Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 85

UJesu Uzalelwa Esitebeleni

UJesu Uzalelwa Esitebeleni

UYAZI ukuthi ubani lo mntwana? Yebo, uJesu. Usanda kuzalwa nje esitebeleni. Isitebele indawo okugcinwa kuyo izilwane. UMariya ulalise uJesu emkhombeni, okuyindawo okuphakelwa kuyo izimbongolo nenye imfuyo. Kodwa kungani uMariya noJosefa belapha nezilwane? Lena akuyona indawo okungazalelwa kuyona umntwana, akunjalo?

Cha akuyona. Kodwa nakhu okwenza babe lapha: Umbusi waseRoma, uKhesari Awugustu, wenza umthetho wokuthi wonke umuntu abuyele emzini wakubo wokuzalwa ayobhaliswa. UJosefa wazalelwa lapha eBhetlehema. Kodwa uma befika noMariya, yayingasekho indawo. Ngakho kwafuneka beze lapha ezilwaneni. Ngalo lelo langa uMariya wabeletha uJesu! Kodwa, njengoba ungabona, uphile kahle.

Uyababona abelusi bezobona uJesu? Bebesendle ebusuku beluse izimvu zabo, kwaba khona ukukhanya okukhulu kubo. Kwakuyingelosi! Abelusi bethuka kakhulu. Kodwa ingelosi yathi: ‘Ningesabi! Nginiphathele izindaba ezinhle. Namuhla, eBhetlehema, uKristu iNkosi uzelwe. Uzosindisa abantu! Niyomthola esongwe ngembeleko elele emkhombeni.’ Ngokushesha kwafika uquqaba lwezingelosi zadumisa uNkulunkulu. Ngakho laba belusi baphuthuma bayofuna uJesu, manje sebemtholile.

Uyazi ukuthi kungani uJesu ekhetheke kangaka? Uyazi ukuthi ungubani ngempela? Khumbula, endabeni yokuqala yale ncwadi sikhulume ngeNdodana kaNkulunkulu yokuqala. Le Ndodana yasebenza noJehova ekwakheni amazulu nomhlaba nakho konke okunye. UJesu lowo!

Yebo, uJehova wathatha ukuphila kweNdodana yakhe ezulwini wakufaka kuMariya. Khona lapho umntwana waqala ukukhula ngaphakathi kuye njengoba nabanye abantwana bekhula konina. Kodwa lo mntwana wayeyiNdodana kaJehova. Ekugcineni uJesu wazalwa lapha esitebeleni eBhetlehema. Uyabona manje ukuthi kungani izingelosi zazijabule kangaka ngokutshela abantu ukuthi uJesu uzelwe?