Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 28

Ukusinda Komntwana UMose

Ukusinda Komntwana UMose

UYAMBONA umntwana ekhala, ebambe isandla sale nkosazana. UMose lona. Uyazi ukuthi ingubani le nkosazana enhle? Indodakazi yenkosi yaseGibhithe, indodakazi kaFaro.

Unina kaMose wafihla umtanakhe waze waba nezinyanga ezintathu ubudala, ngoba wayengafuni ukuba abulawe ngabase-Gibhithe. Kodwa wayazi ukuthi uMose angatholakala, ngakho nakhu akwenza ukuze amsindise.

Wathatha ubhasikidi wawulungisa ukuze ungangenwa ngamanzi. Wafaka uMose kuwo, wabeka ubhasikidi otshanini obude eceleni koMfula iNayile. Udadewabo kaMose, uMiriyamu, watshelwa ukuba ame eduze abone ukuthi kuzokwenzekani.

Indodakazi kaFaro yehlela eMfuleni iNayile iyogeza. Ngokushesha yabona ubhasikidi otshanini obude. Yabiza enye yezincekukazi zayo: ‘Hamba ungithathele lowa bhasikidi.’ Uma indodakazi yenkosi ivula ubhasikidi, yeka umntwana omuhle eyambona! UMose omncane wayekhala, indodakazi yenkosi yamdabukela. Ayithandanga ukuba abulawe.’

UMiriyamu wayesevela. Ungambona lapha esithombeni. Wabuza indodakazi kaFaro: ‘Ngihambe ngikubizele owesifazane ongumIsrayeli akuncelisele umntwana?’

‘Siza uhambe,’ Kusho indodakazi yenkosi.

Ngakho uMiriyamu wagijima ngokushesha watshela unina. Uma unina kaMose efika endodakazini yenkosi, yathi: ‘Thatha lo mntwana ungincelisele yena, ngizokukhokhela.’

Ngakho unina kaMose wayinakekela ingane yakhe. Kamuva lapho uMose esekhule ngokwanele, wamthatha wamyisa endodakazini kaFaro, emthatha njengendodana yayo. Kwenzeka kanjalo ukuba uMose akhulele emzini kaFaro.