Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 29

Okwenza UMose Wabaleka

Okwenza UMose Wabaleka

BHEKA uMose ebaleka eGibhithe. Uyawabona amadoda emsu-kela? Uyazi ukuthi kungani efuna ukumbulala? Ake sibone ukuthi singathola yini.

UMose wakhulela emzini kaFaro, umbusi waseGibhithe. Waba yindoda ehlakaniphile nenkulu. UMose wayazi ukuthi wayengeyena owaseGibhithe, kodwa ukuthi abazali bakhe bangempela babeyizigqila ezingama-Israyeli.

Ngolunye usuku, eseneminyaka engama-40 ubudala, uMose wanquma ukuba ahambe ayobona ukuthi abantu bakubo baphila kanjani. Yayibuhlungu indlela ababephathwa ngayo. Wabona owaseGibhithe eshaya isigqila esingumIsrayeli. Wathi qala qala, lapho engaboni muntu ebhekile, wamshaya owaseGibhithe, wafa. Wayesefihla isidumbu sakhe esihlabathini.

Ngakusasa uMose wahamba futhi wayobheka abantu bakubo. Waye-cabanga ukuthi angabasiza bangabi yizigqila. Kodwa wabona amadoda amabili angama-Israyeli elwa, uMose wathi kulowo owayenephutha: ‘Kungani ushaya umfowenu?’

Le ndoda yathi: ‘Ubani okwenze umbusi wethu nomahluleli? Usufuna ukungibulala nami njengoba ubulale owaseGibhithe?’

UMose manje wethuka. Wazi ukuthi abantu bezwile ngakwenze kowaseGibhithe. Ngisho noFaro wezwa ngakho, wathumela amadoda ukuba ambulale. Ngakho uMose wabaleka eGibhithe.

Lapho uMose ehamba eGibhithe, waya kude ezweni lakwa-Midiyani. Lapho wahlangana nomkhaya kaJetiro, washada nenye yamadodakazi akhe uZiphora. UMose waba umelusi wanakekela izimvu zikaJetiro. Wahlala iminyaka engama-40 ezweni lakwaMidiyani. Manje wayeseneminyaka engama-80 ubudala. Ngolunye usuku, lapho eluse izimvu zikaJetiro, kwenzeka into emangalisayo eyashintsha konke ukuphila kukaMose. Vula ikhasi elilandelayo sibone ukuthi iyini leyo nto.