Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 10

Iziphi Izibusiso Ezizotholwa Yilabo Abalalela UNkulunkulu?

Iziphi Izibusiso Ezizotholwa Yilabo Abalalela UNkulunkulu?

Iningi labantu abafa lizovuselwa ekuphileni emhlabeni. IzEnzo 24:15

Cabanga ngezibusiso zesikhathi esizayo ozozithola uma ulalela uJehova! Uzoba nempilo ephelele; akekho ozogula noma abe buthakathaka. Bazobe bengasekho abantu ababi futhi uzokwazi ukwethemba bonke abantu.

Ngeke kube khona ubuhlungu, usizi noma izinyembezi. Akekho ozoguga futhi afe.

Uzobe uzungezwe abangane nomndeni wakho. Kuzoba mnandi ukuphila ePharadesi.

Kuzobe kungekho ukwesaba. Abantu bazojabula ngempela.

UMbuso kaNkulunkulu uzoqeda konke ukuhlupheka. IsAmbulo 21:3, 4