Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 70

UJona Nenhlanzi Enkulu

UJona Nenhlanzi Enkulu

BHEKA le ndoda esemanzini. Isenkathazweni, akunjalo? Leya nhlanzi isizoyigwinya! Uyazi ukuthi le ndoda ingubani? Igama layo uJona. Ake sibone ukuthi yangena kanjani kule nkathazo.

UJona ungumprofethi kaJehova. Esikhathini esingeside ngemva kokufa komprofethi u-Elisha uJehova utshela uJona: ‘Yiya emzini omkhulu waseNineve. Ububi babantu khona bukhulu kakhulu. Ngifuna ukhulume nabo ngabo.’

Kodwa uJona akafuni ukuya. Ngakho ugibela umkhumbi oya kude naseNineve. UJehova akajabuli ngokubaleka kukaJona. Ngakho ubangela isiphepho esikhulu. Sibi kangangokuthi umkhumbi uba sengozini yokucwila. Amatilosi esaba kakhulu, acele usizo konkulunkulu bawo.

Ekugcineni uJona uyawatshela: ‘Ngikhulekela uJehova, owenza izulu nomhlaba. Ngibalekela ukwenza lokho angitshele ukuba ngikwenze.’ Amatilosi ayabuza: ‘Kufanele sikwenze njani ukuze sinqande isiphepho?’

UJona athi: ‘Ngiphonseni olwandle, ulwandle luzothula futhi.’ Amatilosi awafuni ukwenza lokho; kodwa njengoba isiphepho siya phambili ekugcineni aphonsa uJona olwandle. Isiphepho siphele khona lapho, ulwandle luthule futhi.

Njengoba uJona eshona phansi emanzini, inhlanzi enkulu iyamgwinya. Akafi. Izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu usesiswini senhlanzi. UJona udabuke kakhulu ngokungalaleli uJehova aye eNineve. Uyazi ukuthi wenzani?

UJona uthandazela usizo kuJehova. UJehova enze ukuba inhlanzi imhlanze ezweni elomile. Ngemva kwalokho uJona uya eNineve. Ingabe lokhu akufundisi ukuthi kubaluleke kangakanani ukwenza noma yini uJehova ayishoyo?

Incwadi yeBhayibheli kaJona.