Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 53

Isithembiso SikaJefta

Isithembiso SikaJefta

WAKE wasenza isithembiso kamuva wakuthola kunzima ukusigcina? Kwaba njalo endodeni ekulesi sithombe, kungakho idabuke kangaka. Le ndoda ingumahluleli onesibindi kwa-Israyeli, uJefta.

UJefta uphila esikhathini lapho ama-Israyeli engasamkhulekeli uJehova. Enza okubi futhi. Ngakho uJehova uvumela abakwa-Amoni bawahluphe. Lokhu kwenza ama-Israyeli akhale kuJehova: ‘Sonile kuwe. Sisindise!’

Abantu bayadabuka ngezinto ezimbi abazenzile. Babonisa ukuthi bayadabuka ngokukhulekela uJehova futhi. Ngakho uJehova uyabasiza futhi.

UJefta ukhethwe ngabantu ukuba alwe nama-Amoni amabi. UJefta ufuna ukuba uJehova amsize ekulweni. Ngakho uthembisa uJehova: ‘Uma ungipha ukunqoba abakwa-Amoni, umuntu wokuqala oyongihlangabeza uma ngibuya ukunqoba ngiyomnikela kuwe.’

UJehova uyasilalela isithembiso sikaJefta, amsize anqobe empini. Uma uJefta ebuyela ekhaya, uyazi ukuthi ubani owokuqala ozomhlangabeza? Indodakazi yakhe, ewukuphela kwengane yakhe. ‘Oh, ndodakazi yami!’ kukhala uJefta. ‘Kudabuka kuni lokhu ongilethela khona. Ngenze isithembiso noJehova, anginakusihoxisa.’

Uma indodakazi kaJefta izwa ngesithembiso, nayo iyadabuka okokuqala. Kusho ukuthi kufanele ishiye uyise nabangane. Iyochitha konke ukuphila kwayo ikhonza uJehova etabernakele lakhe eShilo. Ngakho ithi kuyise: ‘Uma wenze isithembiso kuJehova, kufanele usigcine.’

Ngakho indodakazi kaJefta iya eShilo, ichitha konke ukuphila kwayo ikhonza uJehova etabernakele lakhe. Ezinsukwini ezine unyaka ngamunye abesifazane bakwa-Israyeli bayayivakashela, bajabula kakhulu bendawonye. Abantu bayayithanda indodakazi kaJefta ngoba iyinceku enhle kaJehova.