Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 22

Ungabaxoxela Kanjani Abanye Izindaba Ezinhle?

Ungabaxoxela Kanjani Abanye Izindaba Ezinhle?

Njengoba ufunda amaqiniso aseBhayibhelini, ungase ucabange, ‘Bonke abantu kufanele bakwazi lokhu!’ Uqinisile, bonke abantu kuyadingeka bakwazi lokhu! Nokho, ungazizwa wesaba ukuxoxela abanye izinto ozifundile. Ake sifunde ngokuthi ungakunqoba kanjani lokho kwesaba bese uqala ukubaxoxela ngenjabulo abanye izindaba ezinhle eziseBhayibhelini.

1. Ungabaxoxela kanjani abantu obaziyo lokho osukufundile?

Abafundi bakaJesu bathi: “Ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” (IzEnzo 4:20) Iqiniso babelithanda kakhulu kangangokuba babefuna ukulixoxela bonke abantu. Ingabe nawe uzizwa njengabo? Uma kunjalo, bheka amathuba ongabaxoxela ngawo ngenhlonipho abasekhaya nabangane bakho lokho osukufundile.​—Funda eyabaseKolose 4:6.

Izinto ongazenza ukuze uqale

  • Lapho uxoxa nabomndeni wakho, qala ingxoxo yeBhayibheli ngokuthi: “Kuleli sonto ngifunde into ebengingayazi.”

  • Fundela umngane wakho ogulayo noma okhathazekile umBhalo ozomkhuthaza.

  • Uma abantu osebenza nabo bebuza ukuthi lihamba kanjani iviki, ungabaxoxela ngalokho okufundile esifundweni sakho seBhayibheli noma emhlanganweni webandla.

  • Tshengisa abangane bakho iwebusayithi ethi jw.org.

  • Mema abanye ukuba babe khona esifundweni sakho seBhayibheli, noma ubatshengise ukuthi sicelwa kanjani kuyiwebusayithi ethi jw.org.

2. Kungani ukushumayela nebandla kuwumgomo omuhle?

Abafundi bakaJesu abagcinanga nje ngokuxoxela abantu ababebazi kuphela izindaba ezinhle. UJesu ‘wabathuma ngababili ngaphambi kwakhe, kuwo wonke amadolobha’ ukuze bayoshumayela. (Luka 10:1) Lowo msebenzi wokushumayela owawuhlelwe kahle wanikeza abantu abaningi kakhulu ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. Ngaphezu kwalokho, ukushumayela ndawonye kwabajabulisa kakhulu abafundi. (Luka 10:17) Ucabanga ukuthi nawe ungazibekela umgomo wokushumayela nebandla?

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda indlela onganqoba ngayo ukwesaba futhi uthole injabulo ebangelwa ukuxoxela abanye izindaba ezinhle.

3. UJehova uzoba nawe

Abanye abafuna ukushumayela bangase besabe ukuthi abantu bazocabangani ngabo noma besabe ukuthi bazobaphatha kanjani.

  • Ingabe uyesaba ukuxoxela abanye lokho osukufundile? Kungani uzizwa kanjalo?

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Lezi zingane ezingoFakazi zakunqoba kanjani ukwesaba?

Fundani u-Isaya 41:10, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Lapho uzizwa wesaba ukushumayela, umthandazo uzokusiza kanjani?

Ingabe bewazi?

OFakazi BakaJehova abaningi bake bacabanga ukuthi abasoze bakwazi ukuxoxela abanye izindaba ezinhle. Ngokwesibonelo, uSergey wayezenyeza futhi ekuthola kunzima ukukhuluma nabantu. Wabe esetadisha iBhayibheli. Wathi: “Naphezu kovalo, ngaqala ukuxoxela abanye ngalokho engangikufunda. Kwangimangaza ukuthi ukuxoxela abanye ngeBhayibheli empeleni kwakungisiza ngibe nesibindi futhi ngizethembe. Kwangisiza nokuba ngizigxilise enhliziyweni izinkolelo zami ezintsha.”

4. Bahloniphe abanye

Lapho uxoxela abanye izindaba ezinhle, ungacabangi kuphela ngalokho ozokusho kodwa cabanga nangokuthi uzokusho kanjani. Fundani eyesi-2 Thimothewu 2:24 neyoku-1 Petru 3:15, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ungakusebenzisa kanjani okushiwo yila mavesi lapho uxoxa nabanye ngeBhayibheli?

  • Amanye amalungu omndeni noma abangane bakho bangase bangavumelani nawe. Yini ongayenza? Yini okungafanele uyenze?

  • Kungani kungase kube kuhle ukubuza abantu imibuzo ngendlela enomusa kunokuba ubaphoqe ukuba bakholelwe yilokho okushoyo?

5. Ukuxoxela abanye izindaba ezinhle kuyajabulisa

UJehova wanikeza uJesu umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. UJesu wayewubheka kanjani lowo msebenzi? Fundani uJohane 4:34, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ukudla ukudla okunomsoco kusenza sibe nempilo enhle futhi sijabule. Kungani uJesu athi ukwenza intando kaNkulunkulu​—okuhlanganisa nokushumayela—​kufana nokudla ukudla?

  • Ucabanga ukuthi kungani kungakujabulisa ukuxoxela abanye izindaba ezinhle?

Amacebiso

  • Emhlanganweni waphakathi nesonto, lalela ukuthi yiziphi izindlela ongaqala ngazo izingxoxo.

  • Xoxa nothisha wakho ngokuthi yini ongayenza ukuze unikeze izinkulumo emhlanganweni waphakathi nesonto. Lezi zinkulumo zingakusiza ukulungele ngokwengeziwe ukuxoxela abanye lokho okufundayo.

  • Kulezi zifundo kunengxenye ethi “Abanye Abantu Bathi” nethi “Omunye Angase Akubuze.” Yisebenzise ukuze uprakthize ukuthi ungayiphendula kanjani imibuzo evame ukubuzwa, nokuthi ungaphendula kanjani lapho uphikiswa.

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kwenzekani ekuphileni kwakho manje?”

  • Ungalisebenzisa kanjani lelo thuba ukuze uxoxele lowo muntu izinto osuzifundile esifundweni sakho seBhayibheli?

UKUBUYEKEZA

Ukuxoxela abanye izindaba ezinhle kuyajabulisa futhi kungase kube lula kunalokho ongase ukucabange.

Ufundeni?

  • Kungani kufanele uxoxele abanye izindaba ezinhle?

  • Ungakwenza kanjani ngenhlonipho?

  • Ungakunqoba kanjani ukwesaba okungenzeka unakho ngokushumayela?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Cabanga ngezindlela ezine ongaxoxela ngazo abanye izindaba ezinhle usebenzisa ikhadi lemininingwane ye-jw.org/zu.

Intshumayelo Esikiselwe Yekhadi Lemininingwane Ye-jw.org (1:43)

Funda ngezimfanelo ezine ezingakusiza ukwazi ukuxoxela abanye izindaba ezinhle.

“Ingabe Ukulungele Ukuba Umdobi Wabantu?” (INqabayokulinda, Septhemba 2020)

Bukela ukuthi isibonelo esiseBhayibhelini singasinikeza kanjani isibindi sokuxoxela abanye izindaba ezinhle ngisho noma sibancane.

UJehova Uzokusiza Ube Nesibindi (11:59)

Funda ukuthi ungawaxoxela kanjani ngeBhayibheli amalungu omndeni angakafundi ngoJehova.

“Ukufinyelela Izinhliziyo Zezihlobo Ezingebona OFakazi” (INqabayokulinda, Mashi 15, 2014)