Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 59

Okwenza UDavide Abaleke

Okwenza UDavide Abaleke

NGEMVA kokubulala kukaDavide uGoliyati, induna yempi ka-Israyeli u-Abhineri umyisa kuSawule. USawule ujabula kakhulu ngoDavide. Umenza induna yempi yakhe ayomhlalisa emzini wenkosi.

Kamuva, lapho amabutho ebuya ukuyokulwa namaFilisti, abesifazane bayahlabelela: ‘USawule ubulele izinkulungwane, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.’ Lokhu kwenza uSawule abe nomona, ngoba uDavide udunyiswa ngaphezu kwakhe. Kodwa indodana kaSawule uJonathani ayinamona. Umthanda kakhulu uDavide, noDavide uyamthanda uJonathani. Ngakho bobabili benza isivumelwano sokuba ngabangane njalo.

UDavide ungumdlali wehabhu, futhi uSawule uyawuthanda umculo awudlalayo. Kodwa ngelinye ilanga umona kaSawule ubangela ukuba enze into embi. Lapho uDavide edlala ihabhu, uSawule uthatha umkhonto wakhe amcibe, athi: ‘Ngizomhlaba ngimhlanganise nodonga uDavide!’ Kodwa uDavide uyavika, umkhonto uphaphalaze. Waphinde wahluleka futhi uSawule ukuhlaba uDavide kamuva. Manje uDavide useyazi ukuthi kufanele anakekele.

Uyasikhumbula isithembiso esenziwa uSawule? Wathi uzoganisela umuntu obulele uGoliyati ngendodakazi yakhe. Ekugcineni uSawule utshela uDavide ukuthi angamthatha uMikhali indodakazi yakhe, kodwa okokuqala kufanele abulale amaFilisti ayi-100. Cabanga nje ngalokho! USawule unethemba lokuthi amaFilisti azobulala uDavide. Kodwa awambulali, ngakho uSawule uganisela uDavide ngendodakazi yakhe.

Ngelinye ilanga uSawule utshela uJonathani nezinceku zakhe ukuthi ufuna ukubulala uDavide. Kodwa uJonathani uthi kuyise: ‘Ungamlimazi uDavide. Akazange enze okubi kuwe. Kunalokho, konke akwenzile kuwusizo olukhulu kuwe. Wadela ukuphila kwakhe wabulala uGoliyati, lapho ukubona, wajabula.’

USawule uyayilalela indodana yakhe, uthembisa ukungamlimazi uDavide. UDavide uyabuyiswa, aphinde akhonze uSawule endlini yakhe njengakuqala. Ngelinye ilanga, uDavide edlala ihabhu, uSawule uphinda uyamciba uDavide. UDavide uyavika, umkhonto uhlabe udonga. Manje sekungokwesithathu! UDavide uyazi manje ukuthi kufanele abaleke!

Ngalobo busuku uDavide uya endlini yakhe. USawule uthuma amadoda ukuba ayombulala. UMikhali uyazi ukuthi uyise ufuna ukwenzani. Utshela indoda yakhe: ‘Uma ungabaleki namuhla ebusuku, kusasa uzobe ufile.’ Ngalobo busuku uMikhali ukhipha uDavide ngewindi. Kwaphela cishe iminyaka eyi-7 uDavide elokhu ecasha ezindaweni ezihlukahlukene ukuze uSawule angamtholi.