Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 92

UJesu Uvusa Abafileyo

UJesu Uvusa Abafileyo

LE NTOMBAZANE oyibona lapha ineminyaka engu-12. UJesu ubambe isandla sayo, uyise nonina eduze. Uyazi kungani bejabule kangaka? Ake sizwe.

Uyise wentombazane uyindoda ebalulekile uJayiru. Ngelinye ilanga indodakazi yakhe iyagula, ilale embhedeni. Kodwa ayibi ngcono. Iyaqhubeka nokugula. UJayiru nomkakhe bakhathazekile, ngoba kubonakala sengathi indodakazi yabo izokufa. Iwukuphela kwendodakazi yabo. Ngakho uJayiru uyofuna uJesu. Uzwile ngezimangaliso ezenziwa uJesu.

Uma uJayiru ethola uJesu, kunesixuku esikhulu esimzungezile. UJayiru uyadlula esixukwini awele ezinyaweni zikaJesu. Ngokuncenga athi: ‘Indodakazi yami igula kabi. Siza uze uzoyisindisa.’ UJesu uthi uzokuza.

Njengoba behamba, isixuku silokhu sisondela. UJesu abese ema ngokushesha. Uyabuza: ‘Ubani ongithintile?’ Uzwe amandla ephuma kuye, ngakho uyazi ukuthi kukhona omthintile. Kodwa ubani? Ngowesifazane osegule iminyaka eyi-12. Uye weza wathinta izingubo zikaJesu, wasinda!

Lokhu kwenza uJayiru azizwe engcono, ngoba uyabona ukuthi kulula kanjani ngoJesu ukuphilisa umuntu. Kodwa manje kufika isithunywa. Sithi kuJayiru: ‘Ningamkhathazi uJesu, indodakazi yakho isifile.’ UJesu akuzwe lokhu athi kuJayiru: ‘Ungakhathazeki, izophila.’

Uma befika emzini kaJayiru, abantu bakhala kalusizi. Kodwa uJesu uthi: ‘Ningakhali. Ingane ayifile, ilele.’ Kodwa bamhleka usulu uJesu, ngoba bayazi ukuthi ifile.

UJesu uthatha uyise wentombazane nonina nabathathu kubaphostoli bakhe bangene ekamelweni lapho umntwana elele khona. Umbamba ngesandla athi: ‘Vuka!’ Abese ephila, njengoba ubona lapha. Uvuka ahambe! Kungakho unina noyise bejabule kangaka.

Akuyena umuntu wokuqala lona uJesu amvusa kwabafileyo. Owokuqala iBhayibheli elilandisa ngaye yindodana yomfelokazi ohlala emzini waseNayini. Kamuva, uJesu wavusa uLazaru, umfowabo kaMariya noMarta. Uma uJesu esebusa njengenkosi kaNkulunkulu, uyovusela abantu abaningi ekuphileni. Asina-kujabula ngalokho?