Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 62

Umuzi KaDavide Enkathazweni

Umuzi KaDavide Enkathazweni

NGEMVA kokuqala kukaDavide ukubusa eJerusalema, uJehova usiza impi yakhe ekunqobeni izitha zayo. UJehova wayethembise ukunikeza ama-Israyeli izwe laseKhanani. Manje, ngosizo lukaJehova, lonke izwe ababethenjiswe lona liba ngelabo.

UDavide ungumbusi olungileyo. Uyamthanda uJehova. Ngakho into yokuqala ayenzayo ngemva kokuthumba iJerusalema iwukuletha umphongolo kaJehova wesivumelwano khona. Futhi ufuna ukwakha ithempeli azowubeka kulo.

Uma uDavide ekhula, wenza iphutha elibi. UDavide uyazi ukuthi akulungile ukuthatha into yomunye. Kodwa ngobunye ubusuku, esophahleni lwendlu yakhe, ubuka phansi abone owesifazane omuhle. Igama lakhe uBhati-sheba. Indoda yakhe ingelinye lamaqhawe akhe u-Uriya.

UDavide ufuna uBhati-sheba kangangokuthi umbizela endlini yakhe. Indoda yakhe isempini. UDavide uthandana naye bese kuthi kamuva athole ukuthi uzoba nomntwana. UDavide ukhathazekile athumele enduneni yakhe yempi uJowabe ukuba u-Uriya abekwe ngaphambili empini ukuze abulawe. Uma u-Uriya esefile, uDavide ushada noBhati-sheba.

UJehova umthukuthelele uDavide. Ngakho uthumela inceku yakhe uNathani ukuba amtshele ngezono zakhe. Ungase umbone uNathani lapha ekhuluma noDavide. UDavide udabuke kakhulu ngakwenzileyo, ngakho uJehova akambulali. Kodwa uJehova uthi: ‘Ngenxa yokwenza lezi zinto ezimbi, uzoba nezinkathazo eziningi emzini wakho.’ Yeka inkathazo uDavide anayo!

Okokuqala indodana kaBhati-sheba iyafa. Izibulo likaDavide u-Amnoni libizela udadewabo uThamari ngasese lilale naye. Indodana kaDavide u-Absalomu iyathukuthela ngalokhu imbulale u-Amnoni. Kamuva u-Absalomu uthonya abantu abaningi bamthande, azenze inkosi. Ekugcineni, uDavide uyanqoba empini yakhe no-Absalomu, abulawe u-Absalomu. Yebo, uDavide unezinkinga eziningi.

Phakathi nalokhu, uBhati-sheba uzala indodana enguSolomoni. UDavide usekhulile futhi uyagula, indodana yakhe u-Adoniya izama ukuzenza inkosi. Ngalokho uDavide ubiza umpristi uZadoki ukuba agcobe ikhanda likaSolomoni ngamafutha abonise ukuthi uSolomoni uzoba inkosi. Ngokushesha ngemva kwalokho uDavide ufa eneminyaka engu-70. Wabusa iminyaka engu-40, kodwa manje uSolomoni useyinkosi kwa-Israyeli.