Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 102

UJesu Uyaphila

UJesu Uyaphila

UYAZI ukuthi lona wesifazane nala madoda ngobani? Owesifazane uMariya Magdalena, umngane kaJesu. Amadoda ezingubo ezimhlophe izingelosi. Leli kamelo elincane uMariya alunguze kulo liyindawo okwafakwa kuyo isidumbu sikaJesu uma esefile. Kuthiwa yithuna. Kodwa manje isidumbu asisekho! Ubani osithathile? Ake sibone.

Ngemva kokufa kukaJesu, abapristi bathi kuPilatu: ‘Ngesikhathi uJesu esaphila wathi uyovuka ngemva kwezinsuku ezintathu. Ngakho yala ukuba ithuna ligadwe. Khona-ke abafundi bakhe abanakuseba isidumbu sakhe bese bethi uvusiwe kwabafileyo!’ UPilatu utshela abapristi ukuba bathumele amasosha agade ithuna.

Ekuseni kakhulu ngosuku lwesithathu uJesu efile ingelosi kaJehova iyafika. Igingqa itshe lisuke emnyango wethuna. Amasosha esaba kangangokuthi anganyakazi. Ekugcineni, uma ebuka ethuneni, isidumbu asisekho! Amanye amasosha aya emzini atshele abapristi. Uyazi ukuthi abapristi ababi benzani? Bakhokhela amasosha ukuba aqambe amanga. Abapristi bathi emasosheni: ‘Thanini abafundi bakhe bafikile ebusuku sisalele, baseba isidumbu sakhe.’

Ngaleso sikhathi, abanye abangane bakaJesu besifazane baya ethuneni. Yeka ukumangala kwabo uma belithola lingenalutho! Ngokushesha kuvela izingelosi ezimbili. Ziyabuza: ‘Kungani nifuna uJesu lapha? Uvusiwe. Sheshani niyotshela abafundi bakhe.’ Yeka indlela abagijima ngayo! Kodwa bamiswa indoda ethile endleleni. Uyazi ukuthi ubani? UJesu! Uthi: ‘Hambani nitshele abafundi bami.’

Uma abesifazane betshela abafundi ukuthi uJesu uyaphila nokuthi bambonile, abafundi abakholwa. UPetru noJohane baphuthuma ethuneni bayobona ngokwabo, kodwa ithuna alinalutho! Uma uPetru noJohane behamba, uMariya Magdalena uyasala. Kungaleso sikhathi alunguza ngaso phakathi abone izingelosi ezimbili.

Uyazi ukuthi kwenzekani esidunjini sikaJesu? UJehova wasinyamalalisa. UJehova akamvuselanga uJesu ekuphileni emzimbeni wenyama afa kuwo. Wanikeza uJesu umzimba womoya, njengowezingelosi ezulwini. Ukuze abonise abafundi bakhe ukuthi uyaphila, uJesu uyakwazi ukuba nomzimba abangawubona, njengoba sizofunda.