Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 72

UJehova Usiza UHezekiya

UJehova Usiza UHezekiya

UYAZI ukuthi kungani le ndoda ithandaza kuJehova? Kungani yendlale lezi zincwadi phambi kwe-altare likaJehova? Le ndoda uHezekiya. Iyinkosi yezizwe ezimbili zakwa-Israyeli eziseningizimu. Isenkathazweni enkulu. Kungani?

Ngoba amabutho ase-Asiriya asebhubhise izizwe eziyi-10 zasenyakatho. UJehova uvumele lokhu kwenzeke ngoba labo bantu babebabi. Manje amabutho abase-Asiriya azókulwa nombuso wezizwe ezimbili.

Inkosi yase-Asiriya isanda kuthumela izincwadi eNkosini uHezekiya. Yizo lezi zincwadi uHezekiya azibeke lapha phambi kukaJehova. Lezi zincwadi zihlekisa ngoJehova, zithi uHezekiya azinikele. Kungalokho uHezekiya ethandaza: ‘O Jehova, sisindise enkosini yase-Asiriya. Khona izizwe zonke ziyokwazi ukuthi wena wedwa unguNkulunkulu.’ Ingabe uJehova uzomlalela uHezekiya?

UHezekiya uyinkosi enhle. Akafani namakhosi amabi ombuso wezizwe eziyi-10 zakwa-Israyeli, noma njengoyise omubi iNkosi u-Ahazi. UHezekiya ubeyilalela yonke imithetho kaJehova. Ngakho, ngemva kokuthandaza kwakhe, umprofethi u-Isaya umthumelela isigijimi esivela kuJehova: ‘Inkosi yase-Asiriya ayinakungena eJerusalema. Ngisho nelilodwa emasosheni ayo eliyosondela kulo. Awanakucibishela ngisho nowodwa umcibisholo emzini.’

Bheka isithombe esikuleli khasi. Uyazi ukuthi angobani wonke la masosha afile? Angawase-Asiriya. UJehova wathuma ingelosi yakhe, kwathi ngobusuku obubodwa ingelosi yabulala amasosha ase-Asi-riya angu-185 000. Ngakho inkosi yase-Asiriya ibuyela ekhaya.

Umbuso wezizwe ezimbili uyasindiswa, abantu baba nokuthula isikhashana. Kodwa ngemva kokufa kukaHezekiya indodana yakhe uManase uba yinkosi. UManase nendodana yakhe u-Amoni eyamlandela bangamakhosi amabi. Ngakho izwe linobugebengu nobudlova futhi. Uma iNkosi u-Amoni ifa, indodana yakhe uJosiya uba inkosi yombuso wezizwe ezimbili.