Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 71

UJehova Uthembisa Ipharadesi

UJehova Uthembisa Ipharadesi

LONA umfanekiso wepharadesi njengalowo okungenzeka uJehova wawubonisa umprofethi u-Isaya. U-Isaya waphila ngemva nje kukaJona.

Ipharadesi lisho ‘ingadi’ noma ‘ipaki.’ Ingabe kukukhumbuza ngokuthile esesikubonile kakade kule ncwadi? Libukeka njengensimu enhle uJehova ayenzela u-Adamu no-Eva, akunjalo? Kodwa ingabe wonke umhlaba uyoke ube yipharadesi?

UJehova watshela umprofethi wakhe u-Isaya ukuba abhale ngepharadesi elizayo labantu bakaJehova. Wathi: ‘Izimpisi nezimvu ziyohlala ndawonye ngokuthula. Amathole namawundlu kuyodla ndawonye, kuqhutshwe umntwana omncane. Ngisho nomntwana akanakulimala uma edlala eduze kwenyoka eyingozi.

Abaningi bangathi: ‘Lokhu akunakwenzeka. Kudala kuhlushekwa emhlabeni, futhi kuyoqhubeka kunjalo.’ Kodwa ake ucabange ngakho: UJehova wabanika ikhaya elinjani o-Adamu no-Eva?

UNkulunkulu wabeka u-Adamu no-Eva epharadesi. Kuphela kungenxa yokungamlaleli uNkulunkulu ukuthi balahlekelwa yikhaya labo elihle, baguga bafa. UJehova uthembisa ukuthi uyonikeza abantu abamthandayo zona kanye izinto ezalahlekela u-Adamu no-Eva.

Epharadesi elisha elizayo akukho lutho oluyolimaza noma lonakalise. Kuyoba nokuthula okuphelele. Abantu bayoba nempilo bajabule. Kuyoba njengoba uNkulunkulu ayefuna kube njalo ekuqaleni. Kodwa sizobuye sifunde ukuthi uJehova uyokwenza kanjani lokho.