Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 12

Yini Ezokusiza Uqhubeke Ufunda IBhayibheli?

Yini Ezokusiza Uqhubeke Ufunda IBhayibheli?

Ukutadisha iBhayibheli kufana nokuthatha uhambo olubalulekile. Kodwa lungase lungabi lula ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi ungase uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukuqhubeka ufunda iBhayibheli. Kungani kufanele uqhubeke uzama ukufunda naphezu kwezinkinga? Yini engakusiza?

1. Kungani ukutadisha iBhayibheli kubalulekile?

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” (Hebheru 4:12) IBhayibheli liyigugu ngoba liveza imicabango kaNkulunkulu nemizwa yakhe ngawe. Aligcini ngokukunika ulwazi kodwa likunika nokuhlakanipha kwangempela nethemba. Okubaluleke nakakhulu, iBhayibheli liyakusiza ube umngane kaJehova. Lapho utadisha iBhayibheli, uvumela amandla alo enze ukuphila kwakho kube ngcono.

2. Kungani kubalulekile ukuqaphela ukuthi iqiniso eliseBhayibhelini liyigugu?

Amaqiniso aseBhayibhelini afana nengcebo eyigugu. Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sithenge iqiniso singalokothi silithengise.’ (IzAga 23:23) Lapho sikhumbula ukuthi iqiniso eliseBhayibhelini libalulekile, siyosebenza kanzima ukuze siqhubeke sifunda​—ngisho noma sibhekene nobunzima.​—Funda izAga 2:4, 5.

3. UJehova angakusiza kanjani wena ukuba uqhubeke ufunda?

Njengoba enguMdali onamandla noMngane wakho, uJehova ufuna ukukusiza ufunde ngaye. Angakunika “isifiso sokwenza namandla okwenza.” (Funda eyabaseFilipi 2:13.) Ngakho angakusiza nalapho udinga amandla engeziwe okuqhubeka ufunda noma okusebenzisa lokho okufundayo. Uma udinga amandla engeziwe okunqoba izinkinga noma ukuphikiswa, angakunika lawo mandla. Thandaza njalo kuJehova umcele akusize uqhubeke ufunda iBhayibheli.​—1 Thesalonika 5:17.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungaqhubeka kanjani ufunda iBhayibheli naphezu kokuba matasa noma kokuphikiswa abanye. Yibe usufunda ukuthi uJehova angakusiza kanjani.

4. Yenza isifundo sakho seBhayibheli size kuqala

Ngezinye izikhathi siba matasa kakhulu kuze kubonakale sengathi asinaso isikhathi sokufunda iBhayibheli. Yini engasiza? Fundani eyabaseFilipi 1:10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi yiziphi ezinye ‘zezinto ezibaluleke kakhulu’ ekuphileni?

  • Yini ongayenza ukuze isifundo sakho seBhayibheli size kuqala ekuphileni kwakho?

  1. Uma ugcwalisa ibhakede ngesihlabathi bese uzama ukufaka amatshe, amatshe ngeke anele

  2. Uma ufaka amatshe kuqala, sizoba khona isikhala sesihlabathi esiningi. Ngokufanayo, uma ‘izinto ezibaluleke kakhulu’ ekuphileni kwakho ziza kuqala, uzokwazi ukuzenza uphinde usale nesikhathi sokwenza ezinye izinto

Ukufunda iBhayibheli kwanelisa isidingo sethu sokwazi nokukhonza uNkulunkulu. Fundani uMathewu 5:3, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Sizuza kanjani uma isifundo sethu seBhayibheli siza kuqala ekuphileni kwethu?

5. Bekezela lapho uphikiswa

Ngezinye izikhathi abanye bangase bazame ukukuyekisa ukufunda iBhayibheli. Phawula lokho okwenzeka kuFrancesco. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, abangane bakaFrancesco nomndeni wakubo bathini lapho ebatshela izinto azifundayo?

  • Ukungayeki kwakhe kwaba namiphi imiphumela emihle?

Fundani eyesi-2 Thimothewu 2:24, 25, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Umndeni nabangane bakho bazizwa kanjani ngalokho okufundayo?

  • La mavesi athi kufanele wenzenjani lapho abanye bengathandi ukuba uqhubeke ufunda iBhayibheli? Kungani kufanele wenze kanjalo?

6. Ncika kuJehova ukuze akusize

Njengoba sisondela kuJehova, isifiso sethu sokumjabulisa siyakhula. Noma kunjalo, kungase kube nzima ukushintsha into ethile ekuphileni kwethu ukuze siphile ngendlela efunwa uJehova. Uma kwenzeka uzizwa ngaleyo ndlela, ungayeki. UJehova uzokusiza. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, yiziphi izinguquko uJim azenza ukuze ajabulise uJehova?

  • Yini ekuthinta inhliziyo ngesibonelo sakhe?

Fundani eyamaHebheru 11:6, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJehova uzobenzelani labo “abamfuna ngobuqotho”​—okuyilabo abazama ngawo wonke amandla ukuba bamazi futhi bamjabulise?

  • Lokhu kukutshela ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho ebona imizamo yakho yokufunda iBhayibheli?

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kungani ufunda iBhayibheli?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

Nakuba kungeke kube lula ngaso sonke isikhathi, ukutadisha iBhayibheli kuzokusiza uphile phakade. Qhubeka uthembela kuJehova, uzokunikeza umvuzo.

Ufundeni?

  • Kungani amaqiniso eBhayibheli eyigugu kuwe?

  • ‘Ungaqiniseka’ kanjani “ngezinto ezibaluleke kakhulu”?

  • Kungani kufanele ucele uJehova akusize uqhubeke ufunda iBhayibheli?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda izindlela ezine eziye zasiza abantu abaningi ukuba basisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sabo.

“Indlela Yokusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha” (Phaphama!, Febhuwari 2014)

Thola ukuthi uJehova wamsiza kanjani owesifazane owayenomyeni owayengaqondi ukuthi kungani kufanele ajabulise uNkulunkulu.

UJehova Uyasiqinisa Ukuze Sithwale Imithwalo Yethu (5:05)

Funda ukuthi indoda ethile yazuza kanjani ngokubekezela komkayo.

Ngafaka Iqiniso Enkantolo (6:30)

Ngezinye izikhathi oFakazi BakaJehova kuthiwa bahlukanisa imindeni. Ingabe yiqiniso lelo?

“Ingabe OFakazi BakaJehova Bayayibhidliza Imindeni Noma Bayayiqinisa?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)