Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 107

UStefanu Ukhandwa Ngamatshe

UStefanu Ukhandwa Ngamatshe

LE NDODA eguqe lapha uStefanu. Ungumfundi othembekile kaJesu. Kodwa bheka okwenzeka kuye manje! La madoda amshaya ngamatshe. Kungani ezonda uStefanu kangangokuba aze enze le nto embi? Ake sibone.

UNkulunkulu ubesiza uStefanu ukuba enze izimangaliso. La madoda awakufuni lokhu, ngakho aqala ukuphikisana naye ngokufundisa abantu iqiniso. Kodwa uJehova unikeza uStefanu ukuhlakanipha okukhulu, uStefanu abonise ukuthi la madoda abefundisa amanga. Lokhu kuwenza athukuthele ngokungaphezulu. Ngakho ayambamba, abize abantu bafakaze amanga ngaye.

Umpristi omkhulu ubuza uStefanu: ‘Ingabe ziyiqiniso lezi zinto?’ UStefanu uphendula ngokunikeza inkulumo enhle ngeBhayibheli. Ekupheleni kwayo, ulandisa ngendlela abantu ababi ababezonda ngayo abaprofethi bakaJehova. Abesethi: ‘Ninjengalabo bantu. Nabulala uJesu, futhi aniwulalelanga umthetho kaJehova.’

Lokhu kwenza abaholi benkolo bathukuthele kakhulu! Baququda amazinyo ngokuthukuthela. UStefanu aphakamise ikhanda lakhe, athi: ‘Bheka! Ngibona uJesu emi ngakwesokudla sikaJehova ezulwini.’ Kulokhu, la madoda avala izindlebe zawo agijimele kuStefanu. Ayambamba amhudulele ngaphandle komuzi.

Lapha akhumula amajazi awanikeze insizwa uSawulu awanakekele. Uyambona uSawulu? Khona-ke amanye ala madoda aqala ukushaya uStefanu ngamatshe. UStefanu uguqa phansi, njengoba ungase ubone, athandaze kuJehova: ‘Jehova, ungabajezisi ngale nto embi.’ Uyazi ukuthi abanye babo baye bakhohliswa ngabaholi benkolo. Ngemva kwalokho uStefanu uyafa.

Uma othile enza okubi kuwe, ingabe uzama ukuphindisela, noma ucele uNkulunkulu amlimaze? UStefanu noma uJesu abenzanga kanjalo. Babenomusa ngisho nakulabo abangabonisanga umusa kubo. Make sizame ukulingisa isibonelo sabo.