Ingxenye 6
Ukuzalwa KukaJesu Kuya Ekufeni Kwakhe
Ingelosi uGabriyeli yathunywa kowesifazane omuhle osemncane ogama lakhe lalinguMariya. Yamtshela ukuthi wayezoba nomntwana owayezobusa njengenkosi kuze kube phakade. Lo mntwana, uJesu, wazalelwa esitebeleni, lapho avakashelwa khona ngabelusi. Kamuva, inkanyezi yaqondisa amadoda ayevela eMpumalanga eya kumntwana omncane. Siyafunda ukuthi ubani owawabangela ukuba abone leyo nkanyezi, nokuthi uJesu wasindiswa kanjani emizamweni yokumbulala.
Ngokulandelayo, sithola uJesu eseneminyaka eyi-12 ubudala, ekhuluma nabefundisi ethempelini. Eminyakeni eyishumi nesishiyagalombili kamuva uJesu wabhapathizwa wayeseqalisa umsebenzi wokushumayela nokufundisa ngoMbuso uNkulunkulu ayemthumele ukuba awenze emhlabeni. Ukuze amsize kulo msebenzi, uJesu wakhetha amadoda ayi-12 wawenza abaphostoli bakhe.
UJesu futhi wenza izimangaliso eziningi. Wasuthisa izinkulungwane zabantu ngezinhlanzi ezimbalwa nje nezinkwa. Wasindisa abagulayo wavusa ngisho nabafileyo. Ekugcineni, sifunda ngezinto eziningi ezenzeka kuJesu ngosuku lokugcina lokuphila kwakhe, nokuthi wabulawa kanjani. UJesu washumayela iminyaka ethi ayibe mithathu nengxenye, ngakho INGXENYE 6 ihlanganisa isikhathi esingaphezuywana kweminyaka engu-34.
KULE NGXENYE
INDABA 84
Ingelosi Ihambela UMariya
Iletha umyalezo ovela kuNkulunkulu: UMariya uzoba nengane eyobusa njengenkosi kuze kube phakade.
INDABA 85
UJesu Uzalelwa Esitebeleni
Kungani umuntu owayezoba yinkosi ayeyozalelwa lapho kudla khona izilwane?
INDABA 86
Amadoda Aholwa Yinkanyezi
Ubani owaholela amadoda abhula ngezinkanyezi kuJesu? Impendulo ingase ikumangaze.
INDABA 88
UJohane Ubhapathiza UJesu
UJohane ubebhapathiza izoni kodwa uJesu akakaze one. Kungani uJohane embhapathiza?
INDABA 90
Unowesifazane Emthonjeni
Amanzi uJesu afuna ukuwanikeza owesifazane angamenza kanjani ukuthi angabe esoma nhlobo?
INDABA 91
UJesu Ufundisa ENtabeni
Funda ngokuhlakanipha okungaphelelwa yisikhathi okuseNtshumayelweni yaseNtabeni.
INDABA 92
UJesu Uvusa Abafileyo
Esebenzisa amandla kaNkulunkulu uJesu washo amazwi alula amabili wavusa indodakazi kaJayiru.
INDABA 93
UJesu Usuthisa Izixuku
Yini uJesu ayibonisa ngokusuthisa abantu abayizinkulungwane ngokuyisimangaliso?
INDABA 94
Uyabathanda Abantwana
UJesu ufundisa abapostoli bakhe ukuthi kuningi okufanele bakufunde hhayi nje kuphela ngezingane kodwa nakuzo izingane.
INDABA 95
Indlela Yokufundisa KukaJesu
Umfanekiso kaJesu womakhelwane ongumSamariya uyisibonelo sendlela kaJesu ayevame ukuyisebenzisa.
INDABA 97
UJesu Uza Njengenkosi
Isixuku esikhulu samukela uJesu, kodwa akuwona wonke umuntu ojabule ngalokho.
INDABA 98
ENtabeni Yeminqumo
UJesu utshela abaphostoli bakhe abane ngezinto eziyokwenzeka esikhathi sethu.
INDABA 99
Ekamelweni Eliphezulu
Kungani uJesu atshela abafundi bakhe ukuba babe nalesi sidlo esikhethekile unyaka ngamunye?