Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 104

UJesu Ubuyela Ezulwini

UJesu Ubuyela Ezulwini

NJENGOBA izinsuku ziqhubeka, uJesu uzibonakalisa kubalandeli bakhe izikhathi eziningi. Ngesinye isikhathi ubonwa ngabafundi abangu-500. Uma ebonakala kubo, uyazi ukuthi ukhuluma ngani? Umbuso kaNkulunkulu. UJehova wathumela uJesu emhlabeni ukuba afundise ngoMbuso. Uyaqhubeka ekwenza lokhu ngisho nangemva kokuvuswa kwakhe kwabafileyo.

Uyakhumbula ukuthi umbuso kaNkulunkulu uyini? Yebo, uMbuso unguhulumeni woqobo kaJehova ezulwini, futhi uJesu uyiLowo owakhethwa uJehova ukuba abe yinkosi. Njengoba sifundile, uJesu wabonisa ukuthi uyoba inkosi enhle kanjani ngokusuthisa abalambileyo, ukuphilisa abagulayo, ngisho nokuvusa abafileyo!

Ngakho uma uJesu esebusa ezulwini njengenkosi iminyaka eyinkulungwane, kuyoba njani emhlabeni? Yebo, wonke umhlaba uyokwenziwa ipharadesi elihle. Ngeke kusaba nezimpi, ubugebengu, noma ukugula, noma ukufa. Siyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso ngoba uJehova wenza umhlaba ube yipharadesi ukuze abantu bawujabulele. Kungakho enza insimu yase-Edene ekuqaleni. Futhi uJesu uyokwenza ukuba lokho uJehova afuna kwenziwe kufezwe ngokuphelele.

Manje kufika isikhathi sokuba uJesu abuyele ezulwini. UJesu ubezibonakalisa kubafundi bakhe izinsuku ezingu-40. Ngakho bayaqiniseka ukuthi uyaphila futhi. Kodwa ngaphambi kokubashiya, uthi kubo: ‘Hlalani eJerusalema nize namukele umoya ongcwele.’ Umoya ongcwele ungamandla kaJehova ayisiphekupheku, njengomoya ovunguzayo, oyosiza abalandeli bakhe ekwenzeni intando kaJehova. Ekugcineni, uJesu uthi: ‘Nishumayele ngami ezingxenyeni ezikude zomhlaba.’

Ngemva kokusho kukaJesu lokhu, kwenzeka into emangalisayo. Uqala ukukhuphukela ezulwini, njengoba ungase ubone lapha. Khona-ke ifu liyamsitha, abafundi abasamboni futhi. UJesu uya ezulwini, aqale ukubusa phezu kwabalandeli bakhe emhlabeni esezulwini.