Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 5

Ukuthunjelwa EBhabhiloni Kuze Kube Sekwakhiweni Kwezindonga ZeJerusalema

Ukuthunjelwa EBhabhiloni Kuze Kube Sekwakhiweni Kwezindonga ZeJerusalema

Ngesikhathi ethunjelwe eBhabhiloni, ama-Israyeli aba nokuvivinywa okuningi kokholo lwawo. UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphonswa esithandweni somlilo, kodwa uNkulunkulu wabakhipha bephila. Kamuva, ngemva kokunqotshwa kweBhabhiloni ngamaMede namaPheresiya, uDaniyeli waphonswa emphandwini wamabhubesi, kodwa uNkulunkulu futhi wamvikela ngokuvala imilomo yamabhubesi.

Ekugcineni, inkosi yasePheresiya uKoresi wawakhulula ama-Israyeli. Abuyela ezweni lawo ngemva kweminyaka engama-70 ethuthele eBhabhiloni njengezithunjwa. Enye yezinto zokuqala abayenza ngemva kokubuyela eJerusalema kwakuwukuqala ukwakha ithempeli likaJehova. Nokho, izitha ngokushesha zawuvimba umsebenzi wabo. Kwaze kwaba cishe iminyaka engama-22 ngemva kokubuyela eJerusalema lapho ithempeli laphela khona.

Ngemva kwalokho, sifunda ngohambo luka-Ezra ebuyela eJerusalema eyolungisa ithempeli. Lokhu kwakungemva kweminyaka engama-47 ithempeli liphelile. Eminyakeni engu-13 ngemva kohambo luka-Ezra, uNehemiya wasiza ekwakheni izindonga zeJerusalema ezazidilikile. Ingxenye YESIHLANU ihlanganisa iminyaka eyi-152 yomlando kuze kube kulesi sikhathi.

 

KULE NGXENYE

INDABA 77

Babengasoze Bakhuleke

Ingabe uNkulunkulu uzobasindisa labafana abalalelayo abathathu esithandweni somilo?

INDABA 78

Umbhalo Wesandla Odongeni

Umprofethi uDaniyeli uchaza amagama ayimfihlo amane.

INDABA 79

UDaniyeli Emabhubesini

UDaniyeli wathola isigwebo sokufa, ingabe engakwazi ukuphunyuka?

INDABA 80

Ama-Israyeli Aphuma EBhabhele

INkosi uKoresi yasePheresiya wagcwalisa isiprofetho esisodwa lapho ethumba iBhabhiloni, manje usegcwalisa nesinye.

INDABA 81

Ukuthembela KuNkulunkulu

Ama-Israyeli aphula imithetho yabantu ukuze belalele uNkulunkulu. Ingabe uNkulunkulu uzobabusisa?

INDABA 82

UMoridekayi No-Esteri

INdlovukazi uVashiti wayemuhle, kodwa iNkosi u-Ahashiveroshi wabeka u-Esteri njengendlovukazi entsha esikhundleli sikaVashiti. Kungani?

INDABA 83

Izindonga ZaseJerusalema

Njengoba beqhubeka nokwakha abasebenzi kudingeka balungise izinkemba nemikhonto yabo behlale beqaphile imini nobusuku.