Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi


Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Kulezi Zifundo ZeBhayibheli

Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Kulezi Zifundo ZeBhayibheli

Qale ufunde le ncazelo efushanisiwe, bese udlala IVIDIYO.

INGXENYE YOKUQALA

Ukuze ulungiselele isifundo ngasinye, funda ingxenye yokuqala. Imibuzo ebhalwe ngokugqamile (A) nemiBhalo (B) igcizelela amaphuzu ayinhloko. Eminye imiBhalo ibhalwe ngokuqondile ukuthi kumelwe ifundwe.

INGXENYE EPHAKATHI NENDAWO

Umusho wokuqala (C) engxenyeni ethi Funda Okwengeziwe uchaza ukuthi yini ezofundwa. Izihlokwana (D) zethula amaphuzu abalulekile. Wena nothisha wakho, fundani imiBhalo, niphendule imibuzo bese nibukela amavidiyo.

Amabhokisi athi IVIDIYO akuyisa lapho uzothola khona ividiyo ezokufundisa okwengeziwe. Amanye amavidiyo ayizindaba ezenzeke ngokoqobo. Kwamanye kulingiswa izimo ezithile ezingenzeka ekuphileni kodwa akuzona izinto ezenzeke ngokoqobo.

Bukisisa izithombe namagama ahambisana nazo (E), bese uyacabanga ukuthi ungaphendula kanjani engxenyeni ethi Abanye Abantu Bathi (F).

INGXENYE YOKUGCINA

Isifundo siphetha ngengxenye ethi Ukubuyekeza nethi Ufundeni? (G) Bhala usuku okuqedwe ngalo isifundo. Isihlokwana esithi Umgomo (H) sikunika ongakwenza ukuze uqhubeke ufunda noma usebenzisa okufundile. Esihlokwaneni esithi Hlola Okwengeziwe (I) kunezinto ezengeziwe ongazifunda noma uzibukele.

Indlela yokuthola amavesi eBhayibhelini

IBhayibheli linezincwadi ezincane ezingu-66. Lihlukaniswe laba izingxenye ezimbili: imiBhalo YesiHebheru Nesi-Aramu (“iTestamente Elidala”) nemiBhalo YamaKristu YesiGreki (“iTestamente Elisha”).

Uma kunomBhalo okhonjiwe kulezi zifundo, kubhalwa incwadi yeBhayibheli (A), kulandele isahluko (B), nevesi noma amavesi (C).

Ngokwesibonelo, uJohane 17:3 ubhekisela encwadini kaJohane, isahluko 17, ivesi 3.