Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 87

UJesu Omncane Ethempelini

UJesu Omncane Ethempelini

BHEKA lo mfana omncane ekhuluma nala madoda amadala. Angabafundisi ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema. Lo mfana uJesu. Usekhulakhulile. Manje uneminyaka engu-12 ubudala.

Abafundisi bayamangala ngokuthi uJesu wazi okuningi kangaka ngoNkulunkulu nangezinto ezibhalwe eBhayibhelini. Kodwa kungani uJosefa noMariya bengekho lapha nabo? Bakuphi? Ake sizwe.

Unyaka ngamunye uJosefa uletha umkhaya wakhe eJerusalema ngomkhosi obalulekile okuthiwa yiPhasika. Uhambo olude ukusuka eNazaretha kuya eJerusalema. Akekho onemoto, azikho nezitimela. Babengenazo ngalezo zinsuku. Iningi labantu lihamba ngezinyawo, kuthatha cishe izinsuku ezintathu ukufika eJerusalema.

Manje uJosefa usenomkhaya omkhulu. Ngakho kukhona abanye abafowabo bakaJesu nodadewabo abancane abanakekelayo. Kulo nyaka uJosefa noMariya bahamba nabantwana babo ohambweni olude lokubuyela eNazaretha. Bacabanga ukuthi uJesu uhambisana nabanye. Kodwa uma bema ekupheleni kosuku, abamtholi uJesu. Bambheka ezihlotsheni zabo nabangane, kodwa akekho! Ngakho babuyela eJerusalema bayomfuna khona.

Ekugcineni bathola uJesu lapho nabafundisi. Ubalalele ubuza imibuzo. Bonke abantu bamangele ngokuhlakanipha kukaJesu. Kodwa uMariya uthi: ‘Mntanami, usenzeleni into enjena? Sinoyihlo besikhathazeke kabi sifuna wena.’

UJesu uyaphendula: ‘Beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe kokukaBaba na?’

Yebo, uJesu uyathanda ukuba lapho engafunda khona ngoNkulunkulu. Akuyona yini indlela okufanele sizizwe ngayo nathi leyo? Emuva ekhaya eNazaretha, uJesu wayeya emihlanganweni masonto onke. Ngenxa yokulalela njalo, wafunda izinto eziningi eBhayibhelini. Masifane noJesu silandele isibonelo sakhe.