Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 9

Lizofika Nini IPharadesi?

Lizofika Nini IPharadesi?

Izinkinga ezisemhlabeni zibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu maduze uzothatha isinyathelo. Luka 21:10, 11; 2 Thimothewu 3:1-5

IBhayibheli labikezela izinto eziningi ezenzeka namuhla. Lathi abantu bazoba abathanda imali, abangalaleli abazali, abanolaka nabathandi benjabulo.

Kuzoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, izimpi, ukusweleka kokudla nezifo ezithé chithi saka. Lezi zinto ziyenzeka manje.

UJesu wabuye wathi izindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke.—Mathewu 24:14.

UMbuso uzoqeda bonke ububi. 2 Petru 3:13

Maduze nje uJehova uzobhubhisa bonke ababi.

USathane namademoni bazojeziswa.

Labo abalalela uNkulunkulu bayosindela ezweni elisha lokulunga, lapho kuyobe kungasekho ukwesaba. Izwe liyobe linabantu abathembanayo nabathandanayo.