Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 3

Kusukela Ekukhululweni EGibhithe Kuya Enkosini Yokuqala Kwa-Israyeli

Kusukela Ekukhululweni EGibhithe Kuya Enkosini Yokuqala Kwa-Israyeli

UMose wahola ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe aya eNtabeni iSinayi, lapho uNkulunkulu awanikeza khona imithetho yakhe. Kamuva, uMose wathuma amadoda ayi-12 ukuba ayohlola izwe laseKhanani. Ayi-10 kuwo abuya nombiko omubi. Abangela abantu ukuba bafune ukubuyela emuva eGibhithe. Ngenxa yokuntula kwawo ukholo, uNkulunkulu wajezisa ama-Israyeli ngokuba awazulise ehlane iminyaka engama-40.

Ekugcineni, uJoshuwa wakhethwa ukuba aholele ama-Israyeli ezweni laseKhanani. Ukuze awasize athathe izwe, uJehova wabangela ukuba kwenzeke izimangaliso. Wenza ukuba uMfula iJordani ume, wabangela kudilike izindonga zaseJeriko, nokuma kwelanga lingahambi usuku lonke. Ngemva kweminyaka eyisithupha, izwe lathathwa kwabaseKhanani.

Ama-Israyeli abuswa ngabahluleli iminyaka engama-356 kusukela kuJoshuwa. Sifunda ngabaningi babo kuhlanganise noBharaki, uGideyoni, uJefta, uSamsoni noSamuweli. Sifunda futhi ngabesifazane abanjengoRahabi, uDebora, uJayeli, uRuthe, uNawomi noDelila. Sekukonke, iNgxenye YESITHATHU ihlanganisa iminyaka engama-396 yomlando.

 

KULE NGXENYE

INDABA 34

Uhlobo Olusha Lokudla

Ukudla okukhethekile okuvela kuNkulunkulu kwehla kuvela phezulu.

INDABA 35

UJehova Unika Imithetho

Imiphi imithetho emibili emikhulu kunemiYalo Eyishumi?

INDABA 36

Ithole Legolide

Kungani abantu babengafuna ukukhonza isithombe esenziwe ngamacici ancibilikisiwe?

INDABA 37

Itende Lokukhulekela

Igumbi elingaphakathi lalinomphongolo wesivumelwano.

INDABA 38

Izinhloli Eziyi-12

Izinhloli eziyishumi zisho okunye kodwa ezimbili zisho okunye okuhlukile. Ama-Israyeli akholwa bani?

INDABA 39

Induku Ka-Aroni Inezimbali

Kungenzeka kanjani ukuba induku ikhiqize izimbali, imile nezithelo ezivuthiwe ngobusuku obubodwa?

INDABA 40

UMose Ushaya Idwala

UMose waphumelela ekukhipheni amanzi, kodwa wacasula uNkulunkulu.

INDABA 41

Inyoka Yethusi

Kungani uNkulunkulu athumela izinyoka ezinesihlungu?

INDABA 42

Imbongolo Iyakhuluma

Imbongolo ibona okuthile uBhalami angakuboni.

INDABA 43

UJoshuwa Uba Ngumholi

Njengoba uMose ayesenamandla, kungani kwabe sekukhethwa uJoshuwa ukuba ahole?

INDABA 44

URahabi Ufihla Izinhloli

URahabi uwasiza kanjani amadoda amabili, futhi iluphi usizo uRahabi alucelayo?

INDABA 45

Ukuwela Umfula IJordani

Kwenzeka isimangaliso lapho abapristi bengena emfuleni.

INDABA 46

Izindonga ZaseJeriko

Intambo yayingalwenza kanjani udonga ukuba lungawi?

INDABA 47

Isela Kwa-Israyeli

Umuntu oyedwa omubi angakwazi yini ukubangela sonke isizwe izinkinga?

INDABA 48

AbaseGibheyoni Abahlakaniphile

Akhohlisa uJoshuwa nama-Israyeli.

INDABA 49

Ilanga Liyama

UJehova wenzela uJoshuwa into angakaze ayenze ngaphambili futhi angazange aphinde ayenza.

INDABA 50

Abesifazane Abanesindi

UBharaki uhola ibutho lama-Israyeli empini, ngakho kungani kunguJayeli othola udumo?

INDABA 51

URuthe NoNawomi

URuthe ushiya ikhaya ayohlala noNawomi, akhonze uJehova.

INDABA 52

UGideyoni Namadoda Awu-300

UNkulunkulu wakhetha amalungu aleli butho elincane esebenzisa uhlobo lovivinyo olungavamile lokuphuza amanzi.

INDABA 53

Isithembiso SikaJefta

Isithembiso ayesenze kuJehova asithintanga yena kuphela kodwa nendodakazi yakhe.

INDABA 54

Indoda Enamandla

UDelila wayithola kanjani imfihlo yamandla kaSamsoni?

INDABA 55

Umfanyana Ukhonza UJehova

UNkulunkulu usebenzisa uSamuweli osemusha ukuba ahambise umyalezo obuhlungu kumPristi Ophakeme u-Eli.