Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 8

Okubikezelwa YiBhayibheli Kuba Yiqiniso

Okubikezelwa YiBhayibheli Kuba Yiqiniso

IBhayibheli alinikezi kuphela indaba eyiqiniso yokwenzeka esikhathini esidlule kodwa futhi lilandisa ngokuyokwenzeka esikhathini esizayo. Abantu abanakubikezela ngesikhathi esizayo. Kungakho sazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu. Lithini iBhayibheli ngesikhathi esizayo?

Lilandisa ngempi enkulu kaNkulunkulu. Kule mpi uNkulunkulu uyohlanza umhlaba asuse bonke ububi nabantu ababi, kodwa uyovikela labo abamkhonzayo. Inkosi kaNkulunkulu, uJesu Kristu, uyokwenza ukuba izinceku zikaNkulunkulu zijabulele ukuthula nenjabulo, nokuba futhi zingaphinde zigule noma zife.

Singajabula ngokuthi uNkulunkulu uyokwenza ipharadesi elisha emhlabeni, akunjalo? Kodwa kufanele senze okuthile uma sifuna ukuphila kulelo pharadesi. Endabeni yokugcina yencwadi sifunda ngalokho okufanele sikwenze ukuze sijabulele izinto ezimangalisayo uNkulunkulu azibekele labo abamkhonzayo. Ngakho funda INGXENYE 8 uzwe ukuthi iBhayibheli libikezelani ngesikhathi esizayo.

 

KULE NGXENYE

INDABA 114

Ukuphela Kwabo Bonke Ububi

Kungani uNkulunkulu ethumela amabutho aholwa uJesu ukuba ayolwa e-Armagedoni?

INDABA 115

IPharadesi Elisha Emhlabeni

Abantu bakhe bahlala ePharadesi emhlabeni futhi lokho kusazokwenzeka.

INDABA 116

Indlela Yokuphila Phakade

Ingabe kwanele ukwazi ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu? Uma kungenjalo, yini enye okufanele siyazi?