Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 3

Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?

Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?

UJehova wanikeza u-Adamu no-Eva izinto eziningi ezinhle. Genesise 1:28

UJehova wenza owesifazane wokuqala, u-Eva, wamyisa ku-Adamu ukuba abe umkakhe.—Genesise 2:21, 22.

UJehova wabadala benezingqondo nemizimba ephelele, bengenasici.

Ikhaya labo eliyiPharadesi kwakuyinsimu yase-Edene—indawo enhle kakhulu enomfula, izihlahla zezithelo nezilwane.

UJehova wayekhuluma nabo; wayebafundisa. Uma bemlalela, babezophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.

UNkulunkulu wathi bangadli emthini owodwa. Genesise 2:16, 17

UJehova watshengisa u-Adamu no-Eva umuthi owodwa wezithelo ensimini, wabatshela ukuthi uma bedla kuwo bazokufa.

Enye yezingelosi yavukela uNkulunkulu. Leyo ngelosi embi uSathane uDeveli.

USathane wayengafuni ukuba u-Adamu no-Eva balalele uJehova. Ngakho wasebenzisa inyoka ukuba itshele u-Eva ukuthi uma edla isithelo saleso sihlahla, wayengeke afe kodwa wayezoba njengoNkulunkulu. Kwakungamanga lawo. —Genesise 3:1-5.