Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 67

UJehoshafati Wethemba Inkosi

UJehoshafati Wethemba Inkosi

UYAZI ukuthi angobani la madoda nokuthi enzani? Aya empini, amadoda angaphambili ayacula. Kodwa ungase ubuze: ‘Kungani abaculayo bengenazo izinkemba nemikhonto yokulwa!’ Ake sibone.

UJehoshafati uyinkosi yombuso wezizwe ezimbili zakwa-Israyeli. Uphila ngesikhathi esifanayo neseNkosi u-Ahabi noJezebeli bombuso wezizwe eziyi-10 wasenyakatho. Kodwa uJehoshafati uyinkosi elungileyo, noyise u-Asa wayeyinkosi enhle. Ngakho eminyakeni eminingi abantu bombuso waseningizimu wezizwe ezimbili babephila impilo enhle.

Kodwa manje kwenzeka okuthile okwethusa abantu. Izithunywa ziyabika kuJehoshafati: ‘Impi enkulu yamazwe akwaMowabi, u-Amoni nelaseNtabeni iSeyiri iyeza izokuhlasela.’ Ama-Israyeli amaningi ahlangana eJerusalema afuna usizo lukaJehova. Aya ethempelini, uJehoshafati akhuleke khona: ‘O Jehova Nkulunkulu wethu, asikwazi esizokwenza. Asilutho kule mpi enkulu. Sibheke usizo kuwe.’

UJehova uyezwa, bese kuthi enye yezinceku zakhe itshele abantu: ‘Impi akuyona eyenu, ngekaJehova. Ngeke nilwe. Bukelani nje, nibone ukuthi uJehova uzonisindisa kanjani.’

Ngakusasa ekuseni uJehoshafati uthi kubantu: ‘Thembelani kuJehova!’ Abesebeka abahlabelelayo phambi kwamabutho akhe, njengoba bemasha bahamba behuba ezokudumisa uJehova. Uyazi ukuthi kwenzekani uma befika eduze kwempi? UJehova ubangela ukuba amabutho ezitha alwe wodwa. Uma ama-Israyeli efika, wonke amabutho ayizitha ayesefile!

Ingabe uJehoshafati wayengenzi uku-hlakanipha ngokwethemba uJehova? Nathi siyobe sihlakaniphile uma sithembela kuYena.