Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo

Isethulo

LENA incwadi yezindaba eziyiqiniso. Zithathwe encwadini ebaluleke kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli. Lezi zindaba zikunikeza umlando wezwe kusukela lapho uNkulunkulu eqala ukudala kuze kube sosukwini lwethu. Zisitshela ngisho nangalokho uNkulunkulu athembisa ukukwenza esikhathini esizayo.

Le ncwadi ikunikeza umqondo wokuqukethwe yiBhayibheli. Ikutshela ngabantu beBhayibheli nezinto abazenza. Ibonisa futhi nethemba elihle lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi uNkulunkulu awunikeze abantu.

Kunezindaba eziyi-116 kule ncwadi. Zingamaqoqo ezingxenye eziyisishiyagalombili. Ikhasi ekuqaleni kwengxenye ngayinye lilandisa kafushane ngokuthi leyo ngxenye iquketheni. Lezi zindaba zilandelana ngokohlelo lokwenzeka kwezehlakalo emlandweni. Lokhu kukusiza ukuba ufunde ukuthi ngokuhlobene nezinye izehlakalo, izinto zenzeka nini emlandweni.

Lezi zindaba zilandiswa ngendlela elula. Abaningi benu bantwana bayokwazi ukuzifundela zona ngokwabo. Nina bazali nizothola ukuthi abantwana benu abancane bayokujabulela ukufundelwa lezi zindaba ngokuphindaphindiwe. Nizothola ukuthi le ncwadi inesithakazelo esikhulu kwabancane nabadala ngokufanayo.

Izikhombo zeBhayibheli zinikeziwe ekupheleni kwendaba ngayinye. Nikhuthazwa ukuba nifunde lezi zingxenye zeBhayibheli izindaba ezisekelwe kuzo. Lapho usuqedile ukufunda indaba, bukeza nemibuzo yaleyo ndaba engemva kweNdaba 116 bese uzama ukukhumbula izimpendulo.