Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Yokufunda Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli

Imibuzo Yokufunda Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli

INdaba 1

UNkulunkulu Wenza Izinto

  1. Zavelaphi zonke izinto ezinhle, iyiphi enye yazo?

  2. Yini uNkulunkulu ayenza kuqala?

  3. Kungani ingelosi yokuqala yayikhethekile?

  4. Chaza ukuthi umhlaba wawunjani ekuqaleni. (Bheka isithombe.)

  5. UNkulunkulu wawulungiselela kanjani umhlaba ukuba uhlale izilwane nabantu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJeremiya 10:12.

    Yiziphi izimfanelo zikaNkulunkulu eziboniswa yindalo yakhe? (Isaya 40:26; Roma 11:33)

  2. Funda eyabaseKolose 1:15-17.

    UJesu waba nayiphi indima ekudaleni, futhi lokhu kufanele kusenze simbheke kanjani? (Kol. 1:15-17)

  3. Funda uGenesise 1:1-10.

    1. Wavelaphi umhlaba? (Gen. 1:1)

    2. Kwenzekani ngosuku lokuqala lokudala? (Gen. 1:3-5)

    3. Chaza ukuthi kwenzekani ngosuku lwesibili lokudala. (Gen. 1:7, 8)

INdaba 2

Insimu Enhle

  1. UNkulunkulu wawulungiselela kanjani umhlaba ukuba ube ikhaya lethu?

  2. Yisho ukuthi iziphi izilwane eziningi ezihlukahlukene uNkulunkulu azenza. (Bheka isithombe.)

  3. Kungani insimu yase-Edene yayikhethekile?

  4. UNkulunkulu wayefuna umhlaba wonke ube njani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 1:11-25.

    1. UNkulunkulu wadalani ngosuku lwesithathu lokudala? (Gen. 1:12)

    2. Kwenzekani ngosuku lwesine lokudala? (Gen. 1:16)

    3. Yiziphi izinhlobo zezilwane uNkulunkulu azenza ngosuku lwesihlanu nolwesithupha? (Gen. 1:20, 21, 25)

  2. Funda uGenesise 2:8, 9.

    Yimiphi imithi emibili ekhethekile uNkulunkulu ayibeka ensimini, futhi yayifanekiselani?

INdaba 3

Abantu Bokuqala

  1. Isithombe esiseNdabeni 3 sihluke ngani kwesiseNdabeni 2?

  2. Ubani owenza indoda yokuqala, futhi kwakungubani igama layo?

  3. UNkulunkulu wathi akenze muphi umsebenzi u-Adamu?

  4. Kungani uNkulunkulu enza u-Adamu walala zwí ubuthongo?

  5. U-Adamu no-Eva babengaphila kuze kube nini, futhi yimuphi umsebenzi uJehova ayefuna bawenze?

Eminye imibuzo:

  1. Funda iHubo 83:18.

    Ubani igama likaNkulunkulu, futhi unasiphi isikhundla esingafani nesabanye emhlabeni? (Jer. 16:21; Dan. 4:17)

  2. Funda uGenesise 1:26-31.

    1. UNkulunkulu wagcina ngani ukudala ngosuku lwesithupha, futhi le ndalo yayihluke ngani ezilwaneni? (Gen. 1:26)

    2. UJehova wathi yini angayidla umuntu nezilwane? (Gen. 1:30)

  3. Funda uGenesise 2:7-25.

    1. Yini u-Adamu okwakudingeka ayenze njengoba ayeqamba izilwane? (Gen. 2:19)

    2. UGenesise 2:24 usisiza kanjani ukuba siqonde umbono kaJehova ngomshado, ukuhlala ngokwahlukana nesehlukaniso? (Math. 19:4-6, 9)

INdaba 4

Ukulahlekelwa Yikhaya Labo

  1. Esithombeni esikule ndaba, kwenzekani ku-Adamu no-Eva?

  2. Kungani uJehova abajezisa?

  3. Inyoka yamtshela ukuthini u-Eva?

  4. Ubani owenza ukuba inyoka ikhulume no-Eva?

  5. Kungani u-Adamu no-Eva balahlekelwa yikhaya labo eliyiPharadesi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 2:16, 17 no-3:1-13, 24.

    1. Umbuzo inyoka eyawubuza u-Eva wamenza kanjani uJehova umuntu omubi? (Gen. 3:1-5; 1 Joh. 5:3)

    2. Indaba ka-Eva isixwayisa ngani thina? (Fil. 4:8; Jak. 1:14, 15; 1 Joh. 2:16)

    3. Esikhundleni sokuvuma icala ababelenzile, u-Adamu no-Eva bathini? (Gen. 3:12, 13)

    4. Amakherubi ayemiswe empumalanga yensimu yase-Edene abusekela kanjani ubukhosi bukaJehova? (Gen. 3:24)

  2. Funda isAmbulo 12:9.

    USathane uye waphumelela kangakanani ekwenzeni isintu siphikisane nokubusa kukaNkulunkulu? (1 Joh. 5:19)

INdaba 5

Ukuqala Kwempilo Enzima

  1. U-Adamu no-Eva babephila kanjani lapho sebengaphandle kwensimu yase-Edene?

  2. Yini eyaqala ukwenzeka ku-Adamu no-Eva, futhi kungani?

  3. Kungani abantwana baka-Adamu no-Eva babezoguga futhi bafe?

  4. Ukube u-Adamu no-Eva babemlalelile uJehova, kwakuyoba njani ukuphila kwabo nokwabantwana babo?

  5. Ukungalaleli kuka-Eva kwambangela kanjani ubuhlungu?

  6. Kwakungobani amagama amadodana ka-Adamu no-Eva okuqala amabili?

  7. Obani lezi ezinye izingane ezisesithombeni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 3:16-23 no-4:1, 2.

    1. Ukuphila kuka-Adamu kwase kuzoba njani njengoba umhlabathi wawusuqalekisiwe? (Gen. 3:17-19; Roma 8:20, 22)

    2. Kungani igama elithi Eva, elisho ukuthi “Ophilayo,” lalifaneleka? (Gen. 3:20)

    3. UJehova wakubonisa kanjani ukubacabangela o-Adamu no-Eva ngisho nangemva kokuba sebonile? (Gen. 3:7, 21)

  2. Funda isAmbulo 21:3, 4.

    Yiziphi “izinto zangaphambili” ofisa ukubona seziqediwe?

INdaba 6

Indodana Enhle, Nembi

  1. UKhayini no-Abela benza miphi imisebenzi?

  2. Yiziphi izipho uKhayini no-Abela abaziletha kuJehova?

  3. Kungani uJehova ejabulela isipho sika-Abela, futhi kungani singamjabulisi esikaKhayini?

  4. Ungumuntu onjani uKhayini, futhi uJehova uzama kanjani ukumkhuza?

  5. UKhayini wenzani lapho sebebodwa nomfowabo endle?

  6. Chaza ukuthi kwenzekani kuKhayini ngemva kokuba ebulale umfowabo.

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 4:2-26.

    1. UJehova wasichaza kanjani isimo esiyingozi uKhayini ayekuso? (Gen. 4:7)

    2. UKhayini wasiveza kanjani isimo senhliziyo yakhe? (Gen. 4:9)

    3. UJehova ukubheka kanjani ukuchitha igazi elingenacala? (Gen. 4:10; Isaya 26:21)

  2. Funda eyoku-1 Johane 3:11, 12.

    1. Kungani uKhayini avutha intukuthelo, futhi lokhu kusixwayisa ngani thina namuhla? (Gen. 4:4, 5; IzAga 14:30; 28:22)

    2. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi ngisho noma wonke amalungu omkhaya wakithi emelana noJehova, thina singakwazi ukuhlala siqotho? (IHu. 27:10; Math. 10:21, 22)

  3. Funda uJohane 11:25.

    UJehova ubaqinisekisa ngani bonke abafa ngenxa yokulunga? (Joh. 5:24)

INdaba 7

Indoda Enesibindi

  1. U-Enoke wayehluke kanjani?

  2. Kungani abantu bangesikhathi sika-Enoke babenza izinto eziningi kangaka ezimbi?

  3. Yiziphi izinto ezimbi abantu ababezenza? (Bheka isithombe.)

  4. Kungani kwakudingeka u-Enoke abe nesibindi?

  5. Abantu babephila isikhathi eside kangakanani ngaleso sikhathi, kodwa u-Enoke yena waphila isikhathi esingakanani?

  6. Kwenzekani ngemva kokufa kuka-Enoke?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 5:21-24, 27.

    1. U-Enoke wayenobuhlobo obunjani noJehova? (Gen. 5:24)

    2. IBhayibheli lithi ubani umuntu owaphila isikhathi eside kunabo bonke, futhi wafa eneminyaka emingaki? (Gen. 5:27)

  2. Funda uGenesise 6:5.

    Ububi baba njani emhlabeni ngemva kokufa kukaEnoke, futhi lokhu kufana kanjani nosuku lwethu? (2 Thim. 3:13)

  3. Funda amaHebheru 11:5.

    Iyiphi imfanelo ka-Enoke ‘eyajabulisa uNkulunkulu,’ futhi waba yini umphumela? (Gen. 5:22)

  4. Funda uJude 14, 15.

    AmaKristu namuhla angasilingisa kanjani isibindi sika-Enoke lapho exwayisa abantu ngempi ezayo ye-Armagedoni? (2 Thim. 4:2; Heb. 13:6)

INdaba 8

Imidondoshiya Emhlabeni

  1. Kwenzekani lapho ezinye izingelosi zikaNkulunkulu zilalela uSathane?

  2. Kungani ezinye izingelosi zayeka umsebenzi wazo ezulwini zehlela emhlabeni?

  3. Kungani kwakungalungile ukuba izingelosi zehlele emhlabeni bese zizenzela imizimba yabantu?

  4. Babehluke ngani abantwana bezingelosi?

  5. Njengoba ungabona esithombeni, abantwana bezingelosi babenzani lapho sebeyimidondoshiya?

  6. Ngemva kuka-Enoke, ubani indoda elungile eyaphila emhlabeni, futhi kungani uNkulunkulu ayeyithanda?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 6:1-8.

    UGenesise 6:6 uveza ukuthi ukuziphatha kwethu kungamenza azizwe kanjani uJehova? (IHu. 78:40, 41; IzAga 27:11)

  2. Funda uJude 6.

    Izingelosi “ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala” ngosuku lukaNowa zisenza sikhumbule ukuthini namuhla? (1 Kor. 3:5-9; 2 Pet. 2:4, 9, 10)

INdaba 9

UNowa Wakha Umkhumbi

  1. Babebangaki emkhayeni kaNowa, futhi kwakungobani amagama amadodana akhe amathathu?

  2. Iyiphi into engajwayelekile uNkulunkulu acela uNowa ukuba ayenze, futhi ngani?

  3. Omakhelwane bakaNowa benzenjani lapho ebatshela ngomkhumbi?

  4. UNkulunkulu watshela uNowa ukuba enzeni ngezilwane?

  5. Ngemva kokuba uNkulunkulu evale umnyango womkhumbi, kwakudingeka uNowa nomkhaya wakhe benzeni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 6:9-22.

    1. Yini eyenza uNowa waba umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso omuhle kakhulu? (Gen. 6:9, 22)

    2. UJehova ububheka kanjani ubudlova, futhi yini okufanele siyikhumbule lapho sikhetha izinto esizijabulisa ngazo? (Gen. 6:11, 12; IHu. 11:5)

    3. Singamlingisa kanjani uNowa lapho sithola isiqondiso ngenhlangano kaJehova? (Gen. 6:22; 1 Joh. 5:3)

  2. Funda uGenesise 7:1-9.

    Kusikhuthaza kanjani thina namuhla ukwazi ukuthi uJehova wayebheka umuntu ongaphelele uNowa njengolungile? (Gen. 7:1; IzAga 10:16; Isaya 26:7)

INdaba 10

UZamcolo Omkhulu

  1. Kungani kungekho muntu owayengangena emkhunjini lapho imvula isiqalile ukuna?

  2. UJehova wenza imvula yana izinsuku ezingaki nobusuku obungaki, futhi amanzi aba maningi kangakanani?

  3. Kwenzekani emkhunjini lapho amanzi eqala ukwemboza umhlaba?

  4. Imidondoshiya yasinda yini kuZamcolo, oyise bona benzenjani?

  5. Kwenzekani emkhunjini ngemva kwezinyanga ezinhlanu?

  6. UNowa wayelikhiphelani igwababa emkhunjini?

  7. UNowa wazi ngani ukuthi amanzi asehlile emhlabeni?

  8. UNkulunkulu wathini kuNowa ngemva kokuba sekudlule unyaka yena nomkhaya wakhe besemkhunjini?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 7:10-24.

    1. Zikhona yini izinto eziphilayo ezasala emhlabeni ezingabhujiswanga? (Gen. 7:23)

    2. Kwathatha isikhathi eside kangakanani ukuba amanzi kaZamcolo anciphe? (Gen. 7:24)

  2. Funda uGenesise 8:1-17.

    UGenesise 8:17 ubonisa kanjani ukuthi injongo kaJehova yokuqala ngomhlaba ayizange ishintshe? (Gen. 1:22)

  3. Funda eyoku-1 Petru 3:19, 20.

    1. Lapho izingelosi ezahlubuka ziphindela ezulwini, zathola siphi isahlulelo? (Jude 6)

    2. Indaba kaNowa nomkhaya wakhe isenza kanjani simethembe kakhulu uJehova ukuthi uyakwazi ukukhulula abantu bakhe? (2 Pet. 2:9)

INdaba 11

Uthingo Lokuqala

  1. Njengoba kuboniswa esithombeni, iyiphi into yokuqala eyenziwa uNowa lapho ephuma emkhunjini?

  2. Yimuphi umyalo uNkulunkulu awunika uNowa nomkhaya wakhe ngemva kukaZamcolo?

  3. Yisiphi isithembiso esenziwa uNkulunkulu?

  4. Uma sibona uthingo kufanele sikhumbuleni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 8:18-22.

    1. Thina namuhla singanikela kanjani ‘ngephunga elizolisayo’ kuJehova? (Gen. 8:21; Heb. 13:15, 16)

    2. Yini uJehova ayibona ngesimo senhliziyo yomuntu, futhi ngenxa yalokho yini okufanele siyiqaphele? (Gen. 8:21; Math. 15:18, 19)

  2. Funda uGenesise 9:9-17.

    1. Yisiphi isivumelwano uJehova asenza nazo zonke izidalwa ezisemhlabeni? (Gen. 9:10, 11)

    2. Isivumelwano sothingo siyoba khona kuze kube nini? (Gen. 9:16)

INdaba 12

Abantu Bakha Umbhoshongo

  1. Wayengubani uNimrode, futhi uNkulunkulu wayembheka kanjani?

  2. Babezakhelani izitini abantu abakulesi sithombe?

  3. Kungani uJehova ungamjabulisanga lo msebenzi wokwakha?

  4. UNkulunkulu wenza kanjani ukuba bayeke ukwakha umbhoshongo?

  5. Wabizwa ngokuthini lo muzi, futhi lisho ukuthini lelo gama?

  6. Kwenzekani kubantu ngemva kokuba uNkulunkulu ephithanise ulimi lwabo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 10:1, 8-10.

    Wayengumuntu onjani uNimrode, futhi kusixwayisa ngani thina lokho? (IzAga 3:31)

  2. Funda uGenesise 11:1-9.

    Yayiyini inhloso yokwakha umbhoshongo, futhi kungani kwakungeke neze kuphumelele? (Gen. 11:4; IzAga 16:18; Joh. 5:44)

INdaba 13

U-Abrahama—Umhlobo KaJehova

  1. Babenjani abantu ababehlala emzini wase-Uri?

  2. Ubani igama lale ndoda esesithombeni, yazalwa nini, futhi yayihlalaphi?

  3. UNkulunkulu wamtshela ukuba enzeni u-Abrahama?

  4. Kungani u-Abrahama ayebizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu?

  5. Obani abahamba no-Abrahama lapho eshiya i-Uri?

  6. UNkulunkulu wamtshela ukuthini u-Abrahama lapho efika ezweni laseKhanani?

  7. UNkulunkulu wamthembisani u-Abrahama lapho eseneminyaka engama-99?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 11:27-32.

    1. U-Abrahama noLoti babehlobene kanjani? (Gen. 11:27)

    2. Yize uThera kuthiwa nguye owathutha umkhaya wakhe baya eKhanani, sazi kanjani ukuthi empeleni ngu-Abrahama owathi akuhanjwe, futhi kungani asho kanjalo? (Gen. 11:31; IzE. 7:2-4)

  2. Funda uGenesise 12:1-7.

    UJehova wabuye wamthembisa ukuthini u-Abrahama ngemva kokuba esefike ezweni laseKhanani? (Gen. 12:7)

  3. Funda uGenesise 17:1-8, 15-17.

    1. Igama lika-Abrama lashintsha laba ubani lapho eseneminyaka engama-99, futhi kungani? (Gen. 17:5)

    2. UJehova wathembisa uSara ukuthi wayeyombusisa ngani? (Gen. 17:15, 16)

  4. Funda uGenesise 18:9-19.

    1. KuGenesise 18:19, obaba kuthiwa kufanele benzeni? (Dut. 6:6, 7; Efe. 6:4)

    2. Yini eyenzeka kuSara ebonisa ukuthi ayikho into esingayifihlela uJehova? (Gen. 18:12, 15; IHu. 44:21)

INdaba 14

UJehova Uvivinya U-Abrahama

  1. UNkulunkulu wamthembisani u-Abrahama, futhi uNkulunkulu wasifeza kanjani isithembiso sakhe?

  2. Njengoba kuboniswe esithombeni, uNkulunkulu waluvivinya kanjani ukholo luka-Abrahama?

  3. Yini u-Abrahama ayenza, yize ayengaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu esho kanjalo?

  4. Kwenzekani lapho u-Abrahama ekhipha ummese ukuze abulale indodana yakhe?

  5. Lwaluqine kangakanani ukholo luka-Abrahama kuNkulunkulu?

  6. UNkulunkulu wamnikani u-Abrahama ukuba anikele ngayo, futhi wamnika kanjani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 21:1-7.

    Kungani u-Abrahama asoka indodana yakhe ngosuku lwesi-8? (Gen. 17:10-12; 21:4)

  2. Funda uGenesise 22:1-18.

    U-Isaka wabonisa kanjani ukuthi uyazithoba kuyise u-Abrahama, futhi wakufanekisela kanjani lokho okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo okwakubaluleke nakakhulu? (Gen. 22:7-9; 1 Kor. 5:7; Fil. 2:8, 9)

INdaba 15

UmkaLoti Wabheka Emuva

  1. Kungani u-Abrahama noLoti bahlukana?

  2. Kungani uLoti akhetha ukuhlala eSodoma?

  3. Babenjani abantu baseSodoma?

  4. Izingelosi ezimbili zamxwayisa ngokuthini uLoti?

  5. Kungani umkaLoti aba yinsika kasawoti?

  6. Yisiphi isifundo esisifunda endabeni yomkaLoti?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 13:5-13.

    Mayelana nokuxazulula izinkinga phakathi kwethu nabanye abantu, yisiphi isifundo esingasifunda kuAbrahama? (Gen. 13:8, 9; Roma 12:10; Fil. 2:3, 4)

  2. Funda uGenesise 18:20-33.

    Ingxoxo phakathi kukaJehova no-Abrahama isiqinisekisa kanjani ukuthi uJehova noJesu bayokwahlulela ngokulunga? (Gen. 18:25, 26; Math. 25:31-33)

  3. Funda uGenesise 19:1-29.

    1. Le ndaba yeBhayibheli ibonisa ukuthi uNkulunkulu ububheka kanjani ubungqingili? (Gen. 19:5, 13; Lev. 20:13)

    2. Yimuphi umehluko esiwutholayo phakathi kwalokho okwenziwa uLoti uma ezwa isiqondiso sikaNkulunkulu nalokho okwenziwa u-Abrahama, futhi singafundani kukho? (Gen. 19:15, 16, 19, 20; 22:3)

  4. Funda uLuka 17:28-32.

    UmkaLoti wayenesimo senhliziyo esinjani ezintweni ezibonakalayo, futhi lokhu kusixwayisa ngani thina? (Luka 12:15; 17:31, 32; Math. 6:19-21, 25)

  5. Funda eyesi-2 Petru 2:6-8.

    Uma silingisa uLoti, kufanele silibheke kanjani leli zwe elingamhloniphi uNkulunkulu elisizungezile? (Hez. 9:4; 1 Joh. 2:15-17)

INdaba 16

U-Isaka Uthola Umfazi Omuhle

  1. Ubani le ndoda nowesifazane abakulesi sithombe?

  2. Yini u-Abrahama ayenza ukuze atholele indodana yakhe umfazi, futhi kungani?

  3. Waphendulwa kanjani umthandazo wenceku ka-Abrahama?

  4. Waphendula wathini uRebheka uma ebuzwa ukuthi uyafuna yini ukushada no-Isaka?

  5. Yini eyenza u-Isaka wabuye wajabula?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 24:1-67.

    1. Yiziphi izimfanelo ezinhle uRebheka azibonisa lapho ehlangana nenceku ka-Abrahama emthonjeni? (Gen. 24:17-20; IzAga 31:17, 31)

    2. Lokho u-Abrahama akwenzela u-Isaka kuwabekela siphi isibonelo esihle amaKristu namuhla? (Gen. 24:37, 38; 1 Kor. 7:39; 2 Kor. 6:14)

    3. Kungani kufanele sithole isikhathi sokuzindla, njengoba kwenza u-Isaka? (Gen. 24:63; IHu. 77:12; Fil. 4:8)

INdaba 17

Amawele Ayengafani

  1. Kwakungubani u-Esawu noJakobe, futhi babehluke kanjani?

  2. Babeneminyaka emingaki o-Esawu noJakobe lapho kushona umkhulu wabo u-Abrahama?

  3. Yini eyenziwa u-Esawu eyabadumaza kakhulu oyise nonina?

  4. Kungani u-Esawu amthukuthelela kakhulu umfowabo, uJakobe?

  5. U-Isaka wayiyala wathini indodana yakhe uJakobe?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 25:5-11, 20-34.

    1. UJehova waprofethani ngamadodana kaRebheka amabili? (Gen. 25:23)

    2. Yimuphi umehluko owawukhona phakathi kwendlela uJakobe ayebheka ngayo ilungelo lobuzibulo nendlela u-Esawu ayelibheka ngayo? (Gen. 25:31-34)

  2. Funda uGenesise 26:34, 35; 27:1-46; no-28:1-5.

    1. Kwabonakala kanjani ukuthi u-Esawu akanandaba nezinto ezingokomoya? (Gen. 26:34, 35; 27:46)

    2. Ukuze uJakobe athole isibusiso sikaNkulunkulu, u-Isaka wathi akenzeni? (Gen. 28:1-4)

  3. Funda amaHebheru 12:16, 17.

    Isibonelo sika-Esawu sibonisa ukuthi uba yini umphumela kulabo abangazazisi izinto ezingcwele?

INdaba 18

UJakobe Uya EHarana

  1. Ubani le ntokazi esesithombeni, futhi uJakobe wayenzelani?

  2. Yini uJakobe ayezimisele ukuyenza ukuze ashade noRaheli?

  3. ULabani wenzani lapho kufika isikhathi sokuba uJakobe ashade noRaheli?

  4. Yini uJakobe avuma ukuyenza ukuze athole uRaheli abe umkakhe?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 29:1-30.

    1. Ngisho nalapho uLabani emshintshela, uJakobe wabonisa kanjani ukuthi uqotho, futhi singafundani kulokhu? (Gen. 25:27; 29:26-28; Math. 5:37)

    2. Isibonelo sikaJakobe siwubonisa kanjani umehluko phakathi kothando lweqiniso nothando lokuthatheka? (Gen. 29:18, 20, 30; IsiHl. 8:6)

    3. Obani abesifazane abane ababa ingxenye yomkhaya kaJakobe futhi kamuva bamzalela amadodana? (Gen. 29:23, 24, 28, 29)

INdaba 19

UJakobe Unomkhaya Omkhulu

  1. Obani amagama amadodana ayisithupha uJakobe awathola kumkakhe wokuqala, uLeya?

  2. Obani amadodana amabili incekukazi kaLeya, uZilipha, eyawazalela uJakobe?

  3. Obani amagama amadodana amabili incekukazi kaRaheli, uBhiliha, eyawazalela uJakobe?

  4. Obani amagama amadodana amabili kaRaheli, kodwa kwenzekani lapho ebeletha indodana yesibili?

  5. Ngokwalesi sithombe, uJakobe wayenamadodana amangaki, futhi yini eyavela kuwo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 29:32-35; 30:1-26; no-35:16-19.

    Njengoba sibona endabeni yamadodana kaJakobe ayi-12, abafana abangamaHebheru babevame ukuqanjwa kanjani amagama endulo?

  2. Funda uGenesise 37:35.

    Yize kunguDina kuphela oshiwo ngegama eBhayibhelini, sazi kanjani ukuthi kwakungeyena yedwa indodakazi kaJakobe? (Gen. 37:34, 35)

INdaba 20

UDina Ungena Enkathazweni

  1. Kungani u-Abrahama no-Isaka babengafuni izingane zabo zishade nabantu basezweni laseKhanani?

  2. Kwakumjabulisa yini uJakobe ukuba indodakazi yakhe ibe umngane wamantombazane aseKhanani?

  3. Ubani le ndoda ebuka uDina kulesi sithombe, futhi iyiphi into embi eyayenza?

  4. Benzenjani abafowabo bakaDina, uSimeyoni noLevi, uma bezwa lokho okwakwenzekile?

  5. UJakobe wavumelana yini nalokho okwakwenziwe uSimeyoni noLevi?

  6. Yaqala kanjani yonke le nkathazo kulo mkhaya?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 34:1-31.

    1. Ingabe uDina wawavakashela kanye nje kuphela amadodakazi aseKhanani? Chaza. (Gen. 34:1)

    2. Kungani uDina naye ayenecala ngokulahlekelwa ubuntombi bakhe? (Gal. 6:7)

    3. Abasha namuhla bangabonisa kanjani ukuthi bayasinaka isibonelo sikaDina esibaxwayisayo? (IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33; 1 Joh. 5:19)

INdaba 21

UJosefa Uzondwa Abafowabo

  1. Kungani abafowabo bakaJosefa babenomona ngaye, futhi benzani?

  2. Abafowabo bakaJosefa bafuna ukumenzani, kodwa uRubeni uthini?

  3. Kwenzekani lapho kuza abathengisi bakwaIshmayeli?

  4. Abafowabo bakaJosefa benzani ukuze uyise acabange ukuthi uJosefa ufile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 37:1-35.

    1. AmaKristu angasilingisa kanjani isibonelo sikaJosefa ngokuceba abenza okubi ebandleni? (Gen. 37:2; Lev. 5:1; 1 Kor. 1:11)

    2. Yini eyenza abafowabo bakaJosefa bamphatha kabi? (Gen. 37:11, 18; IzAga 27:4; Jak. 3:14-16)

    3. Yisiphi isenzo esenziwa uJakobe esijwayele ukwenziwa abantu abashonelwe? (Gen. 37:35)

INdaba 22

UJosefa Ufakwa Ejele

  1. Uneminyaka emingaki uJosefa ngesikhathi eyiswa eGibhithe, futhi kwenzekani kuye uma efika khona?

  2. Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa agcine esesejele?

  3. UJosefa unikwa siphi isikhundla ejele?

  4. Ejele, uJosefa umenzelani umphathizitsha nombhakizinkwa kaFaro?

  5. Kwenzekani ngemva kokuba umphathizitsha ekhishiwe ejele?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 39:1-23.

    Njengoba kwakungekho mthetho obhaliwe ovela kuNkulunkulu othi ukuphinga kubi ngosuku lukaJosefa, yini eyamenza wambalekela umkaPotifari? (Gen. 2:24; 20:3; 39:9)

  2. Funda uGenesise 40:1-23.

    1. Chaza kafushane iphupho lomphathizitsha nencazelo uJehova ayinika uJosefa. (Gen. 40:9-13)

    2. Waphuphani umbhaki, futhi lalisho ukuthini iphupho lakhe? (Gen. 40:16-19)

    3. Isigaba senceku ethembekileyo neqondayo namuhla siye sasilingisa kanjani isimo sengqondo sikaJosefa? (Gen. 40:8; IHu. 36:9; Joh. 17:17; IzE. 17:2, 3)

    4. UGenesise 40:20 uwukhanyisa kanjani umbono wamaKristu ngokugujwa kwezinsuku zokuzalwa? (UmSh. 7:1; Marku 6:21-28)

INdaba 23

Amaphupho KaFaro

  1. Kwenzekani kuFaro ngobunye ubusuku?

  2. Kungani umphathizitsha ekugcineni esemkhumbula uJosefa?

  3. Njengoba kubonisiwe esithombeni, yimaphi amaphupho amabili uFaro awaphuphayo?

  4. UJosefa uthi la maphupho asho ukuthini?

  5. Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa abe indoda ebaluleke kunawo wonke eGibhithe ngemva kukaFaro?

  6. Kungani abafowabo bakaJosefa beza eGibhithe, futhi kungani bengasamboni?

  7. UJosefa ukhumbula liphi iphupho, futhi lokho kumsiza ukuba aqonde ukuthini?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 41:1-57.

    1. UJosefa wenza kanjani ukuba abantu bacabange ngoJehova, futhi amaKristu angasilingisa kanjani isibonelo sakhe namuhla? (Gen. 41:16, 25, 28; Math. 5:16; 1 Pet. 2:12)

    2. Iminyaka yenala eGibhithe eyalandelwa iminyaka yendlala ifana kanjani nesimo esingokomoya sabantu bakaJehova namuhla kanye neseLobukholwa? (Gen. 41:29, 30; Amose 8:11, 12)

  2. Funda uGenesise 42:1-8 no-50:20.

    Ingabe akulungile ukuba abakhulekeli bakaJehova bakhothame phambi komuntu othile ngoba behlonipha isikhundla sakhe uma kwenziwa kanjalo kulelo zwe? (Gen. 42:6)

INdaba 24

UJosefa Uvivinya Abafowabo

  1. Kungani uJosefa ethi abafowabo bayizinhloli?

  2. Kungani uJakobe evuma ukuba indodana yakhe encane, uBhenjamini, iye eGibhithe?

  3. Ingena kanjani inkomishi kaJosefa yesiliva esakeni likaBhenjamini?

  4. UJuda ucela ukwenzani ukuze kukhululwe uBhenjamini?

  5. Abafowabo bakaJosefa sebeshintshe baba njani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 42:9-38.

    Amazwi kaJosefa kuGenesise 42:18 ayisikhumbuzo esihle sokuba benzeni labo abanemithwalo yemfanelo enhlanganweni kaJehova namuhla? (Neh. 5:15; 2 Kor. 7:1, 2)

  2. Funda uGenesise 43:1-34.

    1. Nakuba uRubeni ayeyizibulo, yini eyenza ku-be sobala ukuthi nguJuda owayengumkhulume-li wabafowabo? (Gen. 43:3, 8, 9; 44:14, 18; 1 IziKr. 5:2)

    2. Cishe uJosefa wabavivinya kanjani abafowabo, futhi ngani? (Gen. 43:33, 34)

  3. Funda uGenesise 44:1-34.

    1. Njengengxenye yecebo lokuzifihla kubafowabo, uJosefa wathi ukwazi ukwenzani? (Gen. 44:5, 15; Lev. 19:26)

    2. Abafowabo bakaJosefa babonisa kanjani ukuthi abasenawo umhawu ababenawo ekuqaleni? (Gen. 44:13, 33, 34)

INdaba 25

Umkhaya Uthuthela EGibhithe

  1. Kwenzekani lapho uJosefa etshela abafowabo ukuthi ungubani?

  2. Yini uJosefa ayichazela abafowabo ngomusa?

  3. Uthini uFaro uma ezwa ngabafowabo bakaJosefa?

  4. Wawusumkhulu kangakanani umkhaya kaJakobe lapho uthuthela eGibhithe?

  5. Wabizwa ngokuthini umkhaya kaJakobe, futhi ngani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uGenesise 45:1-28.

    Indaba yeBhayibheli kaJosefa ibonisa kanjani ukuthi uJehova angayishintsha into ehloselwe ukulimaza izinceku zakhe ibe nemiphumela emihle? (Gen. 45:5-8; Isaya 8:10; Fil. 1:12-14)

  2. Funda uGenesise 46:1-27.

    UJehova wamqinisekisa wathini uJakobe endleleni eya eGibhithe? (Gen. 46:1-4)

INdaba 26

UJobe Uthembekile KuJehova

  1. Kwakungubani uJobe?

  2. USathane wazama ukwenzani, kodwa ingabe waphumelela?

  3. UJehova wanika uSathane imvume yokwenzani, futhi ngani?

  4. Kungani umkaJobe athi ‘akathuke uNkulunkulu afe’? (Bheka isithombe.)

  5. Njengoba ubona kulesi sithombe sesibili, uJehova wambusisa kanjani uJobe, futhi kungani?

  6. Uma nathi sithembekile kuJehova njengoJobe, siyothola ziphi izibusiso?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJobe 1:1-22.

    AmaKristu namuhla angamlingisa kanjani uJobe? (Jobe 1:1; Fil. 2:15; 2 Pet. 3:14)

  2. Funda uJobe 2:1-13.

    UJobe wenzenjani lapho eshushiswa uSathane, umkakhe yena wenzenjani? (Jobe 2:9, 10; IzAga 19:3; Mika 7:7; Mal. 3:14)

  3. Funda uJobe 42:10-17.

    1. Umvuzo owatholwa uJobe ufana kanjani naloko okwatholwa uJesu ngenxa yokuphila ngokwethembeka? (Jobe 42:12; Fil. 2:9-11)

    2. Izibusiso ezatholwa uJobe ngenxa yokuhlala eqotho kuNkulunkulu zisikhuthaza kanjani thina? (Jobe 42:10, 12; Heb. 6:10; Jak. 1:2-4, 12; 5:11)

INdaba 27

INkosi Embi Ibusa IGibhithe

  1. Kulesi sithombe, ubani le ndoda ephethe isiswebhu, futhi ishaya bani?

  2. Ngemva kokuba uJosefa esefile, kwenzekani kuma-Israyeli?

  3. Kungani abaseGibhithe baqala ukuwesaba ama-Israyeli?

  4. UFaro wathini kwabesifazane ababebelethisa omama bama-Israyeli?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 1:6-22.

    1. UJehova waqala ukusifeza kanjani isithembiso ayesenze ku-Abrahama? (Eks. 1:7; Gen. 12:2; IzE. 7:17)

    2. Ababelethisi bamaHebheru babonisa kanjani ukuthi bayakuhlonipha ukuphila ngoba kungcwele? (Eks. 1:17; Gen. 9:6)

    3. Ababelethisi bathola muphi umvuzo ngenxa yokwethembeka kwabo kuJehova? (Eks. 1:20, 21; IzAga 19:17)

    4. USathane wazama kanjani ukubhuntshisa injongo kaJehova mayelana neNzalo ka-Abrahama eyayithenjisiwe? (Eks. 1:22; Math. 2:16)

INdaba 28

Ukusinda Komntwana UMose

  1. Ubani lo mntwana osesithombeni, futhi ubambe umunwe kabani?

  2. Unina kaMose wenzani ukuze amsindise angabulawa?

  3. Ubani le ntombazanyana esesithombeni, futhi yini eyayenza?

  4. Lapho indodakazi kaFaro ithola umntwana, uMiriyamu wasikiselani?

  5. Indodakazi yenkosi yathini kunina kaMose?

Omunye umbuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 2:1-10.

    Yiliphi ithuba unina kaMose ayenalo lokuqeqesha nokufundisa uMose esewusana, futhi lokhu kubabekela siphi isibonelo abazali namuhla? (Eks. 2:9, 10; Dut. 6:6-9; IzAga 22:6; Efe. 6:4; 2 Thim. 3:15)

INdaba 29

Okwenza UMose Abaleke

  1. Wakhulelaphi uMose, kodwa yini ayeyazi ngabazali bakhe?

  2. Wenzani uMose lapho eseneminyaka engama-40 ubudala?

  3. UMose wathini endodeni engumIsrayeli eyayilwa nenye, indoda yona yaphendula yathini?

  4. Kungani uMose abaleka eGibhithe?

  5. UMose wabaleka wayaphi, futhi wahlangana nobani lapho?

  6. UMose wenzani phakathi neminyaka engama-40 ngemva kokuba ebaleke eGibhithe?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 2:11-25.

    Yize afunda ukuhlakanipha kwabaseGibhithe iminyaka eminingi, uMose wabonisa kanjani ukuthi uthembekile kuJehova nakubantu bakubo? (Eks. 2:11, 12; Heb. 11:24)

  2. Funda izEnzo 7:22-29.

    Yisiphi isifundo esingasifunda ngokuzama kukaMose ukuzikhululela u-Israyeli ebugqilini baseGibhithe? (IzE. 7:23-25; 1 Pet. 5:6, 10)

INdaba 30

Isihlahla Siyavutha

  1. Yini igama lentaba ekulesi sithombe?

  2. Ake uchaze into engajwayelekile uMose ayibona lapho eya entabeni nezimvu zakhe.

  3. Lathini izwi elalivela esihlahleni esivuthayo, futhi kwakuyizwi likabani?

  4. Waphendula wathini uMose lapho uNkulunkulu emtshela ukuthi uzohola abantu bakaNkulunkulu abakhiphe eGibithe?

  5. UNkulunkulu wathi uMose akothini uma abantu bembuza ukuthi uthunywe ubani?

  6. UMose wayezokwazi kanjani ukufakazela ukuthi uthunywe uNkulunkulu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 3:1-22.

    Le ndaba kaMose isiqinisekisa kanjani ukuthi ngisho noma sizizwa singafaneleki ukufeza isabelo esisinikwe uNkulunkulu, uJehova uyosisekela? (Eks. 3:11, 13; 2 Kor. 3:5, 6)

  2. Funda u-Eksodusi 4:1-20.

    1. Sashintsha kanjani isimo sengqondo sikaMose phakathi neminyaka engama-40 ayihlala kwaMidiyani, futhi yisiphi isifundo abangasifunda labo abazama ukufinyelela amalungelo ebandleni? (Eks. 2:11, 12; 4:10, 13; Mika 6:8; 1 Thim. 3:1, 6, 10)

    2. Ngisho noma uJehova angasiyala ngenhlangano yakhe, yisiphi isiqinisekiso esisithola esibonelweni sikaMose? (Eks. 4:12-14; IHu. 103:14; Heb. 12:4-11)

INdaba 31

UMose No-Aroni Baya KuFaro

  1. Ama-Israyeli enzenjani lapho uMose no-Aroni benza izimangaliso?

  2. UMose no-Aroni bamtshela ukuthini uFaro, futhi uFaro waphendula wathini?

  3. Njengoba kuboniswe esithombeni, kwenzekani lapho u-Aroni elahla phansi induku yakhe?

  4. UJehova wamfundisa kanjani uFaro isifundo, futhi uFaro wayenzenjani?

  5. Kwenzekani ngemva kwesishayo seshumi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 4:27-31 no-5:1-23.

    Wayesho ukuthini uFaro uma ethi: “Angimazi nhlobo uJehova”? (Eks. 5:2; 1 Sam. 2:12; Roma 1:21)

  2. Funda u-Eksodusi 6:1-13, 26-30.

    1. Kungani kuthiwa uJehova akazazisanga ku-Abrahama, ku-Isaka nakuJakobe? (Eks. 3:13, 14; 6:3; Gen. 12:8)

    2. Kusenza sizizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova wamsebenzisa uMose, yize uMose yena ayezizwa engawufanelekeli umsebenzi ayenikwa wona? (Eks. 6:12, 30; Luka 21:13-15)

  3. Funda u-Eksodusi 7:1-13.

    1. Lapho uMose no-Aroni bequnga isibindi beyotshela uFaro izahlulelo zikaJehova, bazibekela siphi isibonelo izinceku zikaNkulunkulu namuhla? (Eks. 7:2, 3, 6; IzE. 4:29-31)

    2. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uphakeme kunonkulunkulu baseGibhithe? (Eks. 7:12; 1 IziKr. 29:12)

INdaba 32

Izishayo Eziyi-10

  1. Bheka izithombe bese uchaza izishayo ezintathu zokuqala uJehova aziletha eGibhithe.

  2. Wawuyini umehluko phakathi kwezishayo zokuqala ezintathu nazo zonke ezinye ezalandela?

  3. Sasiyini isishayo sesine, sesihlanu nesesithupha?

  4. Chaza isishayo sesikhombisa, sesishiyagalombili nesesishiyagalolunye.

  5. UJehova wathi ama-Israyeli awenzeni ngaphambi kwesishayo seshumi?

  6. Sasiyini isishayo seshumi, futhi kwenzekani ngemva kwaso?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 7:19–8:23.

    1. Yize abapristi baseGibhithe abenza imilingo bakwazi nabo ukwenza izinhlupho ezifana nezokuqala ezimbili ezenziwa uJehova, yini abaphoqeleka ukuba bayivume ngemva kwenhlupho yesithathu? (Eks. 8:18, 19; Math. 12:24-28)

    2. Inhlupho yesine yabonisa kanjani ukuthi uJehova uyakwazi ukuvikela abantu bakhe, futhi ukwazi lokhu kwenza abantu bakaNkulunkulu bazizwe kanjani njengoba belindele ‘usizi olukhulu’ olwabikezelwa? (Eks. 8:22, 23; IsAm. 7:13, 14; 2 IziKr. 16:9)

  2. Funda u-Eksodusi 8:24; 9:3, 6, 10, 11, 14, 16, 23-25; no-10:13-15, 21-23.

    1. Yimaphi amaqembu amabili iziNhlupho Eziyishumi ezawaveza obala, futhi yini esingeke siyilindele kuwo namuhla? (Eks. 8:10, 18, 19; 9:14)

    2. Yini eshiwo ku-Eksodusi 9:16 esisiza ukuba siqonde ukuthi kungani uJehova emyekile uSathane kuze kube manje? (Roma 9:21, 22)

  3. Funda u-Eksodusi 12:21-32.

    IPhasika lenza kanjani ukuba abaningi bakwazi ukusinda, futhi lalibonisani eyayizokwenzeka esikhathini esizayo? (Eks. 12:21-23; Joh. 1:29; Roma 5:18, 19, 21; 1 Kor. 5:7)

INdaba 33

Ukuwela ULwandle Olubomvu

  1. Mangaki amadoda angama-Israyeli ahamba eGibhithe kanye nabesifazane nabantwana, futhi obani abanye abahamba nabo?

  2. Wazizwa kanjani uFaro ngemva kokuba ededele ama-Israyeli ahamba, futhi wenzani?

  3. Yini uJehova ayenza ukuze ayekise abaseGibhithe ukuhlasela abantu bakhe?

  4. Kwenzekani lapho uMose elula induku yakhe phezu koLwandle Olubomvu, futhi ama-Israyeli enzenjani?

  5. Kwenzekani lapho abaseGibhithe bephuthuma bengena olwandle belandela ama-Israyeli?

  6. Ama-Israyeli abonisa kanjani ukuthi ajabule futhi ayambonga uJehova ngokuthi asindile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 12:33-36.

    UJehova wabenza kanjani abantu bakhe bazuza ngayo yonke iminyaka yokugqilazwa eGibhithe? (Eks. 3:21, 22; 12:35, 36)

  2. Funda u-Eksodusi 14:1-31.

    Amazwi kaMose aku-Eksodusi 14:13, 14 azenza zizizwe kanjani izinceku zikaJehova namuhla njengoba zilindele impi ye-Armagedoni? (2 IziKr. 20:17; IHu. 91:8)

  3. Funda u-Eksodusi 15:1-8, 20, 21.

    1. Kungani izinceku zikaJehova kufanele zimhubele izindumiso? (Eks. 15:1, 2; IHu. 105:2, 3; IsAm. 15:3, 4)

    2. OLwandle Olubomvu yisiphi isibonelo sokudumisa uJehova uMiriyamu nabanye abesifazane abasibekela abesifazane abangamaKristu namuhla? (Eks. 15:20, 21; IHu. 68:11)

INdaba 34

Uhlobo Olusha Lokudla

  1. Kulesi sithombe, abantu bacoshani phansi, futhi kubizwa ngokuthini?

  2. UMose ubatshela ukuthini abantu mayelana nokucosha imana?

  3. UJehova uthi abantu abenzeni ngosuku lwesithupha, futhi ngani?

  4. UJehova wenza simangaliso sini uma begcina imana kuze kube usuku lwesikhombisa?

  5. UJehova wondla abantu ngemana isikhathi esingakanani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 16:1-36 noNumeri 11:7-9.

    1. U-Eksodusi 16:8 ubonisa kanjani ukuthi kudingeka sibahloniphe abantu abamiswe uNkulunkulu ebandleni lobuKristu? (Heb. 13:17)

    2. Ngesikhathi esehlane, ama-Israyeli ayekhunjuzwa kanjani nsuku zonke ukuthi aphila ngoJehova? (Eks. 16:14-16, 35; Dut. 8:2, 3)

    3. UJesu wathi imana yayifanekiselani, futhi thina sizuza kanjani ‘kulesi sinkwa esivela ezulwini’? (Joh. 6:31-35, 40)

  2. Funda uJoshuwa 5:10-12.

    Ama-Israyeli adla imana iminyaka emingaki, futhi lokhu kwawavivinya kanjani, thina singafundani kule ndaba? (Eks. 16:35; Num. 11:4-6; 1 Kor. 10:10, 11)

INdaba 35

UJehova Unika Imithetho

  1. Ngemva cishe kwezinyanga ezimbili ama-Israyeli esukile eGibhithe, afike ahlalaphi isikhashana?

  2. UJehova uthi ufuna abantu benzeni, bona baphendula bathini?

  3. Kungani uJehova enika uMose amatshe amabili ayizicaba?

  4. Ngaphandle kweMiyalo Eyishumi, imiphi eminye imithetho uJehova ayinika ama-Israyeli?

  5. Yimiphi imithetho emibili uJesu Kristu athi mikhulu kunayo yonke?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 19:1-25; 20:1-21; 24:12-18; no-31:18.

    Amazwi aku-Eksodusi 19:8 asisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuzinikezela kobuKristu? (Math. 16:24; 1 Pet. 4:1-3)

  2. Funda uDuteronomi 6:4-6; Levitikusi 19:18; noMathewu 22:36-40.

    AmaKristu abonisa kanjani ukuthi ayamthanda uNkulunkulu nomakhelwane? (Marku 6:34; IzE. 4:20; Roma 15:2)

INdaba 36

Ithole Legolide

  1. Kulesi sithombe, abantu benzani, futhi bakwenzelani lokho?

  2. Kungani uJehova ethukuthele, futhi uMose wenzenjani uma ebona lokho okwenziwa abantu?

  3. UMose utshela amanye amadoda ukuba enzeni?

  4. Kufanele sifundeni thina kule ndaba?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 32:1-35.

    1. Le ndaba ibonisa ukuthi uJehova ukubheka kanjani ukuxuba inkolo yamanga nokukhulekela kweqiniso? (Eks. 32:4-6, 10; 1 Kor. 10:7, 11)

    2. Yini okufanele amaKristu ayiqaphele lapho ekhetha izinto azozijabulisa ngazo, njengokucula nokudansa? (Eks. 32:18, 19; Efe. 5:15, 16; 1 Joh. 2:15-17)

    3. Isizwe sakwaLevi sasibekela kanjani isibonelo esihle ngokusekela ukulunga? (Eks. 32:25-28; IHu. 18:25)

INdaba 37

Itende Lokukhulekela

  1. Yini igama lesakhiwo esikulesi sithombe, futhi esani?

  2. Kungani uJehova athi kuMose akakhe itende likwazi ukuhlukaniseka kalula?

  3. Liyini leli bhokisi elisendlini encane ekugcineni kwetende, futhi linani?

  4. UJehova ukhetha bani ukuba abe umpristi omkhulu, futhi umpristi omkhulu wenzani?

  5. Yisho izinto ezintathu ezisekamelweni elikhudlwana letende.

  6. Yiziphi izinto ezimbili ezisegcekeni letabernakele, futhi ezokwenzani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Eksodusi 25:8-40; 26:1-37; 27:1-8; no-28:1.

    Ayemelelani amakherubi ayengaphezu “komphongolo wobufakazi”? (Eks. 25:20, 22; Num. 7:89; 2 AmaKh. 19:15)

  2. Funda u-Eksodusi 30:1-10, 17-21; 34:1, 2; namaHebheru 9:1-5.

    1. Kungani uJehova agcizelela ukuthi kubalulekile ukuba abapristi abakhonza etabernakele bahlale behlanzekile emzimbeni, futhi lokhu kusifundisani namuhla? (Eks. 30:18-21; 40:30, 31; Heb. 10:22)

    2. Umphostoli uPawulu ubonisa kanjani ukuthi itabernakele nesivumelwano soMthetho sasingasasebenzi ngesikhathi ebhalela amaKristu angamaHebheru? (Heb. 9:1, 9; 10:1)

INdaba 38

Izinhloli Eziyi-12

  1. Ulibona linjani ihlukuzo lamagilebhisi elikulesi sithombe, futhi livelephi?

  2. Kungani uMose ethumela izinhloli eziyi-12 ezweni laseKhanani?

  3. Izinhloli eziyishumi zithini uma zibuyela kuMose?

  4. Izinhloli ezimbili zibonisa kanjani ukuthi zithembele kuJehova, futhi obani amagama azo?

  5. Kungani uJehova ethukuthele, futhi uthini kuMose?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 13:1-33.

    1. Obani abakhethwa ukuba bayohlola izwe, futhi yiliphi ithuba elihle kakhulu ababenalo? (Num. 13:2, 3, 18-20)

    2. Kungani umbono kaJoshuwa noKalebi wawehlukile kowezinye izinhloli, futhi lokhu kusifundisani thina? (Num. 13:28-30; Math. 17:20; 2 Kor. 5:7)

  2. Funda uNumeri 14:1-38.

    1. Yisiphi isixwayiso okufanele sisilalele mayelana nokukhononda ngabantu abamelela uJehova emhlabeni? (Num. 14:2, 3, 27; Math. 25:40, 45; 1 Kor. 10:10)

    2. UNumeri 14:24 ubonisa kanjani ukuthi uJehova unaka inceku yakhe ngayinye? (1 AmaKh. 19:18; IzAga 15:3)

INdaba 39

Induku Ka-Aroni Inezimbali

  1. Obani abangafuni ukuba ngaphansi kukaMose no-Aroni, futhi bathini kuMose?

  2. UMose uthi akenzeni uKhora kanye nabalandeli bakhe abangama-250?

  3. UMose uthini kubantu, futhi kwenzekani lapho eqeda nje ukukhuluma?

  4. Kwenzekani kuKhora nabalandeli bakhe abangama-250?

  5. U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, wenzani ngemicengezi yomlilo yamadoda afile, futhi kungani?

  6. Kungani uJehova enza induku ka-Aroni imile izimbali? (Bheka isithombe.)

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 16:1-49.

    1. Yini eyenziwa uKhora nabalandeli bakhe, futhi kungani lokho kwakuyisenzo sokuhlubuka kuJehova? (Num. 16:9, 10, 18; Lev. 10:1, 2; IzAga 11:2)

    2. UKhora ‘nezikhulu zenhlangano’ ezingama-250 baba namuphi umbono omubi? (Num. 16:1-3; IzAga 15:33; Isaya 49:7)

  2. Funda uNumeri 17:1-11 no-26:10.

    1. Ukuhluma kwenduku ka-Aroni kwakubonisani, futhi kungani uJehova athi ayigcinwe emphongolweni? (Num. 17:5, 8, 10)

    2. Yiziphi izifundo ezibalulekile esingazifunda ophawini lwenduku ka-Aroni? (Num. 17:10; IzE. 20:28; Fil. 2:14; Heb. 13:17)

INdaba 40

UMose Ushaya Idwala

  1. UJehova uwanakekela kanjani ama-Israyeli ngesikhathi esehlane?

  2. Ama-Israyeli akhononda athini ngesikhathi ekanise eKadeshi?

  3. UJehova ubanika kanjani amanzi abantu nezilwane zabo?

  4. Kulesi sithombe, ubani le ndoda ezikhomba ngomunwe, futhi izikhombelani?

  5. Kungani uJehova emthukuthelele uMose no-Aroni, futhi ubajezisa kanjani?

  6. Kwenzekani eNtabeni iHori, futhi ubani oba umpristi omkhulu wama-Israyeli olandelayo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 20:1-13, 22-29 noDuteronomi 29:5.

    1. Sifundani endleleni uJehova anakekela ngayo ama-Israyeli ehlane? (Dut. 29:5; Math. 6:31; Heb. 13:5; Jak. 1:17)

    2. UJehova wakubheka kanjani ukwehluleka kukaMose no-Aroni ukumngcwelisa phambi kuka-Israyeli? (Num. 20:12; 1 Kor. 10:12; IsAm. 4:11)

    3. Yini esingayifunda endleleni uMose asamukela ngayo isiyalo esivela kuJehova? (Num. 12:3; 20:12, 27, 28; Dut. 32:4; Heb. 12:7-11)

INdaba 41

Inyoka Yethusi

  1. Kulesi sithombe, yini lena ezizongolozele esigxotsheni, futhi kungani uJehova athi uMose akayibeke lapho?

  2. Abantu babonisa kanjani ukuthi ababongi ngakho konke uNkulunkulu abenzele kona?

  3. Abantu bacela uMose ukuba enzeni ngemva kokuba uJehova ethumele izinyoka ezinesihlungu ukuze abajezise?

  4. Kungani uJehova ethi uMose akenze inyoka yethusi?

  5. Sifundani kule ndaba?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 21:4-9.

    1. Yisiphi isixwayiso esisitholayo ngokukhononda kwama-Israyeli ngento ayeyinikwe uJehova? (Num. 21:5, 6; Roma 2:4)

    2. Emakhulwini eminyaka alandela, ama-Israyeli ayisebenzisa kanjani inyoka yethusi futhi iNkosi uHezekiya yenzani? (Num. 21:9; 2 AmaKh. 18:1-4)

  2. Funda uJohane 3:14, 15.

    Ukuphanyekwa kwenyoka yethusi esigxotsheni kwakukufanekisela kanjani ukulengiswa kukaJesu Kristu esigxotsheni? (Gal. 3:13; 1 Pet. 2:24)

INdaba 42

Imbongolo Iyakhuluma

  1. Ubani uBhalaki, futhi uthuma uBhalami ukuba enzeni?

  2. Kungani imbongolo kaBhalami ilala phansi endleleni?

  3. UBhalami uzwa imbongolo ikhuluma ithini?

  4. Ithini ingelosi kuBhalami?

  5. Kwenzekani lapho uBhalami ezama ukuqalekisa ama-Israyeli?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 21:21-35.

    Kungani ama-Israyeli amehlula uSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBhashani? (Num. 21:21, 23, 33, 34)

  2. Funda uNumeri 22:1-40.

    Yayiyini inhloso kaBhalami lapho ezama ukuqalekisa ama-Israyeli, futhi singafundani kulokhu? (Num. 22:16, 17; IzAga 6:16, 18; 2 Pet. 2:15; Jude 11)

  3. Funda uNumeri 23:1-30.

    Yize uBhalami ayekhuluma sengathi ungumkhulekeli kaJehova, izenzo zakhe zabonisa kanjani ukuthi wayengeyena? (Num. 23:3, 11-14; 1 Sam. 15:22)

  4. Funda uNumeri 24:1-25.

    Le ndaba yeBhayibheli isenza kanjani sikholelwe ngokuqinile ukuthi izinjongo zikaJehova zizofezeka? (Num. 24:10; Isaya 54:17)

INdaba 43

UJoshuwa Uba Ngumholi

  1. Kulesi sithombe, obani la madoda amabili ami noMose?

  2. UJehova uthini kuJoshuwa?

  3. Kungani uMose ekhuphukela phezulu eNtabeni iNebo, futhi uJehova uthini kuye?

  4. UMose ufa eneminyaka emingaki?

  5. Kungani abantu bedabukile, kodwa yini ebajabulisayo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNumeri 27:12-23.

    Yisiphi isabelo esisindayo uJoshuwa asithola kuJehova, futhi kubonakala kanjani ukuthi uJehova uyabanakekela abantu baKhe namuhla? (Num. 27:15-19; IzE. 20:28; Heb. 13:7)

  2. Funda uDuteronomi 3:23-29.

    Kungani uJehova engabavumelanga oMose no-Aroni ukuba bawelele ezweni lesithembiso, futhi yisiphi isifundo esingasifunda kulokhu? (Dut. 3:25-27; Num. 20:12, 13)

  3. Funda uDuteronomi 31:1-8, 14-23.

    Amazwi kaMose okuvalelisa kuma-Israyeli abonisa kanjani ukuthi wasemukela ngokuthobeka isiyalo esivela kuJehova? (Dut. 31:6-8, 23)

  4. Funda uDuteronomi 32:45-52.

    IZwi likaNkulunkulu kufanele likuthinte kanjani ukuphila kwethu? (Dut. 32:47; Lev. 18:5; Heb. 4:12)

  5. Funda uDuteronomi 34:1-12.

    Yize uMose engazange ambone ngokoqobo ngempela uJehova, uDuteronomi 34:10 ubonisa ukuthi wayenobuhlobo obunjani noJehova? (Eks. 33:11, 20; Num. 12:8)

INdaba 44

URahabi Ufihla Izinhloli

  1. Uhlalaphi uRahabi?

  2. Ayini la madoda amabili asesithombeni, futhi kungani eseJeriko?

  3. Inkosi yaseJeriko ithi uRahabi akenzeni, yena uphendula uthini?

  4. URahabi uwasiza kanjani la madoda amabili, futhi ucela ukuba wona amenzeleni?

  5. Izinhloli ezimbili zimthembisani uRahabi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 2:1-24.

    Isithembiso sikaJehova esiku-Eksodusi 23:28 sagcwaliseka kanjani lapho ama-Israyeli eyohlasela iJeriko? (Josh. 2:9-11)

  2. Funda amaHebheru 11:31.

    Isibonelo sikaRahabi sikuqokomisa kanjani ukubaluleka kokuba nokholo? (Roma 1:17; Heb. 10:39; Jak. 2:25)

INdaba 45

Ukuwela UMfula IJordani

  1. Yisiphi isimangaliso uJehova asenzayo ukuze ama-Israyeli akwazi ukuwela uMfula iJordani?

  2. Yini ama-Israyeli okufanele ayenze ebonisa ukuthi anokholo ukuze awele uMfula iJordani?

  3. Kungani uJehova ethi uJoshuwa akaqoqe amatshe ayi-12 amakhulu osebeni lomfula?

  4. Kwenzekani lapho nje abapristi bekhuphuka bephuma eJordani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 3:1-17.

    1. Njengoba kuboniswa yile ndaba, yini okudingeka siyenze ukuze uJehova asisize futhi asibusise? (Josh. 3:13, 15; IzAga 3:5; Jak. 2:22, 26)

    2. Wawunjani uMfula iJordani ngesikhathi amaIsrayeli ewelela eZweni Lesithembiso, futhi lokhu kwaliphakamisa kanjani igama likaJehova? (Josh. 3:15; 4:18; IHu. 66:5-7)

  2. Funda uJoshuwa 4:1-18.

    Kwakungawani amatshe ayi-12 athathwa eJordani abekwa eGiligali? (Josh. 4:4-7)

INdaba 46

Izindonga ZaseJeriko

  1. UJehova uthi awenzeni amadoda empi nabapristi kuze kuphele izinsuku eziyisithupha?

  2. Azokwenzani amadoda ngosuku lwesikhombisa?

  3. Njengoba ubona esithombeni, kwenzekani ezindongeni zaseJeriko?

  4. Kungani kunentambo ebomvu elenga ewindini?

  5. UJoshuwa uthi amadoda empi awenzeni kubantu nasemzini, kodwa uthi awalenzenjani isiliva, igolide, ithusi nensimbi?

  6. Izinhloli ezimbili kuthiwa azenzeni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 6:1-25.

    1. Ukumasha kwama-Israyeli azungeze iJeriko ngosuku lwesikhombisa kufana kanjani nomsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova kulezi zinsuku zokugcina? (Josh. 6:15, 16; Isaya 60:22; Math. 24:14; 1 Kor. 9:16)

    2. Isiprofetho esikuJoshuwa 6:26 sagcwaliseka kanjani eminyakeni engama-500 kamuva, futhi lokhu kusifundisani ngezwi likaJehova? (1 AmaKh. 16:34; Isaya 55:11)

INdaba 47

Isela Kwa-Israyeli

  1. Kulesi sithombe, ubani le ndoda egqiba ingcebo ethathwe eJeriko, futhi obani laba abayisizayo?

  2. Kungani isenzo sika-Akhani nomkhaya wakhe sisibi kangaka?

  3. UJehova uphendula athini uma uJoshuwa ebuza ukuthi kungani ama-Israyeli ehluliwe empini yase-Ayi?

  4. Ngemva kokuba u-Akhani nomkhaya wakhe belethwe kuJoshuwa, kwenzekani kubo?

  5. Isahlulelo esatholwa u-Akhani sisifundisa siphi isifundo esibalulekile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 7:1-26.

    1. Imithandazo kaJoshuwa yayibonisa ukuthi unobuhlobo obunjani noMdali wakhe? (Josh. 7:7-9; IHu. 119:145; 1 Joh. 5:14)

    2. Isibonelo sika-Akhani sibonisani, futhi sisixwayisa ngani thina? (Josh. 7:11, 14, 15; IzAga 15:3; 1 Thim. 5:24; Heb. 4:13)

  2. Funda uJoshuwa 8:1-29.

    Yimuphi umthwalo wemfanelo ngamunye wethu anawo ebandleni lobuKristu namuhla? (Josh. 7:13; Lev. 5:1; IzAga 28:13)

INdaba 48

AbaseGibheyoni Abahlakaniphile

  1. Abantu baseGibheyoni bahluke kanjani kubantu basemizini yaseKhanani eseduze nabo?

  2. Njengoba kuboniswe esithombeni, abaseGibheyoni benzani, futhi kungani?

  3. UJoshuwa nabaholi bama-Israyeli babathembisa ukuthini abaseGibheyoni, kodwa bezwani ngemva kwezinsuku ezintathu?

  4. Amanye amakhosi enzenjani lapho ezwa ukuthi abaseGibheyoni benze ukuthula no-Israyeli?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 9:1-27.

    1. Njengoba uJehova ayeyale isizwe sakwa-Israyeli ukuba ‘sibabhuqe bonke abakhileyo ezweni,’ ukusindisa kwakhe abaseGibheyoni kwaqokomisa ziphi izimfanelo zakhe? (Josh. 9:22, 24; Math. 9:13; IzE. 10:34, 35; 2 Pet. 3:9)

    2. Ngokungasishintshi isivumelwano ayesenze nabaseGibheyoni, uJoshuwa wawabekela siphi isibonelo esihle amaKristu namuhla? (Josh. 9:18, 19; Math. 5:37; Efe. 4:25)

  2. Funda uJoshuwa 10:1-5.

    Isixuku esikhulu namuhla sibalingisa kanjani abaseGibheyoni, ngokwenza kanjalo sizibeka engozini yani? (Josh. 10:4; Zak. 8:23; Math. 25:35-40; IsAm. 12:17)

INdaba 49

Ilanga Liyama

  1. Kulesi sithombe, uthini uJoshuwa, futhi kungani?

  2. UJehova umsiza kanjani uJoshuwa namadoda akhe empi?

  3. Mangaki amakhosi ayizitha uJoshuwa awanqobayo, futhi kuthatha isikhathi esingakanani?

  4. Kungani uJoshuwa ehlukanisa izwe laseKhanani?

  5. Ufa eneminyaka emingaki uJoshuwa, futhi kwenzekani kubantu ngemva kokuba esefile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJoshuwa 10:6-15.

    Ukwazi ukuthi uJehova wenza ilanga nenyanga yama ngenxa ka-Israyeli, kusenza siqiniseke ngani namuhla? (Josh. 10:8, 10, 12, 13; IHu. 18:3; IzAga 18:10)

  2. Funda uJoshuwa 12:7-24.

    Ubani ngempela owabangela ukunqotshwa kwamakhosi aseKhanani angama-31, futhi kungani lokhu kubalulekile kithi namuhla? (Josh. 12:7; 24:11-13; Dut. 31:8; Luka 21:9, 25-28)

  3. Funda uJoshuwa 14:1-5.

    Izizwe zakwa-Israyeli zahlukaniselwa kanjani izwe, futhi lokhu kubonisani mayelana nefa ePharadesi? (Josh. 14:2; Isaya 65:21; Hez. 47:21-23; 1 Kor. 14:33)

  4. Funda abAhluleli 2:8-13.

    NjengoJoshuwa kwa-Israyeli, ubani namuhla ovimbela ukuhlubuka? (AbAhl. 2:8, 10, 11; Math. 24:45-47; 2 Thes. 2:3-6; Thithu 1:7-9; IsAm. 1:1; 2:1, 2)

INdaba 50

Abesifazane Abanesibindi

  1. Abantu abanjani abahluleli, futhi obani amagama abanye babo?

  2. Yiliphi ilungelo elikhethekile uDebora analo, futhi lidinga ukuba enzeni?

  3. Lapho u-Israyeli esongelwa iNkosi uJabini nenduna yakhe yempi, uSisera, yimuphi umyalezo ovela kuJehova uDebora awutshela uMahluleli uBharaki, futhi uthi ubani oyothola udumo?

  4. UJayeli ubonisa kanjani ukuthi ungowesifazane onesibindi?

  5. Kwenzekani ngemva kokufa kweNkosi uJabini?

Eminye imibuzo:

  1. Funda abAhluleli 2:14-22.

    Ama-Israyeli azilethela kanjani intukuthelo kaJehova, futhi yisiphi isifundo esingasifunda kulokhu? (AbAhl. 2:20; IzAga 3:1, 2; Hez. 18:21-23)

  2. Funda abAhluleli 4:1-24.

    Yiziphi izifundo eziqondene nokholo nesibindi abesifazane abangamaKristu namuhla abangazifunda kuDebora noJayeli? (AbAhl. 4:4, 8, 9, 14, 21, 22; IzAga 31:30; 1 Kor. 16:13)

  3. Funda abAhluleli 5:1-31.

    Ingoma yokunqoba kaBharaki noDebora ingasetshenziswa kanjani njengomthandazo oqondene nempi ezayo ye-Armagedoni? (AbAhl. 5:3, 31; 1 IziKr. 16:8-10; IsAm. 7:9, 10; 16:16; 19:19-21)

INdaba 51

URuthe NoNawomi

  1. UNawomi ufike kanjani ezweni lakwaMowabi?

  2. Ubani uRuthe no-Opa?

  3. URuthe wenzenjani lapho uNawomi ethi akabuyele kubo, u-Opa yena wenzenjani?

  4. Ubani uBhowazi, futhi umsiza kanjani uRuthe noNawomi?

  5. Ubani igama lengane kaBhowazi noRuthe, futhi kungani kufanele siyikhumbule?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uRuthe 1:1-17.

    1. Yimaphi amazwi amnandi othando oluqotho ashiwo uRuthe? (Ruthe 1:16, 17)

    2. Isimo sengqondo sikaRuthe sisibonisa kanjani isimo sengqondo ‘sezinye izimvu’ ngabagcotshiwe emhlabeni namuhla? (Joh. 10:16; Zak. 8:23)

  2. Funda uRuthe 2:1-23.

    Yisiphi isibonelo esihle uRuthe asibekela abesifazane abasha namuhla? (Ruthe 2:17, 18; IzAga 23:22; 31:15)

  3. Funda uRuthe 3:5-13.

    1. UBhowazi wakubheka kanjani ukuvuma kukaRuthe ukushada naye esikhundleni sokushada nomuntu oseyinsizwa?

    2. Isimo sengqondo sikaRuthe sisifundisani ngothando oluqotho? (Ruthe 3:10; 1 Kor. 13:4, 5)

  4. Funda uRuthe 4:7-17.

    Amadoda angamaKristu namuhla angamlingisa kanjani uBhowazi? (Ruthe 4:9, 10; 1 Thim. 3:1, 12, 13; 5:8)

INdaba 52

UGideyoni Namadoda Angama-300

  1. Akuyiphi inkathazo ama-Israyeli futhi angene kanjani kuyo?

  2. Kungani uJehova ethi uGideyoni unamadoda amaningi kakhulu empini yakhe?

  3. Kusala amadoda amangaki ngemva kokuba uGideyoni ethe amadoda esabayo awaphindele emakhaya?

  4. Bheka isithombe bese uyachaza ukuthi uJehova ulinciphisa kanjani inani lempi kaGideyoni lize libe amadoda angama-300 nje kuphela.

  5. UGideyoni uwahlela kanjani amadoda akhe angama-300, futhi u-Israyeli uyinqoba kanjani impi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda abAhluleli 6:36-40.

    1. UGideyoni waqiniseka kanjani ukuthi iyini intando kaJehova?

    2. Thina namuhla sithola kanjani ukuthi iyini intando kaJehova? (IzAga 2:3-6; Math. 7:7-11; 2 Thim. 3:16, 17)

  2. Funda abAhluleli 7:1-25.

    1. Yisiphi isifundo esingasifunda kulaba abangama-300 abahlala beqaphile uma beqhathaniswa nalabo abanganakanga? (AbAhl. 7:3, 6; Roma 13:11, 12; Efe. 5:15-17)

    2. Njengoba nje laba abangama-300 bafunda ngokubheka uGideyoni, thina sifunda kanjani ngokubheka uGideyoni Omkhulu, uJesu Kristu? (AbAhl. 7:17; Math. 11:29, 30; 28:19, 20; 1 Pet. 2:21)

    3. AbAhluleli 7:21 basisiza kanjani ukuba saneliseke ukukhonza noma kuphi lapho sabelwe khona enhlanganweni kaJehova? (1 Kor. 4:2; 12:14-18; Jak. 4:10)

  3. Funda abAhluleli 8:1-3.

    Mayelana nokuxazulula ukungezwani nomfowethu noma nodade, yini esingayifunda endleleni uGideyoni axazulula ngayo ingxabano nabakwa-Efrayimi? (IzAga 15:1; Math. 5:23, 24; Luka 9:48)

INdaba 53

Isithembiso SikaJefta

  1. Ubani uJefta, futhi wayephila ngasiphi isikhathi?

  2. UJefta wenza isithembiso esithini kuJehova?

  3. Kungani uJefta edabuka lapho ephindela ekhaya esewanqobile ama-Amoni?

  4. Ithini indodakazi kaJefta lapho izwa ngesithembiso sikayise?

  5. Kungani abantu beyithanda indodakazi kaJefta?

Eminye imibuzo:

  1. Funda abAhluleli 10:6-18.

    Yisiphi isixwayiso okufanele sisilalele emlandweni wama-Israyeli wokungathembeki kuJehova? (AbAhl. 10:6, 15, 16; Roma 15:4; IsAm. 2:10)

  2. Funda abAhluleli 11:1-11, 29-40.

    1. Sazi kanjani ukuthi ukunikela kukaJefta ngendodakazi yakhe ‘njengomnikelo wokushiswa’ kwakungasho ukuyinikela emlilweni njengomhlatshelo womuntu? (AbAhl. 11:31; Lev. 16:24; Dut. 18:10, 12)

    2. UJefta wayinikela kanjani indodakazi yakhe njengomhlatshelo?

    3. Yini esingayifunda endleleni uJefta ayebheka ngayo isifungo ayesenze kuJehova? (AbAhl. 11:35, 39; UmSh. 5:4, 5; Math. 16:24)

    4. Yisiphi isibonelo esihle indodakazi kaJefta esibekela amaKristu asemasha afuna ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele? (AbAhl. 11:36; Math. 6:33; Fil. 3:8)

INdaba 54

Indoda Enamandla

  1. Ubani igama lendoda enamandla kakhulu eyake yaphila, futhi ubani owayinika amandla?

  2. Ngesinye isikhathi, uSamsoni ulenzani ibhubesi elikhulu, njengoba ubona esithombeni?

  3. Kulesi sithombe, uSamsoni umtshela imfihlo ethini uDelila, futhi lokhu kwenza kanjani ukuba uSamsoni agcine ebanjwe amaFilisti?

  4. USamsoni wenza kanjani ukuba kufe amaFilisti ayizi-3 000 ayizitha ngosuku yena afa ngalo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda abAhluleli 13:1-14.

    UManowa nomkakhe bababekela kanjani abazali isibonelo esihle ekukhuliseni izingane zabo? (AbAhl. 13:8; IHu. 127:3; Efe. 6:4)

  2. Funda abAhluleli 14:5-9 no-15:9-16.

    1. Indaba kaSamsoni yokubulala ibhubesi, ukugqashula izindophi ezintsha ayeboshwe ngazo, nokubulala amadoda ayinkulungwane ngethambo lomhlathi wembongolo yeduna yembulani ngokusebenza komoya ongcwele kaJehova?

    2. Umoya ongcwele usisiza kanjani thina namuhla? (AbAhl. 14:6; 15:14; Zak. 4:6; IzE. 4:31)

  3. Funda abAhluleli 16:18-31.

    Kwenzekani kuSamsoni ngenxa yokuzihlanganisa nababi, futhi thina singafundani kulokhu? (AbAhl. 16:18, 19; 1 Kor. 15:33)

INdaba 55

Umfanyana Ukhonza UJehova

  1. Ubani igama lalo mfanyana osesithombeni, futhi obani laba abanye?

  2. Uthandaza uthini uHana ngelinye ilanga esetabernakele likaJehova, futhi uJehova umphendula kanjani?

  3. Uneminyaka emingaki uSamuweli lapho eyiswa etendeni likaJehova ukuba ayokhonza khona, futhi yini unina amenzela yona njalo ngonyaka?

  4. Obani amagama amadodana ka-Eli, futhi angabantu abanjani?

  5. UJehova umbiza kanjani uSamuweli, futhi umtshela ukuthini?

  6. USamuweli uba yini lapho ekhula, ngemva kwalokho abantu bamcelani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 1:1-28.

    1. Yisiphi isibonelo esihle u-Elkana asibekela izinhloko zemikhaya mayelana nokuhola ekukhulekeleni kweqiniso? (1 Sam. 1:3, 21; Math. 6:33; Fil. 1:10)

    2. Singafundani esibonelweni sikaHana ekubhekaneni nenkinga enzima? (1 Sam. 1:10, 11; IHu. 55:22; Roma 12:12)

  2. Funda eyoku-1 Samuweli 2:11-36.

    U-Eli wawadumisa kanjani amadodana akhe ngaphezu kukaJehova, futhi lokhu kusixwayisa ngani thina? (1 Sam. 2:22-24, 27, 29; Dut. 21:18-21; Math. 10:36, 37)

  3. Funda eyoku-1 Samuweli 4:16-18.

    Yimiphi imibiko emine yosizi evela ohlwini lwempi, futhi kwenzekani ku-Eli lapho eyizwa?

  4. Funda eyoku-1 Samuweli 8:4-9.

    Yini eyenziwa u-Israyeli eyamona kakhulu uJehova, futhi thina singawusekela kanjani ngokwethembeka uMbuso wakhe namuhla? (1 Sam. 8:5, 7; Joh. 17:16; Jak. 4:4)

INdaba 56

Inkosi Yokuqala Kwa-Israyeli

  1. Kulesi sithombe, wenzani uSamuweli, futhi ukwenzelani lokho?

  2. Kungani uJehova emthanda uSawule, futhi ungumuntu onjani?

  3. Ubani igama lendodana kaSawule, futhi yenzani le ndodana?

  4. Kungani uSawule awenza ngokwakhe umnikelo esikhundleni sokulinda uSamuweli ukuba awenze?

  5. Sifundani thina endabeni kaSawule?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 9:15-21 no-10:17-27.

    Isimo sengqondo sikaSawule sokuthobeka samsiza kanjani ukuba agweme ukuphamazela lapho amadoda athile emdelela? (1 Sam. 9:21; 10:21, 22, 27; IzAga 17:27)

  2. Funda eyoku-1 Samuweli 13:5-14.

    Yisiphi isono esenziwa uSawule eGiligali? (1 Sam. 10:8; 13:8, 9, 13)

  3. Funda eyoku-1 Samuweli 15:1-35.

    1. Yisiphi isono esibi kakhulu esenziwa uSawule mayelana no-Agagi, inkosi yama-Amaleki? (1 Sam. 15:2, 3, 8, 9, 22)

    2. USawule wazama kanjani ukuzithethelela ngezenzo zakhe nokususa icala kuye? (1 Sam. 15:24)

    3. Yisiphi isixwayiso okufanele sisilalele namuhla uma sinikezwa iseluleko? (1 Sam. 15:19-21; IHu. 141:5; IzAga 9:8, 9; 11:2)

INdaba 57

UNkulunkulu Ukhetha UDavide

  1. Ubani igama lalo mfana osesithombeni, futhi sazi kanjani ukuthi unesibindi?

  2. Uhlalaphi uDavide, futhi ubani igama likayise noyisemkhulu?

  3. Kungani uJehova ethi uSamuweli akaye endlini kaJese eBhetlehema?

  4. Kwenzekani lapho uJese eselethe amadodana akhe ayisikhombisa kuSamuweli?

  5. Lapho kulethwa uDavide, uJehova uthini kuSamuweli?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 17:34, 35.

    Lezi zigigaba zikugcizelela kanjani ukuthi uDavide wayenesibindi futhi ethembele kuJehova? (1 Sam. 17:37)

  2. Funda eyoku-1 Samuweli 16:1-14.

    1. Amazwi kaJehova akweyoku-1 Samuweli 16:7 asisiza kanjani ukuba singakhethi futhi sigweme ukubandlulula umuntu ngenxa yokubukeka kwakhe? (IzE. 10:34, 35; 1 Thim. 2:4)

    2. Isibonelo sikaSawule sibonisa kanjani ukuthi lapho uJehova esusa umoya wakhe ongcwele kumuntu, isikhala singavalwa umoya omubi, noma isifiso sakhe sokwenza okubi? (1 Sam. 16:14; Math. 12:43-45; Gal. 5:16)

INdaba 58

UDavide NoGoliyati

  1. UGoliyati uwadelela uthini amabutho akwa-Israyeli?

  2. Ungakanani uGoliyati ngomzimba, futhi iNkosi uSawule ithembisa ukuthi uzotholani umuntu obulala uGoliyati?

  3. Uthini uDavide uma uSawule emtshela ukuthi ngeke akwazi ukulwa noGoliyati ngoba uDavide usengumfana?

  4. Lapho ephendula uGoliyati, uDavide ubonisa kanjani ukuthi uthembele kuJehova?

  5. Njengoba ubona esithombeni, uDavide umbulala ngani uGoliyati, futhi amaFilisti enzenjani emva kwalokho?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 17:1-54.

    1. Yini eyayenza uDavide angesabi, futhi thina singasilingisa kanjani isibindi sakhe? (1 Sam. 17:37, 45; Efe. 6:10, 11)

    2. Kungani amaKristu kufanele awugweme umoya wokuncintisana onjengokaGoliyati lapho edlala noma ezijabulisa? (1 Sam. 17:8; Gal. 5:26; 1 Thim. 4:8)

    3. Amazwi kaDavide abonisa kanjani ukuthi wayenokholo lokuthi uNkulunkulu uyamsekela? (1 Sam. 17:45-47; 2 IziKr. 20:15)

    4. Kunokumane nje ichaze umbango phakathi kwamabutho amabili alwayo, le ndaba ibonisa kanjani ukuthi empeleni impi yayiphakathi konkulunkulu bamanga noNkulunkulu weqiniso, uJehova? (1 Sam. 17:43, 46, 47)

    5. Insali egcotshiwe isilingisa kanjani isibonelo sikaDavide sokuthembela kuJehova? (1 Sam. 17:37; Jer. 1:17-19; IsAm. 12:17)

INdaba 59

Okwenza UDavide Abaleke

  1. Kungani uSawule enomona ngoDavide, kodwa indodana kaSawule, uJonathani, ihluke kanjani?

  2. Kwenzekani ngolunye usuku lapho uDavide edlalela uSawule ihabhu?

  3. USawule uthi uDavide kufanele enzeni ngaphambi kokuba athathe indodakazi kaSawule, uMikhali ibe umkakhe, futhi kungani uSawule esho lokhu?

  4. Lapho uDavide edlalela uSawule ihabhu, kwenzekani okwesithathu njengoba ubona esithombeni?

  5. UMikhali usiza kanjani ekusindiseni ukuphila kukaDavide, futhi ngemva kwalokho yini uDavide okudingeka ayenze kuze kuphele iminyaka eyisikhombisa?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 18:1-30.

    1. Uthando oluqinile lukaJonathani noDavide lwalufanekisela kanjani kusengaphambili uthando phakathi ‘kwezinye izimvu nomhlambi omncane’? (1 Sam. 18:1; Joh. 10:16; Luka 12:32; Zak. 8:23)

    2. Uma sicabangela iqiniso lokuthi uJonathani empeleni nguye owayeyindlalifa kaSawule, yini eshiwo eyoku-1 Samuweli 18:4 ebonisa ukuzithoba kukaJonathani okuvelele kulowo owayekhethwe ukuba abe inkosi?

    3. Isibonelo sikaSawule sibonisa kanjani ukuthi umona ungaholela esonweni esibi kakhulu, futhi lokhu kusixwayisa ngani thina? (1 Sam. 18:7-9, 25; Jak. 3:14-16)

  2. Funda eyoku-1 Samuweli 19:1-17.

    Lapho ekhuluma noSawule, uJonathani wakubeka kanjani ukuphila kwakhe engozini? (1 Sam. 19:1, 4-6; IzAga 16:14)

INdaba 60

U-Abhigayili NoDavide

  1. Ubani igama lalo muntu wesifazane ozohlangabeza uDavide esithombeni, futhi ungumuntu onjani?

  2. Ubani uNabali?

  3. Kungani uDavide ethumela amanye amadoda akhe ukuba ayocela usizo kuNabali?

  4. UNabali uthini emadodeni kaDavide, futhi uDavide yena wenzenjani?

  5. U-Abhigayili ubonisa kanjani ukuthi ungowesifazane ohlakaniphile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 22:1-4.

    Umkhaya kaDavide wasibekela kanjani isibonelo esihle ngendlela okufanele sisekelane ngayo nabafowethu abangamaKristu? (IzAga 17:17; 1 Thes. 5:14)

  2. Funda eyoku-1 Samuweli 25:1-43.

    1. Kungani uNabali echazwa ngendlela edeleleke kangaka? (1 Sam. 25:2-5, 10, 14, 21, 25)

    2. Omama abangamaKristu namuhla bangafundani esibonelweni sika-Abhigayili? (1 Sam. 25:32, 33; IzAga 31:26; Efe. 5:24)

    3. U-Abhigayili wavimba uDavide ekwenzeni ziphi izinto ezimbi ezimbili? (1 Sam. 25:31, 33; Roma 12:19; Efe. 4:26)

    4. Indlela uDavide aphendula ngayo amazwi ka-Abhigayili iwasiza kanjani amadoda namuhla ukuba abheke abesifazane ngendlela uJehova ababheka ngayo? (IzE. 21:8, 9; Roma 2:11; 1 Pet. 3:7)

INdaba 61

UDavide Uba Yinkosi

  1. UDavide no-Abhishayi benzani ngesikhathi uSawule elele ekamu?

  2. UDavide umbuza umbuzo othini uSawule?

  3. Ngemva kokushiya uSawule, uDavide uyaphi?

  4. Yini eyenza uDavide adabuke kakhulu, aze abhale ihubo elihle?

  5. Uneminyaka emingaki uDavide lapho enziwa inkosi eHebroni, futhi obani amagama amanye amadodana akhe?

  6. Kamuva uDavide ubusa abe yinkosi kuphi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Samuweli 26:1-25.

    1. Amazwi kaDavide akweyoku-1 Samuweli 26:11 aveza ukuthi wayelubheka kanjani uhlelo lukaNkulunkulu? (IHu. 37:7; Roma 13:2)

    2. Uma senza umzamo wokubonisa umusa wothando kodwa ungamukelwa ngokwazisa, amazwi kaDavide atholakala kweyoku-1 Samuweli 26:23 asisiza kanjani ukuba sibe nombono ofanele? (1 AmaKh. 8:32; IHu. 18:20)

  2. Funda eyesi-2 Samuweli 1:26.

    AmaKristu namuhla angaba kanjani nohlobo ‘lothando olukhulu ngomunye nomunye’ olufana nalolo uDavide noJonathani ababenalo? (1 Pet. 4:8; Kol. 3:14; 1 Joh. 4:12)

  3. Funda eyesi-2 Samuweli 5:1-10.

    1. UDavide wabusa iminyaka emingaki njengenkosi, futhi leyo nkathi yahlukaniswa kanjani? (2 Sam. 5:4, 5)

    2. Ubani owenza uDavide waba mkhulu, futhi lokhu kusikhumbuzani thina namuhla? (2 Sam. 5:10; 1 Sam. 16:13; 1 Kor. 1:31; Fil. 4:13)

INdaba 62

Umuzi KaDavide Enkathazweni

  1. Ngosizo lukaJehova, kugcina kwenzekeni ngezwe laseKhanani?

  2. Kwenzekani ngolunye usuku lapho uDavide esophahleni lwendlu yakhe?

  3. Kungani uJehova emthukuthelele kakhulu uDavide?

  4. Lapha esithombeni, uJehova uthuma bani ukuba atshele uDavide ngezono zakhe, futhi leyo ndoda ithi kuzokwenzekani kuDavide?

  5. Uba nayiphi inkathazo uDavide?

  6. Ngemva kukaDavide, ubani oba inkosi yakwaIsrayeli?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 Samuweli 11:1-27.

    1. Ukuzigcina simatasa enkonzweni kaJehova kusivikela kanjani?

    2. Yini eyaholela uDavide esonweni, futhi lokhu kuzixwayisa ngani izinceku zikaJehova namuhla? (2 Sam. 11:2; Math. 5:27-29; 1 Kor. 10:12; Jak. 1:14, 15)

  2. Funda eyesi-2 Samuweli 12:1-18.

    1. Yisiphi isifundo abadala kanye nabazali abangasifunda endleleni uNathani akhuluma ngayo noDavide lapho emnika iseluleko? (2 Sam. 12:1-4; IzAga 12:18; Math. 13:34)

    2. Kungani uJehova aba nesihe kuDavide? (2 Sam. 12:13; IHu. 32:5; 2 Kor. 7:9, 10)

INdaba 63

INkosi USolomoni

  1. UJehova umbuza ukuthini uSolomoni, futhi uphendula uthini?

  2. Ngenxa yokuthi uyakujabulela lokho okucelwa uSolomoni, uJehova uthembisa ukumnikani?

  3. Iyiphi inkinga abesifazane ababili abayibika kuSolomoni?

  4. Njengoba ubona esithombeni, uSolomoni uyixazulula kanjani le nkinga?

  5. Abantu baphila kanjani ngesikhathi kubusa uSolomoni, futhi kungani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 amaKhosi 3:3-28.

    1. Amadoda anikwe imithwalo yemfanelo enhlanganweni kaNkulunkulu namuhla angafundani emazwini kaSolomoni aqotho akweyoku-1 AmaKhosi 3:7? (IHu. 119:105; IzAga 3:5, 6)

    2. Yisiphi isibonelo esihle sezinto ezifanele esingazithandazela esisithola esicelweni sikaSolomoni? (1 AmaKh. 3:9, 11; IzAga 30:8, 9; 1 Joh. 5:14)

    3. Indlela uSolomoni axazulula ngayo ingxabano eyayiphakathi kwabesifazane ababili isinikeza siphi isiqiniseko mayelana nokubusa kwesikhathi esizayo kukaSolomoni Omkhulu, uJesu Kristu? (1 AmaKh. 3:28; Isaya 9:6, 7; 11:2-4)

  2. Funda eyoku-1 amaKhosi 4:29-34.

    1. UJehova wasiphendula kanjani isicelo sikaSolomoni sokuba nenhliziyo elalelayo? (1 AmaKh. 4:29)

    2. Uma sicabanga ngemizamo abantu abayenza ukuze bazokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, kufanele sikubheke kanjani ukutadisha iZwi likaNkulunkulu? (1 AmaKh. 4:29, 34; Joh. 17:3; 2 Thim. 3:16)

INdaba 64

USolomoni Wakha Ithempeli

  1. Kumthatha isikhathi eside kangakanani uSolomoni ukuqeda ukwakha ithempeli likaJehova, futhi kungani liyizindleko ezinkulu kangaka?

  2. Mangaki amakamelo amakhulu akuleli thempeli, futhi yini efakwa ekamelweni elingaphakathi?

  3. USolomoni uthini emthandazweni wakhe lapho ithempeli seliphelile?

  4. UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyawujabulela umthandazo kaSolomoni?

  5. Amakhosikazi kaSolomoni ambangela ukuba enzeni, futhi kwenzekani kuSolomoni?

  6. Kungani uJehova emthukuthelele uSolomoni, futhi uJehova uthini kuye?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 iziKronike 28:9, 10.

    Uma sicabanga amazwi kaDavide akweyoku-1 iziKronike 28:9, 10, yini okufanele silwele ukuyenza ekuphileni kwethu nsuku zonke? (IHu. 19:14; Fil. 4:8, 9)

  2. Funda eyesi-2 iziKronike 6:12-21, 32-42.

    1. USolomoni wabonisa kanjani ukuthi asikho isakhiwo esakhiwe umuntu esingathwala uNkulunkulu oPhezukonke? (2 IziKr. 6:18; IzE. 17:24, 25)

    2. Amazwi kaSolomoni atholakala kweyesi-2 iziKronike 6a eyok:32, 33 abonisani ngoJehova? (IzE. 10:34, 35; Gal. 2:6)

  3. Funda eyesi-2 iziKronike 7:1-5.

    Njengoba nje abantwana bakwa-Israyeli bashukumiseleka ukuba badumise uJehova lapho bebona inkazimulo yakhe, thina namuhla kufanele kusithinte kanjani ukucabanga ngesibusiso sikaJehova kubantu bakhe? (2 IziKr. 7:3; IHu. 22:22; 34:1; 96:2)

  4. Funda eyoku-1 amaKhosi 11:9-13.

    Inkambo yokuphila kaSolomoni ibonisa kanjani ukuthi kubalulekile ukuhlala sithembekile kuze kube sekugcineni? (1 AmaKh. 11:4, 9; Math. 10:22; IsAm. 2:10)

INdaba 65

Umbuso Uyehlukana

  1. Obani amagama ala madoda amabili asesithombeni, futhi ayini?

  2. U-Ahiya uyenzani ingubo ayigqokile, futhi leso senzo sisho ukuthini?

  3. USolomoni uzama ukumenzani uJerobowamu?

  4. Kungani abantu benza uJerobowamu inkosi yezizwe eziyishumi?

  5. Kungani uJerobowamu enza amathole amabili egolide, futhi kwenzekani ezweni ngemva nje kwalokho?

  6. Kwenzekani embusweni wezizwe ezimbili nasethempelini likaJehova eJerusalema?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 amaKhosi 11:26-43.

    Wayengumuntu onjani uJerobowamu, futhi uJehova wamthembisa ukuthi uzomenzelani uma egcina imiyalo yaKhe? (1 AmaKh. 11:28, 38)

  2. Funda eyoku-1 amaKhosi 12:1-33.

    1. Yini abazali nabadala abangayifunda esibonelweni esibi sikaRehobowamu mayelana nokusebenzisa kabi igunya? (1 AmaKh. 12:13; UmSh. 7:7; 1 Pet. 5:2, 3)

    2. Intsha kumelwe iye kubani namuhla ukuze ithole isiqondiso esithembekile uma yenza izinqumo ezinkulu ekuphileni? (1 AmaKh. 12:6, 7; IzAga 1:8, 9; 2 Thim. 3:16, 17; Heb. 13:7)

    3. Yini eyenza uJerobowamu wamisa izindawo ezimbili zokukhulekela ithole, futhi lokhu kwabonisa kanjani ukuthi akanalo nhlobo ukholo kuJehova? (1 AmaKh. 11:37; 12:26-28)

    4. Ubani owahola abantu bezizwe eziyishumi ekuhlubukeni ekukhulekeleni kweqiniso? (1 AmaKh. 12:32, 33)

INdaba 66

UJezebeli—Indlovukazi Embi

  1. Ubani uJezebeli?

  2. Kungani iNkosi u-Ahabi idabukile ngolunye usuku?

  3. UJezebeli wenzani ukuze umyeni wakhe u-Ahabi athole isivini sikaNabhoti?

  4. UJehova uthumela bani ukuba ayojezisa uJezebeli?

  5. Njengoba ubona esithombeni, kwenzekani lapho uJehu efika emzini kaJezebeli?

Eminye imibuzo:

  1. Fundu-1 amaKhosi 16:29-33 no-18:3, 4.

    Zazizimbi kangakanani izimo kwa-Israyeli ngesikhathi seNkosi u-Ahabi? (1 AmaKh. 14:9)

  2. Funda eyoku-1 amaKhosi 21:1-16.

    1. UNabhoti wasibonisa kanjani isibindi nokwethembeka kuJehova? (1 AmaKh. 21:1-3; Lev. 25:23-28)

    2. Esibonelweni sika-Ahabi, yini esingayifunda mayelana nokubhekana nokudumazeka? (1 AmaKh. 21:4; Roma 5:3-5)

  3. Funda eyesi-2 amaKhosi 9:30-37.

    Yini esingayifunda entshisekweni kaJehu yokwenza intando kaJehova? (2 AmaKh. 9:4-10; 2 Kor. 9:1, 2; 2 Thim. 4:2)

INdaba 67

UJehoshafati Wethemba INkosi

  1. Ubani uJehoshafati, futhi uphila ngasiphi isikhathi?

  2. Kungani ama-Israyeli ethukile, futhi amaningi enzani?

  3. UJehova uwuphendula athini umthandazo kaJehoshafati?

  4. UJehova ubangela ukuba kwenzekeni ngaphambi kwempi?

  5. Yisiphi isifundo esingasifunda kuJehoshafati?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 iziKronike 20:1-30.

    1. UJehoshafati wayibonisa kanjani into izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile okufanele ziyenze uma zibhekene nezimo ezesabisayo? (2 IziKr. 20:12; IHu. 25:15; 62:1)

    2. Njengoba uJehova ebelokhu esebenzisa umzila wokuxhumana nabantu bakhe, yimuphi umzila awusebenzisayo namuhla? (2 IziKr. 20:14, 15; Math. 24:45-47; Joh. 15:15)

    3. Lapho uNkulunkulu eqala ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ isimo sethu siyofana kanjani nesikaJehoshafati? (2 IziKr. 20:15, 17; 32:8; IsAm. 16:14, 16)

    4. Elingisa amaLevi, amaphayona nezithunywa zevangeli zinikela ngayiphi indlela emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke namuhla? (2 IziKr. 20:19; Roma 10:13-15; 2 Thim. 4:2)

INdaba 68

Abafana Ababili Abavuswa

  1. Obani laba bantu abathathu abakulesi sithombe, futhi kwenzekani kumfana omncane?

  2. U-Eliya uthandazela ukuba kwenzekeni kumfana, futhi kwenzekani ngemva kwalokho?

  3. Ubani igama lomsizi ka-Eliya?

  4. Kungani u-Elisha elandwa elethwa emzini wowesifazane waseShunemi?

  5. U-Elisha wenzani, futhi kwenzekani kumntwana ofile?

  6. UJehova unamandla okwenzani, njengoba eboniswa ngo-Eliya no-Elisha?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 amaKhosi 17:8-24.

    1. Kwavivinywa kanjani ukulalela nokholo luka-Eliya? (1 AmaKh. 17:9; 19:1-4, 10)

    2. Kungani lwaluphawuleka ukholo lomfelokazi waseZarefati? (1 AmaKh. 17:12-16; Luka 4:25, 26)

    3. Okwenzeka kumfelokazi waseZarefati kukufakazela kanjani ukuthi ayiqiniso amazwi kaJesu akuMathewu 10:41, 42? (1 AmaKh. 17:10-12, 17, 23, 24)

  2. Funda eyesi-2 amaKhosi 4:8-37.

    1. Owesifazane waseShunemi usifundisani ngokungenisa izihambi? (2 AmaKh. 4:8; Luka 6:38; Roma 12:13; 1 Joh. 3:17)

    2. Singazibonisa ngaziphi izindlela izenzo zomusa ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla? (IzE. 20:35; 28:1, 2; Gal. 6:9, 10; Heb. 6:10)

INdaba 69

Intombazane Isiza Induna

  1. Kulesi sithombe, le ntombazanyana imtshela ukuthini owesifazane?

  2. Ubani lona wesifazane osesithombeni, futhi kungani le ntombazanyana isemzini wakhe?

  3. U-Elisha uthi inceku yakhe ayimtshele ukuthini uNahamani, futhi kungani uNahamani ethukuthela?

  4. Kwenzekani lapho uNahamani ezilalela izinceku zakhe?

  5. Kungani u-Elisha engasithathi isipho esivela kuNahamani, kodwa uGehazi wenzani?

  6. Kwenzekani kuGehazi, futhi sifundani thina kulokhu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 amaKhosi 5:1-27.

    1. Isibonelo esabekwa intombazanyana yakwa-Israyeli singabakhuthaza ukuba benzeni abasha namuhla? (2 AmaKh. 5:3; IHu. 8:2; 148:12, 13)

    2. Kungani kukuhle ukucabanga ngesibonelo sikaNahamani lapho sithola iseluleko esivela emiBhalweni? (2 AmaKh. 5:15; Heb. 12:5, 6; Jak. 4:6)

    3. Yisiphi isifundo esingasifunda ngokuqhathanisa isibonelo sika-Elisha nesikaGehazi? (2 AmaKh. 5:9, 10, 14-16, 20; Math. 10:8; IzE. 5:1-5; 2 Kor. 2:17)

INdaba 70

UJona Nenhlanzi Enkulu

  1. Ubani uJona, futhi uJehova umtshela ukuba enzeni?

  2. Ngenxa yokuthi akafuni ukuya lapho uJehova ethi akaye khona, uJona wenzenjani?

  3. UJona uthi amatilosi awenzeni ukuze isiphepho siphele?

  4. Njengoba ubona esithombeni, kwenzekani lapho uJona eshona phansi emanzini?

  5. UJona uhlala isikhathi esingakanani esiswini senhlanzi, futhi wenzani ngesikhathi elapho?

  6. UJona uyaphi lapho ephuma enhlanzini enkulu, futhi lokhu kusifundisani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJona 1:1-17.

    Kusobala ukuthi uJona wazizwa kanjani ngesabelo sakhe sokushumayeza abantu baseNineve? (Jona 1:2, 3; IzAga 3:7; UmSh. 8:12)

  2. Funda uJona 2:1, 2, 10.

    Yini eyenzeka kuJona esenza siqiniseke ukuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo yethu? (IHu. 22:24; 34:6; 1 Joh. 5:14)

  3. Funda uJona 3:1-10.

    1. Yisiphi isikhuthazo esisitholayo uma sizwa ukuthi uJehova waqhubeka emsebenzisa uJona yize aqale wahluleka ukufeza isabelo sakhe? (IHu. 103:14; 1 Pet. 5:10)

    2. Indlela abaseNineve abasabela ngayo kuJona isifundisani mayelana nokwahlulela abantu ensimini yethu? (Jona 3:6-9; UmSh. 11:6; IzE. 13:48)

INdaba 71

UNkulunkulu Uthembisa IPharadesi

  1. Kwakungubani u-Isaya, waphila nini, futhi uJehova wambonisani?

  2. Lisho ukuthini igama elithi “ipharadesi,” futhi likukhumbuzani?

  3. UJehova watshela u-Isaya ukuba abhale ukuthini ngePharadesi elisha?

  4. Kungani u-Adamu no-Eva balahlekelwa ikhaya labo elihle?

  5. UJehova ubathembisani abamthandayo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Isaya 11:6-9.

    1. IZwi likaNkulunkulu likuchaza kanjani ukuthula okuyoba khona phakathi kwezilwane nabantu ezweni elisha? (IHu. 148:10, 13; Isaya 65:25; Hez. 34:25)

    2. Amazwi ka-Isaya agcwaliseka kanjani ngokomoya kubantu bakaJehova namuhla? (Roma 12:2; Efe. 4:23, 24)

    3. Ubani ofanelwe udumo ngenxa yokushintsha kobuntu babantu kokubili manje nasezweni elisha? (Isaya 48:17, 18; Gal. 5:22, 23; Fil. 4:7)

  2. Funda isAmbulo 21:3, 4.

    1. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi ukuhlala kukaNkulunkulu nabantu kusho ukuthi ukhona ngomqondo ongokomfanekiso emhlabeni, hhayi ngokoqobo? (Lev. 26:11, 12; 2 IziKr. 6:18; Isaya 66:1; IsAm. 21:2, 3, 22-24)

    2. Iziphi izinto eziyoqedwa ezibangela izinyembezi nobuhlungu? (Luka 8:49-52; Roma 8:21, 22; IsAm. 21:4)

INdaba 72

UJehova Usiza UHezekiya

  1. Ubani le ndoda ekulesi sithombe, futhi kungani isenkathazweni enkulu?

  2. Izincwadi zani lezi uHezekiya azibeke phambi kukaNkulunkulu, futhi uHezekiya uthandaza athini?

  3. Uyinkosi enjani uHezekiya, futhi uJehova umthumelela isigijimi esithini ngomprofethi u-Isaya?

  4. Iwenzani ingelosi kaJehova amasosha ase-Asiriya, njengoba kuboniswe esithombeni?

  5. Yize umbuso wezizwe ezimbili unokuthula isikhashana, kwenzekani ngemva kokufa kukaHezekiya?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 amaKhosi 18:1-36.

    1. Wathini umkhulumeli wase-Asiriya uRabishake lapho ezama ukuqeda ukholo lwama-Israyeli? (2 AmaKh. 18:19, 21; Eks. 5:2; IHu. 64:3)

    2. Lapho bebhekene nabaphikisi, oFakazi BakaJehova basilandela kanjani isibonelo sikaHezekiya? (2 AmaKh. 18:36; IHu. 39:1; IzAga 26:4; 2 Thim. 2:24)

  2. Funda eyesi-2 amaKhosi 19:1-37.

    1. Abantu bakaJehova namuhla bamlingisa kanjani uHezekiya ezikhathini zokucindezeleka? (2 AmaKh. 19:1, 2; IzAga 3:5, 6; Heb. 10:24, 25; Jak. 5:14, 15)

    2. Yikuphi ukunqotshwa okukathathu iNkosi uSaneheribi eyabhekana nakho, futhi ifanekisela bani okwaprofethwa ngaye? (2 AmaKh. 19:32, 35, 37; IsAm. 20:2, 3)

  3. Funda eyesi-2 amaKhosi 21:1-6, 16.

    Kungani kungathiwa uManase wayengomunye wamakhosi amabi kakhulu ake abusa iJerusalema? (2 IziKr. 33:4-6, 9)

INdaba 73

INkosi Yokugcina Enhle

  1. Uneminyaka emingaki uJosiya lapho eba yinkosi, futhi uqala ukwenzani lapho esebuse iminyaka eyisikhombisa?

  2. Umbona enzani uJosiya kulesi sithombe sokuqala?

  3. Umpristi omkhulu utholani lapho amadoda elungisa ithempeli?

  4. Kungani uJosiya eklebhula izingubo zakhe?

  5. Yisiphi isigijimi esivela kuJehova umprofethikazi uHulida asinika uJosiya?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 iziKronike 34:1-28.

    1. Yisiphi isibonelo uJosiya asibekela labo okungenzeka bakhula kabi beseyizingane? (2 IziKr. 33:21-25; 34:1, 2; IHu. 27:10)

    2. Yiziphi izinyathelo ezibalulekile uJosiya azithatha ukuze athuthukise ukukhulekela kweqiniso ngonyaka wesi-8, ngonyaka we-12 nangonyaka we-18 wokubusa kwakhe? (2 IziKr. 34:3, 8)

    3. Yisiphi isifundo esingasifunda esibonelweni seNkosi uJosiya nomPristi Ophakeme uHilikiya mayelana nokugcina izindawo zethu zokukhulekela zisesimweni esihle? (2 IziKr. 34:9-13; IzAga 11:14; 1 Kor. 10:31)

INdaba 74

Indoda Engesabi

  1. Ubani le nsizwa ekulesi sithombe?

  2. UJeremiya ucabangani ngokuba umprofethi, kodwa uJehova uthini kuye?

  3. UJeremiya uyaqhubeka ebatshela ukuthini abantu?

  4. Yini abayenzayo abapristi lapho bezama ukuyekisa uJeremiya, kodwa ubonisa kanjani ukuthi akesabi?

  5. Kwenzekani njengoba ama-Israyeli engashintshi ezindleleni zawo ezimbi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJeremiya 1:1-8.

    1. Njengoba sibona esibonelweni sikaJeremiya, ubani owenza umuntu afanelekele inkonzo kaJehova? (2 Kor. 3:5, 6)

    2. Isibonelo sikaJeremiya sikhuthaza intsha engamaKristu ukuba yenzeni namuhla? (UmSh. 12:1; 1 Thim. 4:12)

  2. Funda uJeremiya 10:1-5.

    Yimuphi umfanekiso onamandla uJeremiya awusebenzisayo ukuze abonise ukuthi kuyize ukwethemba izithombe? (Jer. 10:5; Isaya 46:7; Hab. 2:19)

  3. Funda uJeremiya 26:1-16.

    1. Lapho ikhipha isigijimi esiyisixwayiso namuhla, insali egcotshiwe iye yawulalela kanjani umyalo kaJehova kuJeremiya wokuba ‘angasusi nelilodwa izwi’? (Jer. 26:2; Dut. 4:2; IzE. 20:27)

    2. Yisiphi isibonelo esihle uJeremiya asibekela oFakazi BakaJehova namuhla ngokumemezela isixwayiso sikaJehova ezizweni? (Jer. 26:8, 12, 14, 15; 2 Thim. 4:1-5)

  4. Funda eyesi-2 amaKhosi 24:1-17.

    Yimuphi umphumela odabukisayo owabangwa ukungathembeki kukaJuda kuJehova? (2 AmaKh. 24:2-4, 14)

INdaba 75

Abafana Abane EBhabhiloni

  1. Obani laba bafana abane abakulesi sithombe, futhi kungani beseBhabhiloni?

  2. UNebukhadinezari uceba ukwenzani ngalezi zinsizwa ezine, futhi uyala izinceku zakhe ukuba zenzeni?

  3. Yisiphi isicelo uDaniyeli asicelayo mayelana nokudla neziphuzo zakhe nabangane bakhe abathathu?

  4. Ngemva kokudla imifino izinsuku eziyishumi, uDaniyeli nabangane bakhe abathathu banjani uma beqhathaniswa nabanye abafana?

  5. Kwenzeka kanjani ukuba uDaniyeli nabangane bakhe abathathu babe semzini wenkosi, futhi yini ebenza babe ngcono kunabapristi namadoda ahlakaniphile?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uDaniyeli 1:1-21.

    1. Umzamo onjani odingekayo uma sinethemba lokumelana nezilingo futhi sinqobe ubuthakathaka? (Dan. 1:8; Gen. 39:7, 10; Gal. 6:9)

    2. Yiziphi izindlela intsha namuhla engase ilingwe ngazo noma icindezelwe ukuba izitike kulokho abanye abakubheka ‘njengezibiliboco’? (Dan. 1:8; IzAga 20:1; 2 Kor. 6:17–7:1)

    3. Indaba yeBhayibheli yamaHebheru amane asemasha isisiza ukuba siqondeni mayelana nokufunda sithole ulwazi lwezwe? (Dan. 1:20; Isaya 54:13; 1 Kor. 3:18-20)

INdaba 76

IJerusalema Liyabhujiswa

  1. Kwenzekani eJerusalema nakuma-Israyeli alapha esithombeni?

  2. Ubani uHezekeli futhi uJehova umbonisa ziphi izinto ezimbi?

  3. Ngenxa yokuthi ama-Israyeli awamhloniphi uJehova, uthembisa ukuthini?

  4. INkosi uNebukhadinezari yenzani ngemva kokuba ama-Israyeli esehlubukile kuyo?

  5. Kungani uJehova evumela lokhu kubhujiswa okubi kwenzeke kuma-Israyeli?

  6. Yini eyenza ukuba izwe lakwa-Israyeli lisale lingenabantu, futhi kuba isikhathi esingakanani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyesi-2 amaKhosi 25:1-26.

    1. Kwakungubani uZedekiya, kwenzekani kuye, futhi lokhu kwasigcwalisa kanjani isiprofetho seBhayibheli? (2 AmaKh. 25:5-7; Hez. 12:13-15)

    2. UJehova wabeka bani icala ngakho konke ukungathembeki kuka-Israyeli? (2 AmaKh. 25:9, 11, 12, 18, 19; 2 IziKr. 36:14, 17)

  2. Funda uHezekeli 8:1-18.

    ELobukholwa liye lawalingisa kanjani ama-Israyeli ahlubuka akhulekela ilanga? (Hez. 8:16; Isaya 5:20, 21; Joh. 3:19-21; 2 Thim. 4:3)

INdaba 77

Babengasoze Bakhuleke

  1. UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhiloni, unike abantu umyalo othini?

  2. Kungani abangane bakaDaniyeli abathathu bengakhothami esithombeni segolide?

  3. Lapho uNebukhadinezari enika amaHebheru amathathu elinye ithuba lokuba akhothame, yini ayishoyo ebonisa ukuthi athembele kuJehova?

  4. UNebukhadinezari uthuma amadoda akhe ukuba abenzeni oShadiraki noMeshaki no-Abhedinego?

  5. UNebukhadinezari ubonani lapho ebheka emlilweni?

  6. Kungani inkosi idumisa uNkulunkulu kaShadiraki noMeshaki no-Abhedinego, futhi basibekela siphi isibonelo thina?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uDaniyeli 3:1-30.

    1. Yisiphi isimo esaboniswa amaHebheru amathathu asemasha okufanele zonke izinceku zikaNkulunkulu zibe naso uma ubuqotho bazo buvivinywa? (Dan. 3:17, 18; Math. 10:28; Roma 14:7, 8)

    2. Yisiphi isifundo esibalulekile uJehova uNkulunkulu asifundisa uNebukhadinezari? (Dan. 3:28, 29; 4:34, 35)

INdaba 78

Umbhalo Wesandla Odongeni

  1. Kwenzekani ngesikhathi inkosi yaseBhabhiloni inedili elikhulu futhi isebenzisa izinkomishi nezitsha ezithathwe ethempelini likaJehova eJerusalema?

  2. UBhelishazari uthini emadodeni akhe ahlakaniphile, kodwa ahluleka ukwenzani?

  3. Unina wenkosi uthi ayenzeni?

  4. Ngokwalokho uDaniyeli akutshela inkosi, kungani uNkulunkulu ethumele isandla ukuba sibhale odongeni?

  5. UDaniyeli uthi asho ukuthini amagama asodongeni?

  6. Kwenzekani ngesikhathi uDaniyeli esakhuluma?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uDaniyeli 5:1-31.

    1. Ukwesaba uNkulunkulu kuhluke kanjani kulokhu kwesaba uBhelishazari akuzwa lapho ebona umbhalo odongeni. (Dan. 5:6, 7; IHu. 19:9; Roma 8:35-39)

    2. UDaniyeli wasibonisa kanjani isibindi esikhulu lapho ekhuluma noBhelishazari nezikhulu zakhe? (Dan. 5:17, 18, 22, 26-28; IzE. 4:29)

    3. UDaniyeli isahluko 5 ubugcizelela ngayiphi indlela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke? (Dan. 4:17, 25; 5:21)

INdaba 79

UDaniyeli Emabhubesini

  1. Ubani uDariyu, futhi umbheka kanjani uDaniyeli?

  2. Amanye amadoda anomona enza uDariyu enzeni?

  3. UDaniyeli wenzani lapho ezwa ngomthetho omusha?

  4. Kungani uDariyu ephatheke kabi aze angalali, futhi wenzani ngakusasa ekuseni?

  5. UDaniyeli umphendula uthini uDariyu?

  6. Kwenzekani emadodeni amabi azama ukubulala uDaniyeli, futhi uDariyu ubabhalela ukuthini bonke abasembusweni wakhe?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uDaniyeli 6:1-28.

    1. Uzungu olwakhelwa uDaniyeli lusikhumbuza ziphi izinto ezenziwe abaphikisi bezama ukuvimba umsebenzi woFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla? (Dan. 6:7; IHu. 94:20; Isaya 10:1; Roma 8:31)

    2. Izinceku zikaNkulunkulu namuhla zingamlingisa kanjani uDaniyeli ekutheni zihlale zizithoba “emagunyeni aphakeme”? (Dan. 6:5, 10; Roma 13:1; IzE. 5:29)

    3. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaDaniyeli ‘sokuqinisela’ ekukhonzeni uJehova? (Dan. 6:16, 20; Fil. 3:16; IsAm. 7:15)

INdaba 80

Ama-Israyeli Aphuma EBhabhele

  1. Njengoba kuboniswe kulesi sithombe, enzani ama-Israyeli?

  2. UKoresi wasigcwalisa kanjani isiprofetho sikaJehova esashiwo u-Isaya?

  3. UKoresi uthini kuma-Israyeli angabuyeli eJerusalema?

  4. UKoresi ubanikani abantu ukuba baphindele nayo eJerusalema?

  5. Kuwathatha isikhathi esingakanani ama-Israyeli ukubuyela eJerusalema?

  6. Sekudlule iminyaka emingaki izwe lashiywa lingenabantu ngokuphelele?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Isaya 44:28 no-45:1-4.

    1. UJehova wathini lapho egcizelela ukuthi isiprofetho esimayelana noKoresi sizogcwaliseka nakanjani? (Isaya 55:10, 11; Roma 4:17)

    2. Isiprofetho sika-Isaya esimayelana noKoresi sibonisani ngekhono likaJehova uNkulunkulu lokubikezela ikusasa? (Isaya 42:9; 45:21; 46:10, 11; 2 Pet. 1:20)

  2. Funda u-Ezra 1:1-11.

    Silandela isibonelo salabo abangakwazanga ukubuyela eJerusalema, thina namuhla ‘singaziqinisa kanjani izandla’ zalabo abakwaziyo ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele? (Ezra 1:4, 6; Roma 12:13; Kol. 4:12)

INdaba 81

Ukuthembela KuNkulunkulu

  1. Bangaki abantu abahamba ibanga elide besuka eBhabhiloni beya eJerusalema, kodwa bathola ukuthini uma befika?

  2. Ama-Israyeli aqala ukwakhani lapho esefikile, kodwa izitha zawo zenzani?

  3. Bangobani oHagayi noZakariya, futhi babatshela ukuthini abantu?

  4. Kungani uThathenayi ethumela incwadi eBhabhiloni, futhi uthola impendulo ethini?

  5. Wenzani u-Ezra lapho ezwa ukuthi kudingeka kulungiswe ithempeli likaNkulunkulu?

  6. Kulesi sithombe, u-Ezra uthandazelani, umthandazo wakhe uphendulwa kanjani, futhi lokhu kusifundisani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Ezra 3:1-13.

    Uma sizithola sisendaweni engenalo ibandla labantu bakaNkulunkulu, yini okufanele siqhubeke siyenza? (Ezra 3:3, 6; IzE. 17:16, 17; Heb. 13:15)

  2. Funda u-Ezra 4:1-7.

    Yisiphi isibonelo uZerubhabhele asibekela abantu bakaJehova ngokuxuba izinkolo? (Eks. 34:12; 1 Kor. 15:33; 2 Kor. 6:14-17)

  3. Funda u-Ezra 5:1-5, 17 no-6:1-22.

    1. Kungani abaphikisi bengakwazanga ukumisa umsebenzi wokwakha ithempeli? (Ezra 5:5; Isaya 54:17)

    2. Yisiphi isenzo samadoda amadala amaJuda esikhuthaza abadala abangamaKristu ukuba bafune isiqondiso sikaJehova lapho bebhekene nabaphikisi? (Ezra 6:14; IHu. 32:8; Roma 8:31; Jak. 1:5)

  4. Funda u-Ezra 8:21-23, 28-36.

    Ngaphambi kokwenza isenzo esithile, yisiphi isibonelo sika-Ezra okuyoba kuhle ukuba sisilingise? (Ezra 8:23; IHu. 127:1; IzAga 10:22; Jak. 4:13-15)

INdaba 82

UMoridekayi No-Esteri

  1. Bangobani oMoridekayi no-Esteri?

  2. Kungani iNkosi u-Ahashiveroshi ithatha umfazi omusha, futhi ikhetha bani?

  3. Ubani uHamani, futhi yini emthukuthelisa kakhulu?

  4. Imuphi umthetho omiswayo, futhi u-Esteri wenzani lapho esethole umyalezo kaMoridekayi?

  5. Kwenzekani kuHamani nakuMoridekayi?

  6. Ama-Israyeli asindiswa kanjani ezitheni zawo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda u-Esteri 2:12-18.

    U-Esteri wakubonisa kanjani ukubaluleka kokuhlakulela ‘umoya onokuthula nobumnene’? (Esteri 2:15; 1 Pet. 3:1-5)

  2. Funda u-Esteri 4:1-17.

    Njengoba nje u-Esteri anikezwa ithuba lokuvikela ukukhulekela kweqiniso, yiliphi ithuba esilinikeziwe thina lokubonisa ukuzinikela nokwethembeka kwethu kuJehova? (Esteri 4:13, 14; Math. 5:14-16; 24:14)

  3. Funda u-Esteri 7:1-6.

    Abantu bakaNkulunkulu abaningi namuhla bazifake kanjani engozini yokushushiswa njengoba kwenza u-Esteri? (Esteri 7:4; Math. 10:16-22; 1 Pet. 2:12)

INdaba 83

Izindonga ZaseJerusalema

  1. Ama-Israyeli ayezizwa kanjani njengoba kwakungenazindonga ezizungeze umuzi waseJerusalema?

  2. Ubani uNehemiya?

  3. Usebenzaphi uNehemiya futhi kungani lowo msebenzi ubalulekile?

  4. Yiziphi izindaba ezidabukisa uNehemiya, abese enzani?

  5. INkosi u-Aritahishashita imbonisa kanjani umusa uNehemiya?

  6. Ukuze izitha zama-Israyeli zingawuvimbi umsebenzi wokwakha, yini ayenzayo nayishoyo uNehemiya?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uNehemiya 1:4-6 no-2:1-20.

    UNehemiya wasifuna kanjani isiqondiso sikaJehova? (Neh. 2:4, 5; Roma 12:12; 1 Pet. 4:7)

  2. Funda uNehemiya 3:3-5.

    Abadala nezinceku ezikhonzayo bangafundani kulokho okwenziwa abaseThekhowa nakulokho okwenziwa ‘abakhulu’ kubo? (Neh. 3:5, 27; 2 Thes. 3:7-10; 1 Pet. 5:5)

  3. Funda uNehemiya 4:1-23.

    1. Yini eyakhuthaza ama-Israyeli ukuba aqhubeke akha yize ayephikiswa kabuhlungu? (Neh. 4:6, 8, 9; IHu. 50:15; Isaya 65:13, 14)

    2. Isibonelo sama-Israyeli sisikhuthaza kanjani namuhla?

  4. Funda uNehemiya 6:15.

    Ukuthi izindonga zaseJerusalema zaqedwa phakathi nezinyanga ezimbili kubonisani ngamandla okholo? (IHu. 56:3, 4; Math. 17:20; 19:26)

INdaba 84

Ingelosi Ihambela UMariya

  1. Ubani lona wesifazane osesithombeni?

  2. UGabriyeli uthini kuMariya?

  3. Uthini uGabriyeli lapho echazela uMariya ukuthi uzoba nomntwana yize engakaze ahlale nendoda?

  4. Kwenzekani ngesikhathi uMariya evakashela isihlobo sakhe u-Elizabethe?

  5. Uzizwa kanjani uJosefa lapho ezwa ukuthi uMariya uzoba nomntwana, kodwa kungani eshintsha umqondo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uLuka 1:26-56.

    1. ULuka 1:35 ubonisani ngokungena kokungapheleli kuka-Adamu esibelethweni sikaMariya lapho ukuphila kweNdodana kaNkulunkulu kudluliswa kusuka endaweni yomoya? (Hag. 2:11-13; Joh. 6:69; Heb. 7:26; 10:5)

    2. UJesu wadunyiswa kanjani ngisho engakazalwa? (Luka 1:41-43)

    3. Yisiphi isibonelo esihle uMariya asibekela amaKristu athola amalungelo akhethekile enkonzo namuhla? (Luka 1:38, 46-49; 17:10; IzAga 11:2)

  2. Funda uMathewu 1:18-25.

    Nakuba uJesu enganikezwanga igama elithi Imanuweli, ngesikhathi engumuntu wayigcwalisa kanjani incazelo yalo? (Math. 1:22, 23; Joh. 14:8-10; Heb. 1:1-3)

INdaba 85

UJesu Uzalelwa Esitebeleni

  1. Ubani lo mntwana osesithombeni, futhi uMariya umlalisephi?

  2. Kungani uJesu azalelwa esitebeleni nezilwane?

  3. Esithombeni, obani laba bantu abangena esitebeleni, futhi ingelosi yayitheni kubo?

  4. Yini eyenza uJesu akhetheke?

  5. Kungani uJesu ebizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uLuka 2:1-20.

    1. Yini eyenziwa uKhesari Awugustu ukuze agcwalise isiprofetho sokuzalwa kukaJesu? (Luka 2:1-4; Mika 5:2)

    2. Yini umuntu angayenza ukuze abe phakathi kwalabo ababizwa ngokuthi ‘abantu abathakazelelwayo’? (Luka 2:14; Math. 16:24; Joh. 17:3; IzE. 3:19; Heb. 11:6)

    3. Uma labo belusi abaphansi baseJudiya babenesizathu sokujabula ngokuzalwa koMsindisi, yisiphi isizathu esikhulu nakakhulu sokujabula ezinaso izinceku zikaNkulunkulu namuhla? (Luka 2:10, 11; Efe. 3:8, 9; IsAm. 11:15; 14:6)

INdaba 86

Amadoda Aholwa Yinkanyezi

  1. Obani la madoda asesithombeni, kungani eyodwa yawo ikhomba inkanyezi egqamile?

  2. Yini ethukuthelisa iNkosi uHerode, futhi yenzani?

  3. Inkanyezi egqamile iwaholelaphi la madoda, kodwa kungani ebuyela ezweni lakubo ngenye indlela?

  4. UHerode ukhipha umyalo wokuba kwenziweni, futhi kungani?

  5. UJehova utshela uJosefa ukuba enzeni?

  6. Ubani owenza kukhanye inkanyezi entsha, futhi ngani?

Omunye umbuzo:

  1. Funda uMathewu 2:1-23.

    Wayengakanani uJesu futhi ehlalaphi ngesikhathi kufika abahlola izinkanyezi bezomvakashela? (Math. 2:1, 11, 16)

INdaba 87

UJesu Omncane Ethempelini

  1. Kulesi sithombe, uneminyaka emingaki uJesu futhi ukuphi?

  2. Unyaka ngamunye uJosefa uyaphi nomkhaya wakhe?

  3. Ekupheleni kosuku ababuyela ngalo ekhaya, kungani uJosefa noMariya bebuyela eJerusalema?

  4. UJosefa noMariya bamtholaphi uJesu, futhi kungani abantu lapho bemangele?

  5. UJesu uthini kumama wakhe uMariya?

  6. Singafana kanjani noJesu ekufundeni ngoNkulunkulu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uLuka 2:41-52.

    1. Nakuba uMthetho wawuthi abesilisa bodwa okwakufanele baye emikhosini yaminyaka yonke, yisiphi isibonelo esihle uJosefa noMariya abasibekela abazali namuhla? (Luka 2:41; Dut. 16:16; 31:12; IzAga 22:6)

    2. UJesu wazibekela kanjani izingane isibonelo esihle sokuthobela abazali bazo? (Luka 2:51; Dut. 5:16; IzAga 23:22; Kol. 3:20)

  2. Funda uMathewu 13:53-56.

    Obani abafowabo bakaJesu begazi abane abashiwo eBhayibhelini, futhi ababili babo basetshenziswa kanjani ebandleni lobuKristu kamuva? (Math. 13:55; IzE. 12:17; 15:6, 13; 21:18; Gal. 1:19; Jak. 1:1; Jude 1)

INdaba 88

UJohane Ubhapathiza UJesu

  1. Obani la madoda amabili asesithombeni?

  2. Umuntu ubhapathizwa kanjani?

  3. UJohane ubhapathiza abantu abanjani?

  4. Yisiphi isizathu esihlukile esenza uJesu acele uJohane ukuba ambhapathize?

  5. UNkulunkulu ubonisa kanjani ukuthi kuyamjabulisa ukubhapathizwa kukaJesu?

  6. Kwenzekani lapho uJesu eya endaweni eyihlane izinsuku ezingama-40?

  7. Bangobani abanye babalandeli, noma abafundi, bakaJesu bokuqala, futhi yisiphi isimangaliso sakhe sokuqala?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 3:13-17.

    Yisiphi isibonelo uJesu asibekela abafundi bakhe endabeni yobhapathizo? (IHu. 40:7, 8; Math. 28:19, 20; Luka 3:21, 22)

  2. Funda uMathewu 4:1-11.

    Ukusebenzisa kukaJesu imiBhalo kahle kusikhuthaza kanjani thina endabeni yokutadisha iBhayibheli njalo? (Math. 4:5-7; 2 Pet. 3:17, 18; 1 Joh. 4:1)

  3. Funda uJohane 1:29-51.

    UJohane uMbhapathizi ubaqondisa kubani abafundi bakhe, futhi singamlingisa kanjani namuhla? (Joh. 1:29, 35, 36; 3:30; Math. 23:10)

  4. Funda uJohane 2:1-12.

    Isimangaliso sikaJesu sokuqala sabonisa kanjani ukuthi uJehova akazincishi izinceku zakhe izinto ezimnandi? (Joh. 2:9, 10; IHu. 84:11; Jak. 1:17)

INdaba 89

UJesu Uhlanza Ithempeli

  1. Kungani kuthengiswa izilwane ethempelini?

  2. Yini le ethukuthelisa uJesu?

  3. Njengoba ubona esithombeni, wenzani uJesu, futhi uyala amadoda athengisa amajuba ukuba enzeni?

  4. Lapho abalandeli bakaJesu bebona akwenzayo, bakhumbulani?

  5. Ngesikhathi uJesu ebuyela eGalile udabula kusiphi isifunda?

Omunye umbuzo:

  1. Funda uJohane 2:13-25.

    Uma ucabanga ukuthi uJesu wabathukuthelela ababeshintsha imali ethempelini, kufanele sikubheke kanjani ukuthengiselana eHholo LoMbuso? (Joh. 2:15, 16; 1 Kor. 10:24, 31-33)

INdaba 90

Unowesifazane Emthonjeni

  1. Kungani uJesu ephumule eduze komthombo eSamariya, futhi uthini kowesifazane olapho?

  2. Kungani emangala owesifazane, uthini kuye uJesu, futhi ngani?

  3. Owesifazane ucabanga ukuthi uJesu ukhuluma ngamanzi anjani, kodwa uJesu ukhuluma ngamaphi amanzi?

  4. Kungani owesifazane emangala uma ezwa izinto uJesu azaziyo ngaye, futhi uJesu wazazi kanjani lezi zinto?

  5. Yiziphi izifundo esizifunda kule ndaba yowesifazane osemthonjeni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJohane 4:5-43.

    1. Silandela isibonelo sikaJesu, kufanele sibabheke kanjani abantu bezinye izinhlanga noma abangakhulanga njengathi? (Joh. 4:9; 1 Kor. 9:22; 1 Thim. 2:3, 4; Thithu 2:11)

    2. Yiziphi izinzuzo ezingokomoya ezitholwa umuntu oba umfundi kaJesu? (Joh. 4:14; Isaya 58:11; 2 Kor. 4:16)

    3. Singakubonisa kanjani ukwazisa okufana nokowesifazane ongumSamariya owayenomdlandla wokuxoxela abanye ayekufundile? (Joh. 4:7, 28; Math. 6:33; Luka 10:40-42)

INdaba 91

UJesu Ufundisa Entabeni

  1. Kulesi sithombe, ufundisaphi uJesu, futhi obani laba abahlezi eduze kakhulu kwakhe?

  2. Obani amagama abaphostoli abayi-12?

  3. Uyini uMbuso ashumayela ngawo uJesu?

  4. UJesu ufundisa abantu ukuba bakhuleke bathini?

  5. UJesu uthi abantu kufanele baphathane kanjani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 5:1-12.

    Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi sisiphaphamele isidingo sethu esingokomoya? (Math. 5:3; Roma 10:13-15; 1 Thim. 4:13, 15, 16)

  2. Funda uMathewu 5:21-26.

    Yini eshiwo kuMathewu 5:23, 24 egcizelela ukuthi ubuhlobo bethu nabafowethu buthinta ubuhlobo bethu noJehova? (Math. 6:14, 15; IHu. 133:1; Kol. 3:13; 1 Joh. 4:20)

  3. Funda uMathewu 6:1-8.

    Yiziphi izenzo ezibonisa ukuthi umuntu uzibona elungile okufanele amaKristu azigweme? (Luka 18:11, 12; 1 Kor. 4:6, 7; 2 Kor. 9:7)

  4. Funda uMathewu 6:25-34.

    Yini uJesu ayifundisa mayelana nesidingo sokuthembela kuJehova ukuze sithole izidingo zethu ezingokwenyama? (Eks. 16:4; IHu. 37:25; Fil. 4:6)

  5. Funda uMathewu 7:1-11.

    Umfanekiso ocacile okuMathewu 7:5 usifundisani? (IzAga. 26:12; Roma 2:1; 14:10; Jak. 4:11, 12)

INdaba 92

UJesu Uvusa Abafileyo

  1. Ubani uyise wale ntombazane esesithombeni, futhi yini eyenza yena nomkakhe bakhathazeke kakhulu?

  2. Wenzani uJayiru uma ethola uJesu?

  3. Kwenzekani njengoba uJesu eya emzini kaJayiru, futhi isithunywa sithini kuJayiru endleleni?

  4. Kungani abantu abasemzini kaJayiru behleka uJesu?

  5. Lapho uJesu esethathe abaphostoli abathathu noyise wentombazane nonina wabangenisa ekamelweni lentombazane, wenzani?

  6. Obani abanye uJesu abavuse kwabafileyo, futhi kubonisani lokhu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uLuka 8:40-56.

    UJesu wambonisa kanjani isihawu nokucabangela owesifazane onomopho, futhi abadala abangamaKristu bangafundani kulokhu namuhla? (Luka 8:43, 44, 47, 48; Lev. 15:25-27; Math. 9:12, 13; Kol. 3:12-14)

  2. Funda uLuka 7:11-17.

    Kungani labo abafelwe abantu ababathandayo bengaduduzwa kakhulu yilokho uJesu akusho nakwenzela umfelokazi waseNayini? (Luka 7:13; 2 Kor. 1:3, 4; Heb. 4:15)

  3. Funda uJohane 11:17-44.

    UJesu wabonisa kanjani ukuthi kungokwemvelo ukukhala lapho ufelwe umuntu omthandayo? (Joh. 11:33-36, 38; 2 Sam. 18:33; 19:1-4)

INdaba 93

UJesu Usuthisa Izixuku

  1. Iyiphi into embi eyenzeke kuJohane uMbhapathizi, futhi yenza uJesu azizwe kanjani?

  2. UJesu uzisuthisa kanjani izixuku eziye zamlandela, futhi kusala ukudla okungakanani?

  3. Yini eyenza abafundi besabe ebusuku, futhi kwenzekani kuPetru?

  4. UJesu uzisuthisa ngani izinkulungwane zabantu okwesibili?

  5. Yini eyokwenza kube mnandi lapho uJesu esebusa umhlaba njengeNkosi kaNkulunkulu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 14:1-32.

    1. Indaba ekuMathewu 14:23-32 isitshela ukuthi wayengumuntu onjani uPetru?

    2. Yini eshiwo imiBhalo ebonisa ukuthi uPetru wavuthwa futhi wangabe esaba namawala? (Math. 14:27-30; Joh. 18:10; 21:7; IzE. 2:14, 37-40; 1 Pet. 5:6, 10)

  2. Funda uMathewu 15:29-38.

    UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyakuhlonipha ukudla okungokwenyama okuvela kuYise? (Math. 15:37; Joh. 6:12; Kol. 3:15)

  3. Funda uJohane 6:1-21.

    AmaKristu namuhla angasilandela kanjani isibonelo sikaJesu endabeni yohulumeni? (Joh. 6:15; Math. 22:21; Roma 12:2; 13:1-4)

INdaba 94

Uyabathanda Abantwana

  1. Baphikisana ngani abaphostoli lapho bebuya ohambweni olude?

  2. Kungani uJesu ebiza umntwana ammise phambi kwabaphostoli?

  3. Yini okufanele bangayenzi abaphostoli uma befuna ukuba njengabantwana?

  4. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, uJesu ubonisa kanjani ukuthi uyabathanda abantwana?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 18:1-4.

    Kungani uJesu afundisa ngemifanekiso? (Math. 13:34, 36; Marku 4:33, 34)

  2. Funda uMathewu 19:13-15.

    Yiziphi izimfanelo zabantwana okumelwe sizilingise uma sifuna ukuthola izibusiso zoMbuso? (IHu. 25:9; 138:6; 1 Kor. 14:20)

  3. Funda uMarku 9:33-37.

    UJesu wabafundisani abafundi bakhe ngokufuna izikhundla eziphakeme? (Marku 9:35; Math. 20:25, 26; Gal. 6:3; Fil. 2:5-8)

  4. Funda uMarku 10:13-16.

    Wayengeneka kangakanani uJesu, futhi abadala abangamaKristu bangafundani esibonelweni sakhe? (Marku 6:30-34; Fil. 2:1-4; 1 Thim. 4:12)

INdaba 95

Indlela Yokufundisa KukaJesu

  1. Indoda imubuza ukuthini uJesu, futhi kungani?

  2. Ngezinye izikhathi uJesu ufundisa ngani, futhi yini esesiyifundile ngamaJuda namaSamariya?

  3. Endabeni uJesu ayixoxayo, kwenzekani kumJuda ohamba ngendlela eya eJeriko?

  4. Yini eyenziwa umpristi ongumJuda nomLevi lapho behamba ngale ndlela?

  5. Esithombeni, ubani lona osiza umJuda olimele?

  6. Ngemva kokuqeda indaba yakhe, uJesu ubuza muphi umbuzo, futhi iphendula ithini indoda?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uLuka 10:25-37.

    1. Kunokuba anikeze impendulo eqondile, uJesu wamsiza kanjani umuntu owayeyisazi soMthetho ukuba acabange ngendaba ethile? (Luka 10:26; Math. 16:13-16)

    2. UJesu wayisebenzisa kanjani imifanekiso ukuze aqede ubandlululo ezilalelini zakhe? (Luka 10:36, 37; 18:9-14; Thithu 1:9)

INdaba 96

UJesu Uphilisa Abagulayo

  1. Wenzani uJesu njengoba ehamba kulo lonke izwe?

  2. Ngemva kweminyaka engaba mithathu uJesu abhapathizwa, ubatshelani abaphostoli bakhe?

  3. Obani laba bantu abasesithombeni, futhi uJesu umenzelani owesifazane?

  4. Kungani impendulo kaJesu kubaholi benkolo ibenza bajabhe?

  5. Lapho uJesu nabaphostoli bakhe beseduze kwaseJeriko, uJesu uzenzelani iziphanzi ezimbili eziyizimpumputhe?

  6. Kungani uJesu enza izimangaliso?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 15:30, 31.

    Yiziphi izinto ezenziwa uJesu eziwabonisa kahle kakhulu amandla kaJehova, futhi yini okufanele siyiqonde ngezinto uJehova azithembisile emhlabeni omusha? (IHu. 37:29; Isaya 33:24)

  2. Funda uLuka 13:10-17.

    Iqiniso lokuthi ezinye zezimangaliso zikaJesu ezinkulu wazenza ngeSabatha lisitshelani mayelana nempumuzo ayoyilethela isintu phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane? (Luka 13:10-13; IHu. 46:9; Math. 12:8; Kol. 2:16, 17; IsAm. 21:1-4)

  3. Funda uMathewu 20:29-34.

    Kule ndaba, sibona ngani ukuthi kwakungenzeki uJesu abe matasa kakhulu ukuba angasiza abantu, futhi yini esiyifundayo kuyo? (Dut. 15:7; Jak. 2:15, 16; 1 Joh. 3:17)

INdaba 97

UJesu Uza NjengeNkosi

  1. Ngesikhathi uJesu efika emzaneni omncane eduze kwaseJerusalema, utshela abafundi bakhe ukuba benzeni?

  2. Esithombeni, kwenzekani uma uJesu esondela emzini waseJerusalema?

  3. Benzani abantwana lapho bebona uJesu ephilisa izimpumputhe nabakhubazekile?

  4. Uthini uJesu kubapristi abathukuthele?

  5. Thina singafana kanjani nezingane ezidumisa uJesu?

  6. Yini le abafundi abafuna ukuyazi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 21:1-17.

    1. Ukungena kukaJesu eJerusalema njengeNkosi kuhluke kanjani ekungeneni kojenene abanqobile bezikhathi zamaRoma? (Math. 21:4, 5; Zak. 9:9; Fil. 2:5-8; Kol. 2:15)

    2. Yisiphi isifundo abantwana abangasifunda ebafaneni bama-Israyeli abacaphuna iHubo 118 lapho uJesu engena ethempelini? (Math. 21:9, 15; IHu. 118:25, 26; 2 Thim. 3:15; 2 Pet. 3:18)

  2. Funda uJohane 12:12-16.

    Kufanekiselani ukusebenzisa kwabantu ababedumisa uJesu amagatsha esundu? (Joh. 12:13; Fil. 2:10; IsAm. 7:9, 10)

INdaba 98

ENtabeni YemiNqumo

  1. Ubani onguJesu kulesi sithombe futhi unobani?

  2. Abapristi bazama ukumenzani uJesu ethempelini, futhi wathini kubo?

  3. Abaphostoli bambuzani uJesu?

  4. Kungani uJesu etshela abaphostoli bakhe ezinye zezinto eziyokwenzeka emhlabeni uma esebusa njengeNkosi ezulwini?

  5. UJesu uthi kuyokwenzekani ngaphambi kokuba aqede bonke ububi emhlabeni?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 23:1-39.

    1. Yize imiBhalo ibonisa ukuthi kungase kufaneleke ukusebenzisa iziqu eziphathelene nomsebenzi wokuziphilisa, yini eshiwo amazwi kaJesu kuMathewu 23:8-11 mayelana nokusebenzisa iziqu ezithophayo ebandleni lobuKristu? (IzE. 26:25; Roma 13:7; 1 Pet. 2:13, 14)

    2. AbaFarisi babenzani ukuze bazame ukuvimba abantu bangabi amaKristu, futhi abaholi benkolo bazisebenzise kanjani izindlela ezifanayo namuhla? (Math. 23:13; Luka 11:52; Joh. 9:22; 12:42; 1 Thes. 2:16)

  2. Funda uMathewu 24:1-14.

    1. Yini eshiwo uMathewu 24:13 egcizelela ukubaluleka kokukhuthazela?

    2. Isho ukuthini inkulumo ethi ‘ukuphela’ kuMathewu 24:13? (Math. 16:27; Roma 14:10-12; 2 Kor. 5:10)

  3. Funda uMarku 13:3-10.

    KuMarku 13:10 yiliphi igama elibonisa ukuphuthuma kokushumayela izindaba ezinhle, futhi amazwi kaJesu kufanele asenze senzeni? (Roma 13:11, 12; 1 Kor. 7:29-31; 2 Thim. 4:2)

INdaba 99

Ekamelweni Eliphezulu

  1. Njengoba kuboniswe esithombeni, kungani uJesu nabaphostoli bakhe abayi-12 besekamelweni elikhulu eliphezulu?

  2. Ubani lo ophumayo futhi uyokwenzani?

  3. Yisiphi isidlo esikhethekile uJesu asiqalisayo lapho isidlo sePhasika sesiphelile?

  4. IPhasika laliwakhumbuza siphi isikhathi amaIsrayeli, futhi lesi sidlo esikhethekile sibakhumbuzani abalandeli bakaJesu?

  5. Ngemva kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa uJesu ubatshela ukuthini abalandeli bakhe, futhi benzani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 26:14-30.

    1. UMathewu 26:15 ubonisa kanjani ukuthi uJuda wamkhaphela ngamabomu uJesu?

    2. Yiziphi izinto ezimbili ezenziwa igazi likaJesu elachitheka? (Math. 26:27, 28; Jer. 31:31-33; Efe. 1:7; Heb. 9:19, 20)

  2. Funda uLuka 22:1-39.

    USathane wangena kanjani kuJuda? (Luka 22:3; Joh. 13:2; IzE. 1:24, 25)

  3. Funda uJohane 13:1-20.

    1. Ngenxa yalokho okushiwo kuJohane 13:2, kufanele yini asolwe uJuda ngalokho akwenza, futhi izinceku zikaNkulunkulu zingafunda siphi isifundo kulokhu? (Gen. 4:7; 2 Kor. 2:11; Gal. 6:1; Jak. 1:13, 14)

    2. Isiphi isifundo esinamandla uJesu asifundisa? (Joh. 13:15; Math. 23:11; 1 Pet. 2:21)

  4. Funda uJohane 17:1-26.

    UJesu wathandazela ukuba abalandeli bakhe ‘babe munye’ ngayiphi indlela? (Joh. 17:11, 21-23; Roma 13:8; 14:19; Kol. 3:14)

INdaba 100

UJesu Ensimini

  1. UJesu nabaphostoli bakhe bayaphi ngemva kokuhamba ekamelweni eliphezulu, futhi ubatshela ukuba benzeni?

  2. Lapho uJesu ebuyela kubaphostoli ubathola benzani, futhi kwenzeka kangaki lokhu?

  3. Obani abafikayo ensimini, futhi uJuda Iskariyothe wenzani njengoba kuboniswe esithombeni?

  4. Kungani uJuda anga uJesu, futhi wenzani uPetru?

  5. Uthini uJesu kuPetru, kodwa kungani uJesu engaceli ukuba uNkulunkulu athumele izingelosi?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 26:36-56.

    1. Indlela uJesu eluleka ngayo abafundi bakhe ibabekela siphi isibonelo esihle abadala abangamaKristu namuhla? (Math. 20:25-28; 26:40, 41; Gal. 5:17; Efe. 4:29, 31, 32)

    2. UJesu wakubheka kanjani ukushaya umuntu ngezikhali zenyama? (Math. 26:52; Luka 6:27, 28; Joh. 18:36)

  2. Funda uLuka 22:39-53.

    Lapho kufika ingelosi kuJesu ensimini yaseGetsemane izomqinisa, ingabe kwakusho ukuthi uJesu wayentenga okholweni? Chaza. (Luka 22:41-43; Isaya 49:8; Math. 4:10, 11; Heb. 5:7)

  3. Funda uJohane 18:1-12.

    UJesu wabavikela kanjani abafundi bakhe kubaphikisi, futhi sifundani thina kulesi sibonelo? (Joh. 10:11, 12; 18:1, 6-9; Heb. 13:6; Jak. 2:25)

INdaba 101

UJesu Uyabulawa

  1. Ubani onecala kakhulu ngokufa kukaJesu?

  2. Benzani abaphostoli ngesikhathi uJesu ethathwa abaholi benkolo?

  3. Kwenzekani endlini kaKayafase, umpristi omkhulu?

  4. Kungani uPetru ehamba ayokhala?

  5. Lapho uJesu ebuyiselwa kuPilatu, abapristi abakhulu bamemeza bathini?

  6. Kwenzekani kuJesu ngoLwesihlanu ntambama, futhi usithembisani isigebengu esilenga esigxotsheni eduze kwakhe?

  7. Liyoba kuphi iPharadesi akhuluma ngalo uJesu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 26:57-75.

    Yiziphi izinto ezenziwa amalungu enkantolo ephakeme yamaJuda ezibonisa ukuthi izinhliziyo zawo zazizimbi? (Math. 26:59, 67, 68)

  2. Funda uMathewu 27:1-50.

    Kungani singathi uJuda wayengazisoli ngobuqotho? (Math. 27:3, 4; Marku 3:29; 14:21; 2 Kor. 7:10, 11)

  3. Funda uLuka 22:54-71.

    Sifunda siphi isifundo ekuphikeni kukaPetru uJesu ngobusuku akhashelwa futhi aboshwa ngabo? (Luka 22:60-62; Math. 26:31-35; 1 Kor. 10:12)

  4. Funda uLuka 23:1-49.

    UJesu wathini njengoba aphathwa ngendlela engenabulungisa, futhi sifunda siphi isifundo kulokhu? (Luka 23:33, 34; Roma 12:17-19; 1 Pet. 2:23)

  5. Funda uJohane 18:12-40.

    Yini eboniswa iqiniso lokuthi nakuba uPetru ehlulwa ukwesaba abantu isikhashana, yabuye yabuya ingqondo waba umphostoli oqhamile? (Joh. 18:25-27; 1 Kor. 4:2; 1 Pet. 3:14, 15; 5:8, 9)

  6. Funda uJohane 19:1-30.

    1. Yimuphi umbono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo uJesu ayenawo? (Joh. 2:1, 2, 9, 10; 19:23, 24; Math. 6:31, 32; 8:20)

    2. Amazwi okunqoba uJesu awasho esefa abonisa kanjani ukuthi wayebusekelile ubukhosi bukaJehova? (Joh. 16:33; 19:30; 2 Pet. 3:14; 1 Joh. 5:4)

INdaba 102

UJesu Uyaphila

  1. Ubani lona wesifazane osesithombeni, amadoda amabili wona angobani, futhi bakuphi?

  2. Kungani uPilatu etshela abapristi ukuba bathumele amasosha ayogada ithuna likaJesu?

  3. Yenzani ingelosi ekuseni kakhulu ngosuku lwesithathu uJesu efile, kodwa abapristi benzani?

  4. Kungani abanye abesifazane bemangala lapho befika ethuneni likaJesu?

  5. Kungani uPetru noJohane bephuthuma ethuneni likaJesu, futhi batholani?

  6. Kwenzekani esidunjini sikaJesu, kodwa wenzani ukuze abonise abafundi ukuthi uyaphila?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uMathewu 27:62-66 no-28:1-15.

    Ngesikhathi sokuvuswa kukaJesu, abapristi abakhulu, abaFarisi namadoda amadala awona kanjani umoya ongcwele? (Math. 12:24, 31, 32; 28:11-15)

  2. Funda uLuka 24:1-12.

    Indaba yokuvuswa kukaJesu ibonisa kanjani ukuthi uJehova ubheka abesifazane njengofakazi esingabethemba? (Luka 24:4, 9, 10; Math. 28:1-7)

  3. Funda uJohane 20:1-12.

    Yini eshiwo uJohane 20:8, 9 esisiza sibone isidingo sokuba nesineke uma singakuqondi kahle ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli? (IzAga 4:18; Math. 17:22, 23; Luka 24:5-8; Joh. 16:12)

INdaba 103

Endlini Ekhiyiwe

  1. UMariya uthini endodeni acabanga ukuthi ingumphathi wensimu, kodwa yini emenza azi ukuthi uJesu ngempela?

  2. Kwenzekani kubafundi ababili abaya emzaneni wase-Emawuse?

  3. Iyiphi into emangalisayo eyenzekayo ngesikhathi abafundi ababili besalandisa abaphostoli ukuthi babone uJesu?

  4. UJesu usezibonakalise izikhathi ezingaki kubalandeli bakhe?

  5. Uthini uTomase lapho ezwa ukuthi abafundi babone iNkosi, kodwa kwenzekani ezinsukwini eziyisi-8 kamuva?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJohane 20:11-29.

    Ingabe kuJohane 20:23 uJesu wayesho ukuthi abantu banegunya lokuthethelela izono? Chaza. (IHu. 49:2, 7; Isaya 55:7; 1 Thim. 2:5, 6; 1 Joh. 2:1, 2)

  2. Funda uLuka 24:13-43.

    Singayilungisa kanjani inhliziyo yethu ukuze yamukele amaqiniso eBhayibheli? (Luka 24:32, 33; Ezra 7:10; Math. 5:3; IzE. 16:14; Heb. 5:11-14)

INdaba 104

UJesu Ubuyela Ezulwini

  1. Bangaki abafundi ababona uJesu ngesinye isikhathi, futhi ukhuluma ngani nabo?

  2. Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi ukuphila kuyoba njani emhlabeni lapho uJesu esebusa njengeNkosi iminyaka eyinkulungwane?

  3. Sekuyizinsuku ezingaki uJesu ezibonakalisa kubafundi bakhe, kodwa manje kufika isikhathi sokuba enzeni?

  4. Ngaphambi kokushiya abafundi bakhe, uJesu uthi abenzeni?

  5. Kwenzekani esithombeni, futhi yini esitha uJesu angabe esabonakala?

Eminye imibuzo:

  1. Funda eyoku-1 Korinte 15:3-8.

    Kungani umphostoli uPawulu ayengakhuluma ngokuqiniseka okungaka ngokuvuswa kukaJesu, futhi yiziphi izinto amaKristu namuhla angakhuluma ngazo ngokuqiniseka? (1 Kor. 15:4, 7, 8; Isaya 2:2, 3; Math. 24:14; 2 Thim. 3:1-5)

  2. Funda izEnzo 1:1-11.

    Umsebenzi wokushumayela wasabalala kangakanani njengoba kwabikezelwa kuzEnzo 1:8? (IzE. 6:7; 9:31; 11:19-21; Kol. 1:23)

INdaba 105

Ukulinda EJerusalema

  1. Njengoba kubonakala esithombeni, kwenzekani kubalandeli bakaJesu abebelinde eJerusalema?

  2. Zimangazwa yini izivakashi ezize eJerusalema?

  3. UPetru ubachazela ukuthini abantu?

  4. Abantu bazizwa kanjani ngemva kokulalela uPetru, futhi ubatshela ukuba benzeni?

  5. Bangaki abantu ababhapathizwayo ngalolo suku lwePhentekoste lika-33 C.E.?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 2:1-47.

    1. Yimaphi amazwi kaPetru akuzEnzo 2:23, 36 abonisa ukuthi sonke isizwe samaJuda sasinecala ngokufa kukaJesu? (1 Thes. 2:14, 15)

    2. UPetru wasibeka kanjani isibonelo esihle sokubonisana nabanye ngemiBhalo? (IzE. 2:16, 17, 29, 31, 36, 39; Kol. 4:6)

    3. UPetru wasisebenzisa kanjani isihluthulelo sokuqala ‘ezihluthulelweni zombuso’ uJesu ayethembise ukumnika zona? (IzE. 2:14, 22-24, 37, 38; Math. 16:19)

INdaba 106

Ukukhululwa Ejele

  1. Kwenzekani kuPetru noJohane ngenye intambama beya ethempelini?

  2. Uthini uPetru endodeni ekhubazekile, futhi yini uPetru ayinika yona eyigugu kunemali?

  3. Bathukutheliswa yini abaholi benkolo, futhi benzani kuPetru noJohane?

  4. Uthini uPetru kubaholi benkolo, futhi baxwayiswa ngani abaphostoli?

  5. Yini eyenza abaholi benkolo babe nomona, kodwa kwenzekani ngesikhathi abaphostoli befakwa ejele okwesibili?

  6. Baphendula bathini abaphostoli lapho belethwa ehholo leSanhedrini?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 3:1-10.

    Nakuba singanikiwe amandla okwenza izimangaliso namuhla, amazwi kaPetru akuzEnzo 3:6 asisiza kanjani ukuba sibone ukuthi isigijimi soMbuso sibalulekile? (Joh. 17:3; 2 Kor. 5:18-20; Fil. 3:8)

  2. Funda izEnzo 4:1-31.

    Lapho siphikiswa enkonzweni, kufanele sibalingise ngayiphi indlela abafowethu abangamaKristu bekhulu lokuqala? (IzE. 4:29, 31; Efe. 6:18-20; 1 Thes. 2:2)

  3. Funda izEnzo 5:17-42.

    Endulo namanje, abantu abangebona oFakazi bakubonise kanjani ukuhlakanipha ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela? (IzE. 5:34-39)

INdaba 107

UStefanu Ukhandwa Ngamatshe

  1. Ubani uStefanu, futhi uNkulunkulu ubemsiza ukuba enzeni?

  2. Yini le uStefanu ayishoyo ebathukuthelisa kakhulu abaholi benkolo?

  3. Lapho amadoda ehudulela uStefanu ngaphandle komuzi, afike amenzeni?

  4. Ubani le nsizwa emi eduze kwamajazi esithombeni?

  5. Ngaphambi kokuba afe, uStefanu uthandaza athini kuJehova?

  6. Lapho silingisa uStefanu, yini okufanele siyenze lapho othile enza into embi kithina?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 6:8-15.

    Yiziphi izinto ezimbi abaholi benkolo abaye bazisebenzisa bezama ukumisa umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova? (IzE. 6:9, 11, 13)

  2. Funda izEnzo 7:1-60.

    1. Yini eyasiza uStefanu waphumelela ukulwela izindaba ezinhle phambi kweSanhedrini, futhi yini esiyifundayo kulesi sibonelo? (IzE. 7:51-53; Roma 15:4; 2 Thim. 3:14-17; 1 Pet. 3:15)

    2. Kufanele sibabheke kanjani abantu abaphikisa umsebenzi wethu? (IzE. 7:58-60; Math. 5:44; Luka 23:33, 34)

INdaba 108

Endleleni Eya EDamaseku

  1. Wenzani uSawulu ngemva kokubulawa kukaStefanu?

  2. Lapho uSawulu esendleleni eya eDamaseku, iyiphi into emangalisayo eyenzekayo?

  3. UJesu uthi uSawulu akenzeni?

  4. UJesu uthuma u-Ananiya ukuba enzeni, futhi kwenzeka kanjani ukuba uSawulu abone futhi?

  5. USawulu waziwa ngaliphi igama, futhi usetshenziswa kanjani?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 8:1-4.

    Igagasi loshushiso elahlasela ibandla lobuKristu elalisanda kumiswa lasiza kanjani ekusakazeni ukholo lobuKristu, futhi iyiphi into efanayo eyenzekile ezikhathini zanamuhla? (IzE. 8:4; Isaya 54:17)

  2. Funda izEnzo 9:1-20.

    UJesu wathi yimiphi imisebenzi emithathu ayefuna ukuthuma uSawulu ukuba ayenze? (IzE. 9:15; 13:5; 26:1; 27:24; Roma 11:13)

  3. Funda izEnzo 22:6-16.

    Singafana kanjani no-Ananiya, futhi kungani kubalulekile loko? (IzE. 22:12; 1 Thim. 3:7; 1 Pet. 1:14-16; 2:12)

  4. Funda izEnzo 26:8-20.

    Ukuguqulelwa kukaSawulu ebuKristwini kubakhuthaza ngani abantu abanabangane bomshado abangakholwa namuhla? (IzE. 26:11; 1 Thim. 1:14-16; 2 Thim. 4:2; 1 Pet. 3:1-3)

INdaba 109

UPetru Uya KuKorneliyu

  1. Ubani le ndoda ekhotheme esithombeni?

  2. Ingelosi ithini kuKorneliyu?

  3. UNkulunkulu wenza uPetru aboneni ngesikhathi esophahleni lwendlu kaSimoni eJopha?

  4. Kungani uPetru ethi kuKorneliyu akufanele amkhothamele futhi amkhulekele?

  5. Yini emangaza abafundi abangamaJuda abafike noPetru?

  6. Yisiphi isifundo esibalulekile okufanele sisifunde ekuvakasheleni kukaPetru uKorneliyu?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 10:1-48.

    Amazwi kaPetru asencwadini yezEnzo 10:42 asitshelani ngomsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso? (Math. 28:19; Marku 13:10; IzE. 1:8)

  2. Funda izEnzo 11:1-18.

    Yisiphi isimo asibonisa uPetru lapho sesimcacele isiqondiso sikaJehova mayelana nabeZizwe, futhi singasilingisa kanjani isibonelo sakhe? (IzE. 11:17, 18; 2 Kor. 10:5; Efe. 5:17)

INdaba 110

UThimothewu—Umsizi kaPawulu

  1. Ubani le nsizwa esesithombeni, ihlalaphi, ubani igama likanina nogogo wayo?

  2. Uthini uThimothewu uma uPawulu embuza ukuthi angathanda yini ukujoyina uSila noPawulu ekushumayeleni kubantu ezindaweni ezikude?

  3. Kukuphi lapho abalandeli bakaJesu bebizwa khona okokuqala ngokuthi amaKristu?

  4. Yimiphi eminye imizi uPawulu, uSila noThimothewu abayihambelayo uma besuka eListra?

  5. UThimothewu umsiza kanjani uPawulu, futhi imuphi umbuzo okufanele zizibuze wona izingane namuhla?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 9:19-30.

    Lapho izindaba ezinhle ziphikiswa, yini eyenziwa umphostoli uPawulu ebonisa ukuhlakanipha? (IzE. 9:22-25, 29, 30; Math. 10:16)

  2. Funda izEnzo 11:19-26.

    Yini eshiwo endabeni ekuzEnzo 11:19-21, 26 ebonisa ukuthi umoya kaJehova uyawuqondisa umsebenzi wokushumayela?

  3. Funda izEnzo 13:13-16, 42-52.

    Yini eshiwo yizEnzo 13:51, 52 ebonisa ukuthi abafundi abakuvumelanga ukuphikiswa kubaqede amandla? (Math. 10:14; IzE. 18:6; 1 Pet. 4:14)

  4. Funda izEnzo 14:1-6, 19-28.

    Inkulumo ethi “babanikela kuJehova” isisiza kanjani ukuba singakhathazeki ngokungadingekile njengoba sisiza abaqalayo ukuhlanganyela? (IzE. 14:21-23; 20:32; Joh. 6:44)

  5. Funda izEnzo 16:1-5.

    Ukuvuma kukaThimothewu ukuba asokwe kukugcizelela kanjani ukubaluleka kokwenza “zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle”? (IzE. 16:3; 1 Kor. 9:23; 1 Thes. 2:8)

  6. Funda izEnzo 18:1-11, 18-22.

    Yini eshiwo yizEnzo 18:9, 10 ebonisa ukuthi uJesu uhilelekile ekuqondiseni umsebenzi wokushumayela, futhi kusiqinisekisa ngani lokho namuhla? (Math. 28:20)

INdaba 111

Umfana Owazunywa Ubuthongo

  1. Esithombeni, ubani lo mfana olele phansi, kwenzekeni kuye?

  2. Wenzani uPawulu uma ebona ukuthi umfana ufile?

  3. UPawulu, uThimothewu nalabo abanabo bayaphi, futhi kwenzekani uma bema eMilethu?

  4. Umprofethi u-Agabu umxwayisa athini uPawulu, futhi yini eyenzekayo nangempela?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 20:7-38.

    1. Yini okufanele siyenze ukuze sihlale ‘simsulwa egazini labo bonke abantu,’ njengoba kusho uPawulu kuzEnzo 20:26, 27? (Hez. 33:8; IzE. 18:6, 7)

    2. Kungani kufanele abadala ‘babambelele ngokuqinile ezwini elithembekile’ lapho befundisa? (IzE. 20:17, 29, 30; Thithu 1:7-9; 2 Thim. 1:13)

  2. Funda izEnzo 26:24-32.

    UPawulu wakusebenzisa kanjani ukuba kwakhe isakhamuzi saseRoma ukuze enze umsebenzi wokushumayela ayewuthunywe uJesu? (IzE. 9:15; 16:37, 38; 25:11, 12; 26:32; Luka 21:12, 13)

INdaba 112

Ukuphuka Komkhumbi

  1. Kwenzekani emkhunjini uPawulu awugibele lapho udlula esiqhingini saseKrethe?

  2. Uthini uPawulu kubantu abasemkhunjini?

  3. Yini eyenza ukuba umkhumbi uphuke ube izicucu?

  4. Umphathi wempi uthini, futhi bangaki abantu abafika belondekile ogwini?

  5. Yini igama lesiqhingi abafikela kuso, futhi bamenzani uPawulu uma izulu selingcono?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 27:1-44.

    Yini esenza sethembe nakakhulu ukuthi umlando weBhayibheli unembile lapho sifunda indaba yohambo lukaPawulu eya eRoma ngomkhumbi? (IzE. 27:16-19, 27-32; Luka 1:3; 2 Thim. 3:16, 17)

  2. Funda izEnzo 28:1-14.

    Uma izakhamuzi zaseMelitha ezingamaqaba zathinteka zambonisa “umusa wobuntu ongaphezu kovamile” umphostoli uPawulu nabangane bakhe ayephukelwe umkhumbi nabo, amaKristu kufanele ashukumiseleke ukuba aboniseni futhi ikakhulu ngayiphi indlela? (IzE. 28:1, 2; Heb. 13:1, 2; 1 Pet. 4:9)

INdaba 113

UPawulu ERoma

  1. UPawulu ushumayeza bani ngesikhathi eyisiboshwa eRoma?

  2. Esithombeni, ubani lesi sivakashi esisetafuleni, futhi simenzelani uPawulu?

  3. Ubani u-Ephafrodithu, futhi uphathani uma ebuyela eFilipi?

  4. Kungani uPawulu ebhalela umngane wakhe omkhulu uFilemoni?

  5. Wenzani uPawulu uma ekhululwa, futhi kwenzekani kuye kamuva?

  6. Ubani uJehova amkhethayo ukuba abhale izincwadi zokugcina zeBhayibheli, futhi isitshela ngani incwadi yesAmbulo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda izEnzo 28:16-31 neyabaseFilipi 1:13.

    UPawulu wasisebenzisela ukwenzani isikhathi ayeboshwe ngaso eRoma, futhi ukholo lwakhe oluqinile lwalithinta kanjani ibandla lobuKristu? (IzE. 28:23, 30; Fil. 1:14)

  2. Funda eyabaseFilipi 2:19-30.

    Yiziphi izinto uPawulu azisho ngoThimothewu no-Ephafrodithu ezibonisa ukuthi wayebazisa, futhi singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu? (Fil. 2:20, 22, 25, 29, 30; 1 Kor. 16:18; 1 Thes. 5:12, 13)

  3. Funda uFilemoni 1-25.

    1. UPawulu wanxusa uFilemoni ukuba enze okufanele ngesisekelo sani, futhi lokhu kubanikeza siphi isiqondiso abadala namuhla? (Fil. 9; 2 Kor. 8:8; Gal. 5:13)

    2. Yimaphi amazwi kaPawulu akuFilemoni 13, 14 abonisa ukuthi wayewuhlonipha unembeza wabanye ebandleni? (1 Kor. 8:7, 13; 10:31-33)

  4. Funda eyesi-2 Thimothewu 4:7-9.

    Njengomphostoli uPawulu, singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyosivuza uma sihlala sithembekile kuze kube sekugcineni? (Math. 24:13; Heb. 6:10)

INdaba 114

Ukuphela Kwabo Bonke Ububi

  1. Kungani iBhayibheli likhuluma ngamahhashi ezulwini?

  2. Ibizwa ngokuthini impi kaNkulunkulu ayoyilwa nabantu ababi emhlabeni, futhi iyokwenzani le mpi?

  3. Kulesi sithombe, ubani oyohola empini, kungani efake umqhele, futhi inkemba ibonisani?

  4. Uma sibheka emuva eNdabeni 10, 15 no-33 kungani kungafanele simangale ngokuthi uNkulunkulu uzobhubhisa abantu ababi?

  5. Yini eshiwo eNdabeni 36 no-76 ebonisa ukuthi uNkulunkulu uyobabhubhisa abantu ababi ngisho noma bethi bayamkhulekela?

Eminye imibuzo:

  1. Funda isAmbulo 19:11-16.

    1. Yini eshiwo yimiBhalo eyenza kukhanye ukuthi nguJesu Kristu ogibele ihhashi elimhlophe? (IsAm. 1:5; 3:14; 19:11; Isaya 11:4)

    2. Igazi elifafazwe engutsheni kaJesu yangaphandle likuqinisekisa kanjani ukuthi uyonqo-ba ngokuphelele? (IsAm. 14:18-20; 19:13; Isaya 63:1-6)

    3. Cishe obani abasebuthweni elilandela uJesu esehhashini lakhe elimhlophe? (IsAm. 12:7; 19:14; Math. 25:31, 32)

INdaba 115

IPharadesi Elisha Emhlabeni

  1. IBhayibheli lithi yiziphi izinto esiyozijabulela ePharadesi emhlabeni?

  2. IBhayibheli libathembisa ukuthini labo abaphila ePharadesi?

  3. UJesu uyolwenza nini lolu shintsho oluhle?

  4. Lapho uJesu esemhlabeni, yiziphi izinto azenza ukuze abonise lokho ayokwenza uma eseyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?

  5. UJesu nalabo ayobusa nabo ezulwini bayokwenzani uma sebebusa umhlaba wonke?.

Eminye imibuzo:

  1. Funda isAmbulo 5:9, 10.

    Kungani singaqiniseka ukuthi labo abayobusa umhlaba phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane bayoba amakhosi nabapristi abanozwela nabanesihe? (Efe. 4:20-24; 1 Pet. 1:7; 3:8; 5:6-10)

  2. Funda isAmbulo 14:1-3.

    Kubonisani ukuthi igama likaYise neleWundlu lilotshwe emabunzini abayizi-144 000? (1 Kor. 3:23; 2 Thim. 2:19; IsAm. 3:12)

INdaba 116

Indlela Yokuphila Phakade

  1. Yini okudingeka siyazi ukuze siphile phakade?

  2. Singafunda kanjani ngoJehova uNkulunkulu noJesu, njengoba kwenza le ntombazanyana nabangane bayo esithombeni?

  3. Iyiphi enye incwadi oyibona esithombeni, futhi kungani kufanele siyifunde njalo?

  4. Ngaphandle kokufunda ngoJehova noJesu, yini enye edingekayo ukuze sithole ukuphila okuphakade?

  5. Yisiphi isifundo esisifunda eNdabeni 69?

  6. Yini esiyifunda esibonelweni esihle sikaSamuweli osemncane eNdabeni 55?

  7. Yini okumelwe siyenze ukuze silandele isibonelo sikaJesu Kristu, futhi uma sisilandela, yini esiyokwazi ukuyenza esikhathini esizayo?

Eminye imibuzo:

  1. Funda uJohane 17:3.

    Yini eshiwo imiBhalo ebonisa ukuthi ukungenisa ulwazi ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu kusho okungaphezu kokumane ubambe ngekhanda amaphuzu? (Math. 7:21; Jak. 2:18-20; 1 Joh. 2:17)

  2. Funda iHubo 145:1-21.

    1. Yiziphi ezinye zezizathu eziningi esinazo zokudumisa uJehova? (IHu. 145:8-11; IsAm. 4:11)

    2. Yiziphi izinto ezenziwa uJehova ezibonisa ukuthi “muhle kubo bonke,” futhi yini okumelwe siyenze ukuze sibonise ukuthi siya sisondela kuye? (IHu. 145:9; Math. 5:43-45)

    3. Yini esiyoyenza uma simthanda uJehova ezinhliziyweni zethu? (IHu. 119:171, 172, 175; 145:11, 12, 21)