Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 15

UmkaLoti Wabheka Emuva

UmkaLoti Wabheka Emuva

ULOTI nomkhaya wakhe babehlala ndawonye no-Abrahama ezweni laseKhanani. Ngolunye usuku u-Abrahama wathi kuLoti: ‘Ayikho lapha indawo eyanele yonke imfuyo yethu. Masihlukane. Uma uya ngapha, mina-ke ngizoya ngapha.’

ULoti walibuka izwe. Wabona ingxenye enhle yezwe eyayinamanzi notshani obuhle bemfuyo yakhe. Leli kwakuyithafa laseJordani. ULoti wathutha nomkhaya wakhe nemfuyo baya khona. Ekugcineni ikhaya labo laba semzini waseSodoma.

Abantu baseSodoma babebabi. Lokhu akumjabulisanga uLoti, wayeyindoda elungileyo. NoJehova akajabulanga. Ekugcineni, uJehova wathuma izingelosi ezimbili ukuba zixwayise uLoti ngokuthi wayezolibhubhisa iSodoma nomuzi waseGomora ngenxa yobubi bayo.

Izingelosi zatshela uLoti: ‘Sheshisa! Thatha umkakho namadodakazi akho amabili niphume lapha!’ ULoti nomkhaya wakhe balibala kancane, ngakho izingelosi zababamba ngesandla zabakhipha emzini. Enye yezingelosi yayisithi: ‘Balekelani ukuphila kwenu! Ningabheki emuva. Balekelani ezintabeni, ukuze ningabulawa.’

ULoti namadodakazi akhe balalela babaleka eSodoma. Abazange bame nakancane, futhi ababhekanga emuva. Kodwa umkaLoti akalalelanga. Ngemva kokuhamba ibangana besuka eSodoma, wama wabheka emuva. Waba yinsika kasawoti. Uyambona esithombeni?

Singafunda isifundo esihle kulokhu. Kuyasibonisa ukuthi uJehova usindisa abamlalelayo, kodwa abangamlaleli bayolahlekelwa ukuphila kwabo.