Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 1

Simlalela Kanjani UNkulunkulu?

Simlalela Kanjani UNkulunkulu?

UNkulunkulu ukhuluma nathi ngeBhayibheli. 2 Thimothewu 3:16

UNkulunkulu weqiniso waqondisa abantu ukuba babhale phansi imicabango yakhe encwadini eyodwa engcwele. Leyo ncwadi iBhayibheli. Linezinto ezibalulekile uNkulunkulu afuna uzazi.

UNkulunkulu uyazi ukuthi yini esilungele futhi konke ukuhlakanipha kuvela kuye. Uma umlalela, uzohlakanipha ngempela. —IzAga 1:5.

UNkulunkulu ufuna bonke abantu emhlabeni bafunde iBhayibheli. Manje selitholakala ngezilimi eziningi.

Uma ufuna ukulalela uNkulunkulu, kumelwe ufunde iBhayibheli futhi uliqonde.

Abantu yonke indawo bayalalela. Mathewu 28:19

OFakazi BakaJehova bangakusiza uliqonde iBhayibheli.

Bafundisa iqiniso ngoNkulunkulu emhlabeni wonke.

Awukhokhi lutho lapho ufundiswa. Ungafunda ngoNkulunkulu naseHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova langakini.