Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 95

Indlela Yokufundisa KukaJesu

Indlela Yokufundisa KukaJesu

NGELINYE ilanga uJesu utshela indoda ukuthi kufanele ithande umakhelwane wayo. Indoda iyambuza: ‘Ubani umakhelwane wami?’ UJesu uyazi ukuthi le ndoda icabangani. Yayicabanga ukuthi abantu besizwe sakubo nenkolo kuphela abangomakhelwane bayo. Ake sibone ukuthi uJesu uthini kuyo.

Ngezinye izikhathi uJesu ufundisa ngokuxoxa indaba. Yilokho akwenzayo manje. Ulandisa ngendaba yomJuda nomSamariya. Sifundile kakade ukuthi amaJuda amaningi awawathandi amaSamariya. Nansi indaba kaJesu:

Ngelinye ilanga kwakunomJuda owayehamba ngendlela yasentabeni eya eJeriko. Abaphangi bambamba. Bathatha imali yakhe bamshaya wacishe wafa.

Kamuva, umpristi ongumJuda weza ngaleyo ndlela. Wabona indoda elimele. Ucabanga ukuthi wenzani? Phela, wamane wagwegwesa, wahamba. Kwase kuza umuntu okholwe kakhulu. WayemgumLevi. Ingabe wama? Cha akamanga ukuze asize indoda eshayiwe. Ungase umbone umpristi nomLevi behamba ngendlela sebeyibanga.

Bheka ukuthi ubani onale ndoda eshayiwe. UmSamariya. Usiza umJuda. Ufaka umuthi othile emanxebeni akhe. Kamuva, uthatha lo mJuda umyisa endaweni lapho engase aphumule khona abe ngcono.

Ngemva kokuqeda indaba yakhe, uJesu uthi endodeni embuze umbuzo: ‘Yimuphi kulaba abathathu obona ukuthi wenza njengomakhelwane wendoda eshayiwe? Ingabe kwakuwumpristi, umLevi noma umSamariya?’

Le ndoda iyaphendula: ‘UmSamariya. Waba nomusa endodeni eyayishayiwe.’

UJesu uthi: ‘Uqinisile. Ngakho hamba uphathe abanye njengoba enza.’

Awuyithandi indlela uJesu afundisa ngayo? Singafunda izinto eziningi nezibaluleke kakhulu uma silalela lokho uJesu akushoyo eBhayibhelini, akunjalo?