusho ‘Ukusangana.’

Abantu manje baqala ukuthutha eBhabhele. Amaqembu abantu ababekhuluma ulimi olulodwa ahamba ayohlala ndawonye kwezinye izingxenye zo-mhlaba.