Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 105

Ukulinda EJerusalema

Ukulinda EJerusalema

LABA BANTU lapha bangabalandeli bakaJesu. Baye bamlalela bahlala eJerusalema. Lapho besalindile bonke ndawonye, umsindo omkhulu ugcwalisa indlu. Uzwakala njengomoya onamandla ovunguzayo. Khona-ke izilimi ezinjengomlilo ziqala ukubonakala ekhanda lomfundi ngamunye. Uyawubona umlilo phezu komunye nomunye wabo? Kusho ukuthini konke?

Yisimangaliso! UJesu usebuyele ezulwini kuYise, futhi uthululela umoya ongcwele kaNkulunkulu kubalandeli bakhe. Uyazi ukuthi lo moya ubabangela ukuba benzeni? Bonke baqala ukukhuluma ngezilimi ezehlukene.

Abantu abaningi eJerusalema bezwa umsindo ofana nomoya onamandla, bese bezobona okwenzekayo. Abanye kubantu bangabezinye izizwe abeze lapha emkhosini wama-Israyeli wePhentekoste. Yeka ukumangala okutholwa yilezi zivakashi! Zizwa abafundi bekhuluma ngezilimi zazo ngezinto ezimangalisayo ezenziwe uNkulunkulu.

Izivakashi zithi: ‘Laba bantu bonke ngabaseGalile, kwenzeka kanjani-ke, bakwazi ukukhuluma ngezilimi ezihlukahlukene zasemazweni akithi?’

Manje uPetru uyasukuma abachazele. Uphakamisa izwi lakhe atshele abantu ukuthi uJesu wabulawa kanjani nokuthi uJehova wamvusa kwabafileyo. UPetru uthi: ‘Manje uJesu usezulwini ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Uye wathululela umoya ongcwele othenjisiwe. Kungakho niye nabona futhi nezwa lezi zimangaliso.’

Uma uPetru esho lezi zinto, abantu abaningi bayadabuka ngalokho okwenziwa kuJesu. Bayabuza: ‘Kumelwe senzeni?’ UPetru uyabatshela: ‘Kufanele nishintshe ukuphila kwenu nibhapathizwe.’ Ngakho ngalolo suku abantu abangaba yizi-3 000 babhapathizwa baba ngabalandeli bakaJesu.