Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 97

UJesu Uza Njengenkosi

UJesu Uza Njengenkosi

NGESIKHASHANA ngemva kokuphulukisa iziphanzi ezimbili eziyizimpumputhe, uJesu ufika emzaneni omncane eduze kwaseJerusalema. Utshela ababili kubafundi bakhe: ‘Hambani niye emzini, niyothola ithole lembongolo. Likhululeni nililethe kimi.’

Uma imbongolo ilethwa kuye, uJesu ugibela kuyo. Ungena eJerusalema elingekude kangako. Uma esondela emzini, isixuku esikhulu sabantu siyamhlangabeza. Abaningi bakhumula amabhantshi abo bawabeka endleleni. Abanye bakha amahlamvu esundu. Bawabeka endleleni, bamemeze: ‘Ubusisiwe ozayo egameni likaJehova!’

Kudala kwa-Israyeli amakhosi amasha ayegibela ithole lembongolo angene eJerusalema ukuze azibonakalise kubantu. Yilokho uJesu akwenzayo. Nabantu babonisa ukuthi bafuna uJesu abe yinkosi yabo. Kodwa akubona bonke abantu abamfunayo. Lokhu singakubona ngalokho okwenzeka uma uJesu eya ethempelini.

Ethempelini uJesu uphilisa abantu abayizimpumputhe nabakhubazekile. Uma abantwana bebona lokhu, badumisa uJesu. Kodwa lokhu kuyabathukuthelisa abapristi, bathi kuJesu: ‘Uyezwa ukuthi izingane zithini?’

‘Yebo, ngiyezwa,’ kusho uJesu. ‘Anikaze nifunde eBhayibhelini lapho kuthi khona: “Emilonyeni yezingane uNkulunkulu uzilungisele indumiso?”’ Ngakho izingane ziyaqhubeka zimdumisa.

Sifuna ukufana nalezo zingane, akunjalo? Abanye abantu bangazama ukusivimbela ukuba sikhulume ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa siyoqhubeka sitshela abanye izinto ezimangalisayo uJesu azozenzela abantu.

Kwakungakabi isikhathi ngoJesu sokuba aqale ukubusa njenge-nkosi ngesikhathi esemhlabeni. Siyofika nini leso sikhathi? Abafundi bakaJesu bafuna ukwazi. Sizofunda ngakho ngokulandelayo.