Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 116

Indlela Yokuphila Phakade

Indlela Yokuphila Phakade

UNGASHO ukuthi le ntombazanyana nabangane bayo bafundani? Yebo, yiyo kanye le ncwadi oyifundayo—Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Futhi bafunda yona kanye indaba oyifundayo, ethi “Indlela Yokuphila Phakade.”

Uyazi ukuthi bafunda ngani? Okokuqala, ukuthi sidinga ukwazi uJehova neNdodana yakhe uJesu ukuze siphile phakade. IBhayibheli lithi: ‘Nansi indlela yokuphila phakade. Funda ngokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, neNdodana yakhe uJesu Kristu.’

Singafunda kanjani ngoJehova neNdodana yakhe uJesu? Enye indlela iwukufunda Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Isho okuningi ngoJehova noJesu, akunjalo? Futhi isho okuningi ngezinto abaye bazenza nabasazozenza. Kodwa sidinga ukwenza okungaphezu nje kokufunda le ncwadi.

Uyayibona incwadi ephansi? YiBhayibheli. Yiba nothile akufundele izingxenye zeBhayibheli lapho lezi zindaba zisekelwe khona. IBhayibheli lisinikeza ukwaziswa okugcwele esikudingayo ukuze sonke sikwazi ukukhonza uJehova ngendlela eqondile futhi sizuze ukuphila okuphakade. Ngakho kufanele sikwenze umkhuba ukutadisha iBhayibheli njalo.

Kodwa ukufunda nje ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu akwanele. Singase sibe nolwazi oluningi ngabo nezimfundiso zabo, kodwa singakutholi ukuphila okuphakade. Uyakwazi okunye okudingekayo?

Sidinga futhi ukuphila ngokuvumelana nezinto esizifundayo. Uyamkhumbula uJuda Iskariyothe? Wayengomunye wabayi-12 uJesu abakhetha ukuba babe ngabaphostoli bakhe. UJuda wayazi okuningi ngoJehova noJesu. Kodwa kwenzekani kuye? Kamuva waba nobugovu, wakhaphela uJesu ezitheni zakhe ngenxa yezinhlamvu ezingama-30 zesiliva. Ngakho uJuda akanakukuthola ukuphila okuphakade.

Uyamkhumbula uGehazi, indoda esifunde ngayo eNdabeni 69? Wayefuna ukuba nezingubo nemali okwakungekhona okwakhe. Waqamba amanga ukuze athole lezi zinto. Kodwa uJehova wamjezisa. Uyosijezisa nathi uma singayilaleli imithetho yakhe.

Kodwa kunabantu abaningi abalungileyo ababekhonza uJehova ngokwethembeka. Sifuna ukufana nabo, akunjalo? USamuweli omncane uyisibonelo esihle sokusilandela. Khumbula, njengoba sibonile eNdabeni 55, wayeneminyaka emine noma eyisihlanu uma eqala ukukhonza uJehova etabernakele lakhe. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi umncane kangakanani, awumncane kakhulu ukuba ukhonze uJehova.

Yebo, umuntu esifuna ukumlandela uJesu Kristu. Ngisho nangesikhathi ewumfana, njengoba kuboniswe eNdabeni 87, wayesethempelini ekhuluma nabanye ngoYise osezulwini. Masilandele isibonelo sakhe. Masitshele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngoNkulunkulu wethu omangalisayo uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Uma senza lezi zinto, siyokwazi ukuphila phakade epharadesi likaNkulunkulu elisha emhlabeni.