Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 63

INkosi USolomoni

INkosi USolomoni

USOLOMONI ungaphansi kwamashumi amabili eminyaka uma eba yinkosi. Uyamthanda uJehova, ulandela iseluleko esihle asinikezwa uyise uDavide. UJehova uyathokoza ngoSolomoni, ngakho ngobunye ubusuku uthi kuye ngephupho: ‘Solomoni, ufuna ngikunikezeni?’

Kulokhu uSolomoni uyaphendula: ‘Jehova Nkulunkulu wami, ngisemncane futhi angikwazi ukubusa. Ngakho nginike ukuhlakanipha kokubusa abantu bakho ngendlela eqondile.’

UJehova kuyamjabulisa okucelwa uSolomoni. Ngakho uthi: ‘Ngoba ucele ukuhlakanipha hhayi ukuphila kade noma ingcebo, ngizokunika ukuhlakanipha okungaphezu kwanoma ubani owake waphila. Futhi ngizokunikeza nongakucelanga, kokubili ingcebo nenkazimulo.’

Ngemva kwesikhathi esithile abesifazane ababili beza kuSolomoni nenkinga. Omunye wabo uyachaza: ‘Thina sobabili sihlala endlini eyodwa. Ngibelethe umfana, kwathi ngemva kwezinsuku ezimbili naye wabeletha umfana. Ngobunye ubusuku ingane yakhe ifile. Kodwa lapho ngilele ubeke ingane yakhe efile ngakimi wathatha eyami. Uma ngivuka ngibuka ingane efile, ngibonile ukuthi akuyona eyami.’

Kulokhu omunye uthi: ‘Cha! Ingane ephilayo eyami, efile ngeyakhe!’ Owesifazane wokuqala aphendule: ‘Cha! Ingane efile ngeyakho, ephilayo ngeyami!’ Yile ndlela abesifazane abaphikisana ngayo. Uzokwenzenjani uSolomoni?

Uthi makulethwe inkemba, abese ethi: ‘Sika ingane ephilayo phakathi, unikeze ngamunye wabesifazane ingxenye yayo.’

‘Cha!’ kukhala umama wangempela. ‘Sizani ningayibulali ingane. Okungcono mnikeni yona!’ Kodwa omunye wesifazane athi: ‘Ningayiniki noyedwa kithina; yihlukaniseni phakathi.’

Ekugcineni uSolomoni uyakhuluma: ‘Ungayibulali ingane! Yinikeze owesifazane wokuqala. Uyena ongumama wangempela.’ USolomoni uyakwazi lokhu ngoba umama woqobo uyithanda ingane kangangokuthi uzimisele ukuyinika lona omunye wesifazane kunokuba ibulawe. Uma abantu bezwa indlela uSolomoni axazulule ngayo le nkinga, bayajabula ngokuba nenkosi ehlakaniphile.

Ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni, uJehova ubusisa abantu ngokwenza umhlabathi umile inala kakolo nebhali; imivini namakhiwane nokunye ukudla. Abantu bagqoka kahle futhi bahlala ezindlini ezinhle. Kukhona inala yakho konke okuhle ngabo bonke.