Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 89

UJesu Uhlanza Ithempeli

UJesu Uhlanza Ithempeli

UJESU ubukeka ethukuthele ngempela lapha, akunjalo? Uyazi ukuthi kungani? Kungoba la madoda asethempelini likaJehova eJerusalema anobugovu. Azama ukwenza imali kubantu abazokhulekela uNkulunkulu lapha.

Uyazibona zonke leziya zinkomo nezimvu namajuba? La madoda athengisa lezi zilwane lapha ethempelini. Uyazi ukuthi kungani? Ngoba ama-Israyeli adinga izilwane nezinyoni zokwenza umhlatshelo kuNkulunkulu.

Umthetho kaJehova wawuthi uma umIsrayeli onile, kufanele enze umnikelo kuJehova. Kwakunezinye izikhathi futhi lapho ama-Israyeli kwakufanele enze iminikelo. Kodwa umIsrayeli wayengazitholaphi izinyoni nezilwane zokwenza umnikelo kuNkulunkulu?

Amanye ama-Israyeli ayenezinyoni nezilwane ngakho ayenganikela ngazo. Kodwa amaningi ama-Israyeli ayengenazo. Amanye ayehlala kude neJerusalema, ngakho ayengenakuziletha izilwane zawo ethempelini. Ngakho laba bantu babeza lapha balethe izilwane noma izinyoni ezazidingeka. La madoda ayebiza imali eyeqile. Ayebarobha abantu. Nangaphandle kwalokho, kwakungafanele athengise lapha ethempelini likaJehova.

Yilokhu okuthukuthelisa uJesu. Ngakho ugumbuqela amatafula ala madoda asakaze imali yawo. Wenza inkalivasi futhi aqhube zonke izilwane azikhiphe ethempelini. Uyala amadoda athengisa amajuba: ‘Wakhipheni lapha! Ningayenzi indlu kaBaba indawo yokuzuza imali.’

Abanye babalandeli bakaJesu bakanye naye lapha ethempelini eJerusalema. Bayamangala ngokubona okwenziwa uJesu. Khona-ke bakhumbula indawo eBhayibhelini lapho kuthi ngeNdodana kaJehova: ‘Ukushisekela indlu kaNkulunkulu kuyomudla njengomlilo.’

Ngesikhathi uJesu elapha eJerusalema ePhasikeni, wenza izimangaliso eziningi. Kamuva, uJesu uyahamba eJudiya aqale uhambo lokubuyela eGalile. Endleleni, udabula isifunda sase-Samariya. Ake sibone ukuthi kwenzekani khona.