Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 1

“Yilokhu Okushiwo Uthando NgoNkulunkulu”

“Yilokhu Okushiwo Uthando NgoNkulunkulu”

“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 JOHANE 5:3.

1, 2. Yini ekushukumisela ukuba uthande uJehova uNkulunkulu?

INGABE uyamthanda uNkulunkulu? Uma usuzinikezele kuJehova uNkulunkulu, ngokuqinisekile impendulo yakho inguyebo ozwakalayo—futhi kube kufanele! Kungokwemvelo nje ukuba simthande uJehova. Empeleni, uthando lwethu ngoNkulunkulu lubangelwa uthando analo ngathi. IBhayibheli likubeka kanje: “Kepha thina, sinothando, ngoba yena [uJehova] wasithanda kuqala.”—1 Johane 4:19.

2 UJehova uthathe isinyathelo sokubonisa uthando lwakhe ngathi. Usinikeze ikhaya elihle eliwumhlaba. Usinikeza izidingo ezingokwenyama nezezinto ezibonakalayo. (Mathewu 5:43-48) Okubaluleke nakakhulu, unakekela izidingo zethu ezingokomoya. Usinikeza iZwi lakhe, iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, usimema ukuba sithandaze kuye, asiqinisekise ngokuthi uzosilalela futhi asinikeze umoya wakhe ongcwele ukuze usisize. (IHubo 65:2; Luka 11:13) Okubaluleke kunakho konke, wathumela iNdodana yakhe eyigugu kunawo wonke ukuba ibe uMhlengi wethu ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni. Yeka uthando olukhulu asibonise lona uJehova!Johane 3:16; Roma 5:8.

3. (a) Ukuze sihlale othandweni lukaNkulunkulu, kudingeka senzeni? (b) Yimuphi umbuzo obalulekile okudingeka siwucabangele, futhi itholakalaphi impendulo?

3 UJehova ufuna sizuze kuze kube phakade othandweni lwakhe. Kodwa ukuthi siyozuza yini noma cha kuxhomeke kithina. IZwi likaNkulunkulu liyasinxusa: “Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu . . . ninombono wokuphila okuphakade.” (Jude 21) Inkulumo ethi “zigcineni” isikisela ukuthi ukuze sihlale othandweni lukaNkulunkulu, kudingeka senze okuthile. Kudingeka sisabele othandweni lwakhe ngezindlela ezibonakalayo. Umbuzo obalulekile-ke okufanele siwucabangele yilo, ‘Ngingalubonisa kanjani uthando lwami ngoNkulunkulu?’ Impendulo itholakala emazwini aphefumulelwe omphostoli uJohane: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Kuhle siyihlolisise incazo yala mazwi, ngoba sifuna ukubonisa uNkulunkulu wethu ukuthi simthanda kangakanani.

“YILOKHU OKUSHIWO UTHANDO NGONKULUNKULU”

4, 5. (a) Ibhekiselephi inkulumo ethi “uthando ngoNkulunkulu”? (b) Chaza indlela uthando ngoJehova olwaqala ngayo enhliziyweni yakho.

4 “Uthando ngoNkulunkulu”—wayecabanga ngani umphostoli uJohane lapho ebhala la mazwi? Le nkulumo ayibhekiseli othandweni lukaNkulunkulu ngathi kodwa ibhekisela othandweni lwethu ngaye. Ingabe uyasikhumbula isikhathi olwaqala ngaso uthando ngoJehova enhliziyweni yakho?

Ukuzinikezela nobhapathizo kuphawula ukuqala kokuphila kokulalela uJehova ngoba simthanda

5 Ake uthi ukucabanga ngamhla uqala ukufunda iqiniso ngoJehova nezinjongo zakhe futhi uqala ukuba nokholo. Waqonda ukuthi nakuba wazalwa uyisoni esihlukanisiwe noNkulunkulu, uJehova ngoKristu wakuvulela indlela yokuba uthole ukuphelela okwalahlwa u-Adamu nokuba uzuze ukuphila okuphakade. (Mathewu 20:28; Roma 5:12, 18) Waqala ukuqonda ukuthi uJehova wazidela kakhulu kangakanani ngokuthumela iNdodana yakhe eyigugu kunawo wonke ukuba izokufela. Inhliziyo yakho yathinteka, waqala ukuzwa uthando ngoNkulunkulu okubonise uthando olukhulu kangaka.1 Johane 4:9, 10.

6. Uthando lweqiniso luboniswa kanjani, futhi uthando ngoNkulunkulu lwakushukumisa ukuba wenzeni?

6 Nokho, lowo muzwa wawumane nje uyisiqalo sothando lweqiniso ngoJehova. Uthando aluwona nje umuzwa; lungeyona nento ogcina ngokuyisho ngomlomo. Uthando lweqiniso ngoNkulunkulu luhilela okungaphezu kokumane uthi, “Ngiyamthanda uJehova.” Njengokholo, uthando lwangempela lubonakala ngezenzo oluzizalayo. (Jakobe 2:26) Ngokuqondile nje, uthando lubonakala ngezenzo ezijabulisa lowo othandwayo. Ngakho, lapho uthando ngoJehova lwakheka enhliziyweni yakho, washukumiseleka ukuba ufune ukuphila ngendlela ejabulisa uYihlo wasezulwini. Ingabe unguFakazi obhapathiziwe? Uma kunjalo, lolu thando nokuzinikela okujulile lwakubangela ukuba wenze isinqumo esibaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho. Wazinikezela kuJehova ukuba wenze intando yakhe, futhi wabonakalisa lokho kuzinikezela ngokubhapathizwa. (Roma 14:7, 8) Ukufeza lesi sithembiso esinqala kuJehova kuhilela lokho uJohane akushoyo ngokulandelayo.

‘SIGCINA IMIYALO YAKHE’

7. Yimiphi eminye yemiyalo kaNkulunkulu, futhi kuhilelani ukuyigcina?

7 UJohane uchaza okushiwo uthando ngoNkulunkulu: ‘Sigcina imiyalo yakhe.’ Iyini imiyalo kaNkulunkulu? UJehova usinikeza imiyalo eminingi eqondile ngeZwi lakhe, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, uyayenqabela imikhuba enjengokudakwa, ubufebe, ukukhonza izithombe, ukweba nokuqamba amanga. (1 Korinte 5:11; 6:18; 10:14; Efesu 4:28; Kolose 3:9) Ukugcina imiyalo kaNkulunkulu kuhilela ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli ezicacile.

8, 9. Singakwazi kanjani okuthokozisa uJehova ngisho nalapho kungekho mthetho weBhayibheli oqondile? Nikeza isibonelo.

8 Nokho, ukuze sijabulise uJehova kudingeka senze okungaphezu kokulalela imiyalo yakhe eqondile. UJehova akasicinanisi ngemithetho ebusa zonke izici zokuphila kwethu kwemihla ngemihla. Ngenxa yalokho, phakathi nosuku singase sihlangabezane nezimo eziningi okungekho miyalo yeBhayibheli eqondile ngazo. Ezimweni ezinjalo, singakwazi kanjani okuyojabulisa uJehova? IBhayibheli lisibonisa ngokucacile indlela kaNkulunkulu yokucabanga. Njengoba sitadisha iBhayibheli, sifunda izinto uJehova azithandayo nazizondayo. (IHubo 97:10; IzAga 6:16-19) Siyaziqonda izimo zengqondo nezenzo azazisayo. Lapho sifunda okwengeziwe ngobuntu nezindlela zikaJehova, siyokwazi ngokwengeziwe ukuvumela ukucabanga kwakhe kulolonge izinqumo zethu kuthonye nezenzo zethu. Ngakho, ngisho nasezimweni okungekho mthetho weBhayibheli oqondile kuzo, ngokuvamile singakwazi ukuqonda “ukuthi iyini intando kaJehova.”—Efesu 5:17.

9 Ngokwesibonelo, iBhayibheli alinamyalo oqondile othi masingawabukeli amabhayisikobho noma izinhlelo ze-TV ezibonisa ubudlova noma ukuziphatha okubi kobulili. Kodwa ingabe siyawudinga ngempela umthetho oqondile othi singazibukeli izinto ezinjalo? Siyayazi indlela uJehova abheka ngayo lezi zinto. IZwi lakhe lisitshela ngokucacile: “Umphefumulo [kaJehova] uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) Lithi futhi: “UNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.” (Hebheru 13:4) Ngokucabangisisa ngala mazwi aphefumulelwe, singathola ngokucacile ukuthi iyini intando kaJehova. Ngakho-ke sikhetha ukungazijabulisi ngokubukela izithombe ezinemikhuba ezondwa uNkulunkulu wethu. Siyazi ukuthi kuyamthokozisa uJehova uma sigwema ukungcola okuvezwa yileli zwe njengokuwukuzijabulisa okungekubi. *

10, 11. Kungani sikhetha inkambo yokulalela uJehova, futhi simlalela kanjani?

10 Yisiphi isizathu esiyinhloko sokugcina kwethu imiyalo kaNkulunkulu? Kungani sifuna ukuba usuku nosuku siphile ngokuvumelana nalokho esaziyo ukuthi kuyindlela kaNkulunkulu yokucabanga? Inkambo enjalo asiyikhethi nje ngenjongo yokubalekela isijeziso noma yokugwema imiphumela emibi etholwa abantu abangayinaki intando kaNkulunkulu. (Galathiya 6:7) Kunalokho, sibheka ukulalela uJehova njengethuba elihle kakhulu lokubonisa ukuthi siyamthanda. Njengoba nje nomntwana ethanda ukwenza uyise athokoze ngaye, nathi sifuna ukwenza uJehova athokoze ngathi. (IHubo 5:12) UnguBaba wethu futhi siyamthanda. Akukho lutho olusinikeza intokozo enkulu noma lusanelise ngokujulile ngaphezu kokwazi ukuthi siphila ngendlela ‘uJehova ayamukelayo.’—IzAga 12:2.

11 Ngakho-ke ukulalela akuyona into esiyenza sibe singafuni; akukhethi futhi akunamibandela. * Asizinqumeli ukuthi iyiphi imiyalo esizoyilalela nesizoyichilizela eceleni, asilaleli lapho kulula kuphela noma lapho ukulalela kuhilela ubunzinyana obuncane noma kungabuhileli nhlobo. Esikhundleni salokho, ‘silalela ngokusuka enhliziyweni.’ (Roma 6:17) Sizizwa njengomhubi weBhayibheli owaloba: “Ngizobonisa ukuba nothando ngemiyalo yakho engiyithandile.” (IHubo 119:47) Yebo, siyathanda ukulalela uJehova. Siyaqaphela ukuthi ufanelwe ukuba simlalele ngokuphelele nangaphandle kwemibandela—futhi ufuna senze kanjalo. (Duteronomi 12:32) Sifuna uJehova asho ngathi lokho iZwi lakhe elikusho ngoNowa. Ngokuqondene naleyo nzalamizi ethembekile, eyabonisa uthando ngoNkulunkulu ngokulalela amashumi eminyaka, iBhayibheli lithi: “UNowa wenza njengakho konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje.”—Genesise 6:22.

12. Kunini lapho ukulalela kwethu kuyithokozisa khona inhliziyo kaJehova?

12 UJehova uzizwa kanjani ngokulalela kwethu ngokuzithandela? IZwi lakhe lithi ngokwenza kanjalo senza ‘inhliziyo yakhe ijabule.’ (IzAga 27:11) Ingabe ngempela ukulalela kwethu kuyayijabulisa inhliziyo yeNkosi EnguMbusi wendawo yonke? Kuyayijabulisa isibili—futhi kube kufanele! UJehova wasidala saba nenkululeko yokuzikhethela. Singakhetha ukumlalela uNkulunkulu noma sikhethe ukungamlaleli. (Duteronomi 30:15, 16, 19, 20) Lapho sikhetha ngokuzithandela ukulalela uJehova futhi isisusa kuyinhliziyo egcwele uthando ngaye, simthokozisa kakhulu uBaba wethu wasezulwini. (IzAga 11:20) Sisuke sikhetha nendlela engcono kakhulu yokuphila.

“IMIYALO YAKHE AYIWONA UMTHWALO”

13, 14. Kungani kungathiwa ‘imiyalo kaNkulunkulu ayiwona umthwalo,’ futhi kungafanekiswa kanjani lokhu?

13 Umphostoli uJohane usitshela into eqinisa idolo kakhulu ngezimfuneko zikaJehova: “Imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umthwalo” kweyoku-1 Johane 5:3 ngokwezwi nezwi lisho “ukusinda.” * Enye inguqulo yeBhayibheli ifundeka kanje lapha: “Imiyalo yakhe ayisisindi.” (New English Translation) Izimfuneko zikaJehova azizona ezingenangqondo noma ezicindezelayo. Imithetho yakhe ayingaphezu kwabantu abangaphelele ukuba bayilalele.

14 Singakufanekisa kanje. Umngane wakho omkhulu ukucela ukuba umsize umthuthise njengoba eyohlala kwenye indawo. Maningi amabhokisi okufanele athuthwe. Amanye alula angaqukulwa umuntu oyedwa ngaphandle kokutibila, kepha amanye ayesinda futhi adinga abantu ababili ukuba bawaqukule. Umngane wakho ukukhethela amabhokisi afuna uwathuthe. Ucabanga ukuthi angakukhethela amabhokisi aziyo ukuthi azokusinda? Cha. Ngeke afune ukuba uzilimaze ngokuzama ukuwaqukula wedwa. Ngokufanayo, uNkulunkulu wethu onothando nomusa akasiceli ukuba sigcine imiyalo enzima kakhulu. (Duteronomi 30:11-14) Akasoze athi masithwale umthwalo osinda kanjalo. UJehova uyakuqonda ukulinganiselwa kwethu ngoba “yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:14.

15. Kungani singaqiniseka ukuthi imiyalo kaJehova isizuzisa kakhulu?

15 Imiyalo kaJehova ayiwona neze umthwalo; isizuzisa kakhulu. (Isaya 48:17) Ngakho uMose wayengatshela u-Israyeli wasendulo: “Yingakho uJehova asiyala ukuba sizigcine zonke lezi ziqondiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu ukuze kube kuhle kithi ngaso sonke isikhathi, ukuze siqhubeke siphila njengakulolu suku.” (Duteronomi 6:24) Nathi singaqiniseka ukuthi ngokusinikeza imithetho yakhe, uJehova usifunela okuhle kodwa—inhlalakahle yethu yaphakade. Bekungabuye kube njani nje nempela? UJehova unguNkulunkulu wokuhlakanipha okungenamkhawulo. (Roma 11:33) Ngakho uyakwazi okusifanele kangcono. UJehova futhi uwukwenziwa samuntu kothando. (1 Johane 4:8) Uthando, oluwubuqu bakhe, luthonya konke akushoyo nakwenzayo. Luyisisekelo sayo yonke imiyalo ayibekela izinceku zakhe.

16. Naphezu kwamathonya aleli zwe elonakele nokuthambekela kwenyama engaphelele, kungani singayilandela inkambo yokulalela?

16 Lokhu akusho ukuthi ukulalela uNkulunkulu kuyinkambo elula. Kumelwe silwe namathonya aleli zwe elonakele ‘elisemandleni omubi.’ (1 Johane 5:19) Kumelwe silwe nanenyama engaphelele, esenza sifune ukwephula imithetho kaNkulunkulu. (Roma 7:21-25) Kodwa uthando lwethu ngoNkulunkulu lunganqoba. UJehova uyababusisa labo abafuna ukufakazela uthando lwabo ngaye ngokulalela. Ubanikeza umoya wakhe ongcwele “labo abamlalelayo njengombusi.” (IzEnzo 5:32) Lowo moya uveza izithelo ezinhle kithi—izimfanelo eziyigugu ezingasisiza ekuphishekeleni inkambo yokulalela.—Galathiya 5:22, 23.

17, 18. (a) Sizohlolani kule ncwadi, futhi njengoba siyihlola, yini okufanele siyikhumbule? (b) Kuzoxoxwa ngani esahlukweni esilandelayo?

17 Kule ncwadi, sizohlola izimiso nezindinganiso zokuziphatha zikaJehova kanye nezinye izindlela eziningi abonisa ngazo intando yakhe. Njengoba sizihlola, kudingeka sikhumbule izinto eziningana. Masikhumbule ukuthi uJehova akasiphoqi ukuba silalele imithetho nezimiso zakhe; ufuna simlalele ngokuzithandela, ngokusuka enhliziyweni. Masingakhohlwa ukuthi uJehova usicela ukuba siphile ngendlela eyosilethela izibusiso ezicebile manje futhi isiholele ekuphileni okuphakade esikhathini esizayo. Futhi masibheke ukulalela kwethu ngenhliziyo yonke njengethuba elihle kakhulu lokutshengisa uJehova ukuthi simthanda kangakanani.

18 Ukuze uJehova asisize sihlukanise okulungile kokungalungile, ngothando uye wasinikeza unembeza. Kodwa ukuze ube isiqondiso esingasethemba, unembeza wethu kudingeka uqeqeshwe, njengoba isahluko esilandelayo sizobonisa.

^ isig. 9 Bheka iSahluko 6 sale ncwadi ukuze uthole ingxoxo yendlela yokukhetha ezokuzijabulisa ezakhayo.

^ isig. 11 Ngisho nezingelosi ezimbi zingalalela zibe zingafuni. Lapho uJesu eyala amademoni ukuba aphume kubantu abathile, aphoqeleka ukuba aqaphele igunya lakhe futhi alalele, nakuba ayengathandi.—Marku 1:27; 5:7-13.

^ isig. 13 KuMathewu 23:4 leli gama lisetshenziselwa ukuchaza “imithwalo esindayo,” imithetho enemicikilisho namasiko ababhali nabaFarisi ababeyithwesa abantu abavamile. Lona leli gama lihunyushwe ngokuthi “-cindezelayo” encwadini yezEnzo 20:29, 30 futhi libhekisela ezihlubukini ezicindezelayo ‘ezazikhuluma izinto ezisontekile’ zifuna ukudukisa abanye.