Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 43

UJoshuwa Uba Ngumholi

UJoshuwa Uba Ngumholi

UMOSE ufuna ukuya eKhanani nama-Israyeli. Ngakho uyacela: ‘Ake ngiwele uMfula iJordani Jehova, ngibone izwe elihle.’ Kodwa uJehova uthi: ‘Sekwanele! Ungakhulumi ngalokho futhi!’ Uyazi ukuthi kungani uJehova asho lokho?

Kungenxa yalokho okwenzeka ngesikhathi uMose eshaya idwala. Uyakhumbula, yena no-Aroni abamdumisanga uJehova. Abazange babatshele abantu ukuthi uJehova owayekhipha amanzi edwaleni. Ngalesi sizathu uJehova wathi ngeke abavumele bangene eKhanani.

Ngakho ngemva kwezinyangana u-Aroni efile, uJehova uthi kuMose: ‘Thatha uJoshuwa umbeke phambi kuka-Eleyazare umpristi nabantu. Phambi kwabo bonke, tshela wonke umuntu ukuthi uJoshuwa ungumholi omusha.’ UMose wenza njengokusho kukaJehova, njengoba ubona esithombeni.

UJehova uthi kuJoshuwa: ‘Qina, ungesabi. Uyohola ama-Israyeli angene ezweni laseKhanani engiwathembise lona, ngiyokuba nawe.’

Kamuva uJehova utshela uMose ukuba akhuphukele phezulu eNtabeni iNebo ezweni lakwaMowabi. Lapho phezulu uMose uyakwazi ukubuka ngaphesheya koMfula iJordani abone izwe elihle laseKhanani. UJehova uthi: ‘Leli yizwe engathembisa ukulinikeza inzalo ka-Abrahama, u-Isaka noJakobe. Ngikubonisile lona, kodwa ngeke ungene kulo.’

Lapho esiqongweni seNtaba iNebo uMose uyafa. Wayeneminyaka eyi-120 ubudala. Wayesenamandla, esabona kahle. Abantu badabuka kakhulu bakhale ngokufa kukaMose. Kodwa bayajabula ngoJoshuwa njengomholi wabo omusha.