Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 41

Inyoka Yethusi

Inyoka Yethusi

INGABE inyoka yangempela lena ezizongolozele esigxotsheni? Akuyona. Yenziwe ngethusi. UJehova watshela uMose ukuba ayiphanyeke esigxotsheni ukuze abantu bayibheke bese bephila. Kodwa ezinye izinyoka eziphansi zingezoqobo. Ziye zaluma abantu zabagulisa. Uyazi ukuthi kungani?

Kungenxa yokuthi abantu bakhulume kabi ngoNkulunkulu nangoMose. Bayakhononda: ‘Kungani usikhiphe eGibhithe ukuba sizofela lapha ehlane? Akunakudla, akukho manzi lapha. Sesikhathele ukudla leli mana.’

Kodwa imana ukudla okuhle. UJehova ubanikeze lona ngokuyisimangaliso. Uye wabanikeza namanzi futhi ngokwesimangaliso. Kodwa abantu ababongi ngendlela uNkulunkulu abanakekela ngayo. Ngakho uJehova uthumela lezi zinyoka ezinesihlungu ukuze ajezise ama-Israyeli. Izinyoka ziyabaluma, abaningi babo bayafa.

Ekugcineni abantu beza kuMose bathi: ‘Sonile, ngoba sikhulume kabi ngoJehova nangawe. Thandaza kuJehova asuse lezi zinyoka.’

Ngakho uMose uyathandaza. UJehova atshele uMose ukuba enze le nyoka yethusi. Uthi ayiphanyeke esigxotsheni, ukuze noma ubani olunywa inyoka abheke yona. UMose wenza njengokusho kukaJehova. Abantu abalunyiwe babuka le nyoka yethusi bese bephila futhi.

Kunesifundo esisifunda lapha. Sonke, ngendlela ethile sifana nama-Israyeli alunywa yilezo zinyoka. Sonke sisesimweni sokufa. Uma uhlola, uyothola ukuthi abantu bayaguga, bagule, bafe. Lokhu kungenxa yokuthi indoda yokuqala nowesifazane, u-Adamu no-Eva, bamhlubuka uJehova, futhi thina siyinzalo yabo. Kodwa uJehova uye wenza indlela yokuba siphile phakade.

UJehova wathuma iNdodana yakhe uJesu Kristu, emhlabeni. UJesu walengiswa esigxotsheni, ngoba abantu abaningi babecabanga ukuthi mubi. Kodwa uJehova wanikela ngoJesu ukuze asisindise. Uma sibheka kuye, uma simlandela, khona-ke singazuza ukuphila okuphakade. Kodwa sizofunda okwengeziwe ngalokhu kamuva.