Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 76

IJerusalema Liyabhujiswa

IJerusalema Liyabhujiswa

SEKUYIMINYAKA eyi-10 kusukela iNkosi uNebukhadinezari yathatha wonke ama-Israyeli afundile yawayisa eBhabhiloni. Manje bheka okwenzekayo! IJerusalema liyashiswa. Ama-Israyeli angafanga athunjelwa eBhabhiloni.

Khumbula, yilokhu abaprofethi bakaJehova ababexwayise ukuthi kuyokwenzeka uma abantu bengashintshi izindlela zabo ezimbi. Kodwa ama-Israyeli awabalalelanga abaprofethi. Aqhubeka ekhonza onkulunkulu bamanga esikhundleni sikaJehova. Ngakho abantu kubafanele ukujeziswa. Lokhu sikwazi ngoba umprofethi kaJehova uHezekeli uyasitshela ngezinto ezimbi ama-Israyeli ayezenza.

Uyazi ukuthi ubani uHezekeli? Ungenye yezinsizwa iNkosi uNebukhadinezari azithumbela eBhabhiloni eminyakeni eyi-10 ngaphambi kwalokhu kubhujiswa okukhulu kweJerusalema. UDaniyeli nabangane bakhe abathathu, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego, bayiswa eBhabhiloni ngaleso sikhathi.

Ngesikhathi uHezekeli eseseBhabhiloni, uJehova umbonisa izinto ezimbi ezenzeka eJerusalema ethempelini. UJehova ukwenza ngesimangaliso lokhu. UHezekeli eqinisweni useseBhabhiloni, kodwa uJehova umenza abone konke okwenzeka ethempelini. Okubonwa uHezekeli kuyethusa!

UJehova uthi kuHezekeli: ‘Bheka izinto ezinyanyekayo ezenziwa ngabantu ethempelini. Bheka izindonga ezinemifanekiso yezinyoka nezinye izilwane. Bheka ama-Israyeli eyikhulekela!’ UHezekeli uyazibona lezi zinto. Ubhala phansi okwenzekayo.

‘Uyakubona okwenziwa ngabaholi bama-Israyeli ngasese?’ UJehova ebuza uHezekeli. Yebo, nalokhu uyakubona. Kunamadoda angu-70, wonke akhulekela onkulunkulu bamanga. Athi: ‘UJehova akasiboni. Ulishiyile izwe.’

UJehova abe esebonisa uHezekeli abesifazane esangweni elisenyakatho lethempeli. Bahleli lapho bakhonza unkulunkulu wamanga uTamuzi. Bheka amadoda asesangweni lethempeli likaJehova! Kunangama-25 awo. UHezekeli uyawabona. Akho-thamele ngasempumalanga akhulekela ilanga!

UJehova uthi: ‘Laba bantu abangihloniphi. Abenzi kuphela izinto ezimbi kodwa futhi bazozenzela ethempelini lami!’ Ngakho uJehova uyathembisa: ‘Bazoyibona intukuthelo yami. Ngeke ngibazwele uma bebhujiswa.’

Kungemva kweminyaka emithathu nje uJehova ebonise uHezekeli lezi zinto lapho ama-Israyeli ehlubuka eNkosini uNebukhadinezari. Ngakho uyawahlasela. Ngemva konyaka nengxenye abaseBhabhiloni bayazifohla izindonga zaseJerusalema bashisa umuzi. Abaningi kubantu bayabulawa noma bathunjelwa eBhabhiloni.

Kungani uJehova evumele loku kubhujiswa okubi kwenzeke kuma-Israyeli? Yebo, ngoba abamlalelanga uJehova futhi abayilalelanga imithetho yakhe. Lokhu kuyabonisa ukuthi kubaluleke kangakanani ngathi ukuba ngaso sonke isikhathi senze okushiwo uJehova.

Okokuqala kuvunyelwa abantu abambalwa bahlale ezweni lakwa-Israyeli. INkosi uNebukhadinezari ibeka umJuda okuthiwa uGedaliya phezu kwalaba bantu. Kodwa amanye ama-Israyeli ayambulala uGedaliya. Manje abantu besaba ukuthi abaseBhabhiloni bazofika bababhubhise bonke ngenxa yokwenzeka kwale nto embi. Ngakho baphoqelela uJeremiya ukuba ahambe nabo, babalekela eGibhithe.

Lokhu kushiya izwe lakwa-Israyeli lingenabantu. Akukho muntu ohlala ezweni iminyaka engama-70. Alinamuntu ngokuphelele. Kodwa uJehova uthembisa ukuthi uyobuyisela abantu bakhe ezweni ngemva kweminyaka engama-70. Phakathi naleso sikhathi, kwenzekani kubantu bakaNkulunkulu ezweni laseBhabhiloni lapho bethunjelwe khona? Ake sibone.

2 AmaKhosi 25:1-26; Jeremiya 29:10; Hezekeli 1:1-3; 8:1-18.