Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 47

Isela Kwa-Israyeli

Isela Kwa-Israyeli

BHEKA ukuthi le ndoda igqibani etendeni layo! Ingubo enhle, neqhezu legolide nezinhlamvu zesiliva. Ikuthathe emzini waseJeriko. Kodwa kwakufanele kwenziweni ngezinto zaseJeriko? Uyakhumbula?

Kwakufanele zishiswe, igolide nesiliva kwakufanele kunikelwe etabernakele likaJehova. Ngakho laba bantu abamlalelanga uNkulunkulu. Bantshontshe okungokukaJehova. Igama lale ndoda u-Akhani, ukanye nabanye bomkhaya wakhe. Ake sibone okwenzekayo.

Ngemva kokuba u-Akhani entshontshe lezi zinto, uJoshuwa uthumela amadoda ukuba alwe nomuzi wase-Ayi. Kodwa bayanqotshwa empini. Abanye bayabulawa, abanye babaleke. UJoshuwa udabuke kakhulu. Ulala phansi ngobuso athandaze kuJehova: ‘Ukuvumeleleni lokhu kwenzeke kithi?’

UJehova uyaphendula: ‘Vuka! U-Israyeli wonile. Bathathe ezinye zezinto okwakufanele zishiswe noma zinikelwe etabernakele likaJehova. Bantshontshe ingubo enhle bayifihla. Ngeke nginibusise kuze kube yilapho isishisiwe, nalowo othathe lezi zinto abhujiswe.’ UJehova uthi uzomkhombisa uJoshuwa le ndoda embi.

Ngakho uJoshuwa uhlanganisa bonke abantu ndawonye, uJehova akhombe indoda embi u-Akhani. U-Akhani uthi: ‘Ngonile. Ngiboné ingubo enhle, neqhezu legolide nezinhlamvu zesiliva. Bengikufuna kangangokuthi ngiye ngakuthatha. Niyozithola zigqitshwe etendeni lami.’

Uma lezi zinto sezitholakele zilethwa kuJoshuwa, uthi ku-Akhani: ‘Kungani uye wasilethela inkathazo? Manje uJehova uzokwehlisela inkathazo phezu kwakho!’ Ngalokho bonke abantu bakhande u-Akhani nomkhaya wakhe ngamatshe bafe. Ingabe lokhu akubonisi ukuthi akufanele sithathe izinto okungezona ezethu?

Ngemva kwalokho u-Israyeli uyokulwa ne-Ayi futhi. Manje uJehova usiza abantu bakhe, bayanqoba empini.