INGXENYE 5
UZamcolo Omkhulu—Obani Abalalela? Obani Abangalalelanga?
Abaningi ngosuku lukaNowa benza izinto ezimbi. Genesise 6:5
U-Adamu no-Eva baba nabantwana futhi abantu baba baningi emhlabeni. Ngokuhamba kwesikhathi ezinye izingelosi zalandela uSathane ekuvukeleni kwakhe.
Zeza emhlabeni zazishintsha zaba nemizimba yabantu ukuze zikwazi ukushada nabesifazane. Abesifazane bazala amadodana anamandla angavamile nanobudlova.
Umhlaba wagcwala abantu abenza izinto ezimbi. IBhayibheli lithi “ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nokuthi imicabango nezifiso zenhliziyo yakhe kwakukubi ngaso sonke isikhathi.”
Genesise 6:13, 14, 18, 19, 22
UNowa walalela uNkulunkulu, wakha umkhumbi.UNowa wayeyindoda elungile. UJehova wamtshela ukuthi uzobhubhisa abantu ababi ngozamcolo omkhulu.
UNkulunkulu watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi omkhulu, angenise kuwo umndeni wakhe kanye nazo zonke izinhlobo zezilwane.
UNowa waxwayisa abantu ngoZamcolo ozayo kodwa abamlalelanga. Abanye bamhleka uNowa; abanye bamzonda.
Lapho umkhumbi usuqediwe, uNowa wafaka izilwane ngaphakathi.