Ingxenye 7
Ukuvuswa KukaJesu Kuya Ekuboshweni KukaPawulu
Ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa. Ngalolo suku wabonakala kubalandeli bakhe izikhathi eziyisihlanu ezihlukene. UJesu waqhubeka ebonakala kubo izinsuku ezingu-40. Khona-ke, lapho abanye babafundi bakhe bebukela, uJesu wenyukela ezulwini. Ezinsukwini eziyishumi kamuva uNkulunkulu wathululela umoya wakhe ongcwele kubalandeli bakaJesu ababelinde eJerusalema.
Kamuva, izitha zikaNkulunkulu zafaka abaphostoli ejele, kodwa ingelosi yabakhulula. Umfundi uStefanu wakhandwa ngabaphikisi ngamatshe wafa. Kodwa sifunda indlela uJesu akhetha ngayo omunye walaba baphikisi ukuba abe inceku yakhe ekhethekile, waba umphostoli uPawulu. Khona-ke, eminyakeni emithathu nengxenye ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wathuma umphostoli uPetru ukuba ashumayele kuKorneliyu ongemJuda nomkhaya wakhe.
Cishe eminyakeni engu-13 kamuva uPawulu waqala uhambo lwakhe lokuqala lokushumayela. Ohambweni lwakhe lwesibili uThimothewu wahambisana naye. Sifunda indlela uPawulu nabangane ayehambisana nabo ababa nezikhathi ezivusa amadlingozi ngayo ekukhonzeni uNkulunkulu. Ekugcineni, uPawulu waboshwa eRoma. Eminyakeni emibili kamuva wakhululwa, kodwa wabuye waboshwa futhi wabulawa. Izenzakalo ZENGXENYE 7 zenzeka esikhathini seminyaka ecishe ibe u-32.
KULE NGXENYE
INDABA 102
UJesu Uyaphila
Ngemva kokuba ingelosi esuse itshe ethuneni likaJesu, amasosha amangazwa yilokho akubona ngphakathi.
INDABA 104
UJesu Ubuyela Ezulwini
Ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini unika abafundi bakhe umyalo wokugcina.
INDABA 106
Ukukhululwa Ejele
Abaholi benkolo yamaJuda bafaka abaphostoli ejele ukuze bebayekise ukushumayela, kodwa uNkulunkulu unokunye okuthile engqondweni.
INDABA 108
Endleleni Eya EDamaseku
Ukukhanya okuphuphuthekisayo nezwi elivela ezulwini kwashintsha ukuphila kukaSawulu.
INDABA 110
UThimothewu—Umsizi KaPawulu
UThimothewu ushiya ikhaya lakhe ahambe noPawulu ukuze bethathe uhambo olujabulisayo lokuyoshumayela.
INDABA 111
Umfana Owazunywa Ubuthongo
U-Evitiku uzunywa ubuthongo phakathi nenkulumo yakhe yokuqala, kodwa hhayi enkulumeni yesibili. Okwenzeka phakathi kwezinkulumo ezimbili kwaba nesimangaliso.
INDABA 112
Ukuphuka Komkhumbi
Lapho nje sebecabanga ukuthi konke kuyaphela, uPawulu uthola umyalezo ovela kuNkulunkulu omnikeza ithemba.