ISITHASISELO
Kunini Futhi Kungani Kufanele Uthwale Ekhanda?
Kunini futhi kungani owesifazane ongumKristu kufanele athwale ekhanda lapho enza izinto eziphathelene nokukhulekela? Ake sicabangele ingxoxo ephefumulelwe yomphostoli uPawulu ngale ndaba. Unikeza isiqondiso esisidingayo ukuze senze izinqumo ezinhle ezidumisa uNkulunkulu. (1 Korinte 11:3-16) UPawulu wembula izinto ezintathu ezidinga ukucatshangelwa: (1) imisebenzi edinga ukuba owesifazane athwale ekhanda, (2) izimo okufanele athwale kuzo, kanye (3) nezisusa zokuba asebenzise lesi simiso.
Imisebenzi. UPawulu ukhuluma ngemibili: umthandazo nokuprofetha. (Amavesi 4, 5) Umthandazo uyindlela yokukhulekela esikhuluma ngayo noJehova. Namuhla, ukuprofetha kubhekisela kunoma yikuphi ukufundisa okusekelwe eBhayibhelini okwenziwa isikhonzi esingumKristu. Kodwa ingabe uPawulu usikisela ukuthi owesifazane kufanele amboze ikhanda noma nini lapho ethandaza noma efundisa amaqiniso eBhayibheli? Cha. Izimo owesifazane angaphansi kwazo lapho ethandaza noma efundisa yizona ezinqumayo.
Izimo. Amazwi kaPawulu abhekisela ezimweni noma ezindaweni ezimbili zokukhulekela—ekhaya nasebandleni. Uthi: ‘Inhloko yowesifazane yindoda. Yilowo nalowo wesifazane Amavesi 3, 5) Elungiselelweni lomkhaya, umyeni wowesifazane uyena omiswe uJehova njengenhloko yowesifazane. Uma engaliqapheli igunya lomyeni wakhe, uyobe uyamhlazisa uma esingatha imithwalo yemfanelo uJehova ayiphathise umyeni wakhe. Ngokwesibonelo, uma kudingeka aqhube isifundo seBhayibheli umyeni wakhe ekhona, uyoqaphela igunya lakhe ngokuba athwale ekhanda. Uyothwala ekhanda kungakhathaliseki ukuthi umyeni wakhe ubhapathiziwe noma cha, ngoba uyena oyinhloko yomkhaya. * Uma kudingeka athandaze noma afundise kukhona indodana yakhe encane ebhapathiziwe, nalapho futhi uyothwala ekhanda, hhayi ngoba iyinhloko yomkhaya, kodwa ngenxa yegunya elinikezwe bonke abesilisa ababhapathiziwe ebandleni lobuKristu.
othandaza noma aprofethe inhloko yakhe ingamboziwe uhlazisa inhloko yakhe.’ (Lapho uPawulu ekhuluma ngesimo sasebandleni, wathi: “Uma noma ubani ebonakala sengathi uyaphikisa ngenxa yenye inkambiso, asinayo enye, namabandla kaNkulunkulu awanayo.” (Ivesi 16) Ebandleni lobuKristu, ubunhloko bunikezwa abesilisa ababhapathiziwe. (1 Thimothewu 2:11-14; Hebheru 13:17) Abesilisa kuphela abamiswa njengabadala nezinceku ezikhonzayo nabanikwe uNkulunkulu umthwalo wemfanelo wokunakekela umhlambi wakhe. (IzEnzo 20:28) Nokho, ngezikhathi ezithile izimo zingase zidinge ukuba owesifazane ongumKristu acelwe ukuba asingathe umsebenzi ngokuvamile osingathwa owesilisa ofanelekayo obhapathiziwe. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke aqhube umhlangano wenkonzo yasensimini ngoba engekho owesilisa obhapathiziwe ofanelekayo. Noma angase aqhube isifundo seBhayibheli sasekhaya esihlelwe kusengaphambili kukhona owesilisa obhapathiziwe. Ngenxa yokuthi imisebenzi enjalo ibiyosingathwa abazalwane ebandleni lobuKristu, uyothwala ekhanda ukuze abonise ukuthi uyaqaphela ukuthi wenza umsebenzi ngokuvamile owabelwa umuntu wesilisa.
Ngakolunye uhlangothi, izici eziningi zokukhulekela azidingi * Uma engaqiniseki nangemva kwalokho futhi unembeza wakhe umshukumisela ukuba enze kanjalo, uyobe akoni uma ethwala ekhanda njengoba kuboniswe esithombeni.
ukuba udade athwale ekhanda. Ngokwesibonelo, akudingeki athwale ekhanda lapho ephendula emihlanganweni yobuKristu, lapho esenkonzweni yendlu ngendlu nomyeni wakhe noma nomunye umuntu wesilisa obhapathiziwe, noma lapho etadisha noma ethandaza nabantwana bakhe abangabhapathiziwe. Yebo, kungase kuphakame eminye imibuzo, futhi uma udade engaqiniseki ngokuthile, angase enze ukucwaninga okwengeziwe.Izisusa. Evesini 10, sithola izizathu ezimbili ezenza owesifazane ongumKristu afise ukulalela lo myalo: “Owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya ekhanda lakhe ngenxa yezingelosi.” Okokuqala, phawula amazwi athi, “nophawu lwegunya.” Ukuthwala ekhanda kuyindlela owesifazane abonisa ngayo ukuthi uyaliqaphela igunya uJehova alinike abesilisa ababhapathiziwe ebandleni. Ngaleyo ndlela, ubonisa uthando nokwethembeka kwakhe kuJehova uNkulunkulu. Isizathu sesibili sitholakala emazwini athi, “ngenxa yezingelosi.” Ukuthwala ekhanda kowesifazane kuzithinta kanjani lezo zidalwa zomoya ezinamandla?
Izingelosi zinesithakazelo ekuboneni ukuthi igunya laphezulu liyaqashelwa kuyo yonke inhlangano kaJehova, ezulwini nasemhlabeni. Ziyazuza nasezibonelweni zabantu abangaphelele kule ndaba. Phela nazo kufanele zizithobe elungiselelweni likaJehova—okuwuvivinyo olwazehlula eziningi endulo. (Jude 6) Manje, izingelosi zingase zibone owesifazane ongumKristu ovuthiwe, onolwazi olwengeziwe nohlakaniphe kakhulu kunowesilisa obhapathiziwe ebandleni; okuthi noma kunjalo, azithobe kalula egunyeni lakhe. Kwezinye izimo, lo wesifazane usuke engumKristu ogcotshiwe okuyothi kamuva abe indlalifa kanye noKristu. Owesifazane onjalo ekugcineni uyokhonza esikhundleni esiphakeme ngisho nakakhulu kunesezingelosi futhi abuse noKristu ezulwini. Yeka isibonelo esihle okufanele sibonwe izingelosi manje! Ngempela, yeka ilungelo bonke odadewethu abanalo lokubonisa ukulalela ngokuthobeka ngenkambo yabo yokwethembeka neyokuzithoba phambi kwezigidi zezingelosi ezithembekile!
^ isig. 3 Ngokuvamile owesifazane ongumKristu ngeke athandaze ngokuzwakalayo lapho kukhona umyeni wakhe okholwayo ngaphandle kwalapho kunezimo ezingavamile, njengalapho umyeni wakhe engakwazi ukukhuluma ngenxa yokugula.
^ isig. 2 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza ubheke INqabayokulinda ka-July 15, 2002, amakhasi 26 neka-August 15, 1977, amakhasi 370-3 (February 15, 1977, amakhasi 125-8).