Okufunde Engxenyeni 1
Xoxa ngale mibuzo elandelayo nothisha wakho:
Yini oyithandayo ngezithembiso zeBhayibheli zekusasa?
(Bheka iSifundo 02.)
Kungani ukholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?
(Bheka iSifundo 03 no-05.)
Kungani kubalulekile ukusebenzisa igama likaJehova?
(Bheka iSifundo 04.)
IBhayibheli lithi uNkulunkulu “ungumthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) Ingabe uyakukholelwa lokho?
(Bheka iSifundo 06.)
Fundani izAga 3:32.
Kungani uJehova enguMngane ongcono kunabo bonke ongaba nabo?
Yini uJehova ayilindele kubangane bakhe? Ucabanga ukuthi kuyinto enhle leyo?
(Bheka iSifundo 07 no-08.)
Fundani iHubo 62:8.
Yiziphi ezinye zezinto oke wazithandazela kuJehova? Yikuphi okunye ongakuthandazela?
UJehova uyiphendula kanjani imithandazo?
(Bheka iSifundo 09.)
Fundani eyamaHebheru 10:24, 25.
Ingakuzuzisa kanjani imihlangano yoFakazi BakaJehova?
Ucabanga ukuthi kufanele wenze imizamo yokuya kule mihlangano?
(Bheka iSifundo 10.)
Kungani kukuhle ukufunda iBhayibheli njalo? Ulifunda nini wena iBhayibheli?
(Bheka iSifundo 11.)
Yini oyithande kakhulu ngesifundo sakho seBhayibheli kuze kube manje?
Selokhu uqale ukufunda iBhayibheli, yiziphi izinkinga obhekane nazo, uma zikhona? Yini engakusiza ukuba ungayeki ukufunda?
(Bheka iSifundo 12.)