Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 44

Ingabe Yonke Imicimbi Egujwayo Iyamjabulisa UNkulunkulu?

Ingabe Yonke Imicimbi Egujwayo Iyamjabulisa UNkulunkulu?

UJehova ufuna sikujabulele ukuphila, size senze nemicimbi ngezinye izikhathi. Kodwa ingabe yonke imicimbi namaholide agujwayo kuyamjabulisa? Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uJehova uma kuziwa kule ndaba?

1. Kungani imicimbi eminingi egujwayo ingamjabulisi uJehova?

Kungase kukumangaze ukwazi ukuthi imicimbi eminingi egujwayo ayisekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli noma yaqalwa abantu abangamkhonzi uNkulunkulu. Imicimbi enjalo kungenzeka ukuthi ihlobene nenkolo yamanga. Kungenzeka nokuthi ihlobene nokusebenzelana nemimoya noma isekelwe embonweni wokuthi umphefumulo awufi. Eminye imicimbi isuka ezinkolelweni eziyize noma ekukholelweni enhlanhleni. (Isaya 65:11) UJehova uxwayisa izikhonzi zakhe: ‘Zihlukaniseni, niyeke ukuthinta into engcolile.’​—2 Korinte 6:17. a

2. UJehova uzizwa kanjani ngemicimbi egujwayo enikeza abantu udumo olungabafanele?

UJehova usixwayisa ngokuthi ‘singathembeli kubantu.’ (Funda uJeremiya 17:5.) Amanye amaholide adumisa ababusi noma amasosha. Ngamanye amaholide kugujwa inkululeko noma kuhlonishwe izimpawu zesizwe. (1 Johane 5:21) Kanti ngamanye kuhlonishwa izinhlangano zepolitiki nezenhlalo. UJehova angazizwa kanjani uma sinika umuntu udumo olungamfanele noma inhlangano ethile, ikakhulukazi uma lowo muntu noma leyo nhlangano ikhuthaza imibono ephambene nenjongo yaKhe?

3. Yikuphi ukuziphatha okungenza imicimbi ethile ingamukeleki?

IBhayibheli liyakwenqabela ‘ukuphuza ngokweqile, imicimbi exokozelayo nemicimbi yokuzitika ngotshwala.’ (1 Petru 4:3) Kweminye imicimbi abantu bayehluleka ukuzithiba futhi baziphatha kabi. Ukuze siqhubeke singabangane bakaJehova, kudingeka singasondeli kubantu abaziphatha ngaleyo ndlela engahlanzekile.

FUNDA OKWENGEZIWE

Thola ukuthi ungamjabulisa kanjani uJehova ngokwenza izinqumo ezihlakaniphile mayelana namaholide nemicimbi egujwayo.

4. Gwema imicimbi engamdumisi uJehova

Fundani eyabase-Efesu 5:10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini okudingeka siqiniseke ngayo lapho sinquma ukuthi siligubhe yini iholide elithile noma cha?

  • Yimaphi amaholide adumile lapho uhlala khona?

  • Ucabanga ukuthi lawo maholide ayamjabulisa uJehova?

Ngokwesibonelo, wake wazibuza ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngokugubha izinsuku zokuzalwa? IBhayibheli alisho nhlobo ukuthi kunesikhonzi sikaJehova esagubha usuku lokuzalwa, kodwa liyakhuluma ngabantu ababili abangamkhonzi uJehova abagubha izinsuku zokuzalwa. Fundani uGenesise 40:20-22 noMathewu 14:6-10. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:

  • Yini efana ngayo le micimbi emibili yezinsuku zokuzalwa?

  • Ngokwala mavesi eBhayibheli, ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngokugubha izinsuku zokuzalwa?

Noma kunjalo, ungase uzibuze, ‘Ingabe uJehova unendaba ngempela nokuthi ngiyalugubha usuku lokuzalwa noma omunye umcimbi ongasekelwe eBhayibhelini?’ Fundani u-Eksodusi 32:1-8. Ngemva kwalokho dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kungani kudingeka siqiniseke ngokuthi yini eyamukelekayo kuJehova?

  • Singakwenza kanjani lokho?

Indlela esingazi ngayo ukuthi umcimbi othile awumjabulisi uNkulunkulu

  • Ingabe usekelwe ezimfundisweni ezingekho eBhayibhelini? Ukuze uthole impendulo, hlola umsuka wawo.

  • Ingabe unikeza abantu, izinhlangano noma izimpawu zesizwe udumo olungafanele? Thina sinikeza uJehova udumo ngaphezu kwakho konke okunye, sethembe yena ukuthi uzoxazulula izinkinga ezisemhlabeni.

  • Ingabe amasiko nemikhuba eyenziwa kulowo mcimbi kuyangqubuzana nemithetho yeBhayibheli? Kudingeka sigcine ukuziphatha kwethu kuhlanzekile.

5. Siza abanye bahloniphe izinkolelo zakho

Kungase kube nzima ukwenqaba lapho abanye bekucindezela ukuba uye emicimbini engamjabulisi uJehova. Bachazele ngesineke nangomusa ukuthi kungani ungayi. Ukuze ubone ukuthi ungakwenza kanjani lokhu, dlalani IVIDIYO.

Fundani uMathewu 7:12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ngokwaleli vesi, kufanele yini utshele amalungu omndeni wakho angakholwa ukuthi angaligubhi iholide elithile?

  • Yini ongase uyenze ukuze uqinisekise umndeni wakho ukuthi nakuba ungeke ube khona lapho begubha umcimbi othile, uyabathanda kakhulu?

6. UJehova ufuna sijabule

UJehova ufuna sibe nezikhathi ezimnandi nemindeni nabangane bethu. Fundani umShumayeli 8:15, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Leli vesi likuveza kanjani ukuthi uJehova ufuna sijabule?

UJehova ufuna abantu bakhe bathokoze futhi babe nezikhathi ezimnandi bendawonye. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone ukuthi lokhu kwenzeka kanjani emihlanganweni yethu yezizwe.

Fundani eyabaseGalathiya 6:10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe kudingeka size sigubhe amaholide athandwayo ukuze senze “okuhle” kwabanye?

  • Ikuphi okungakujabulisa kakhulu​—ukupha ngoba uzizwa uphoqelekile ngenxa yeholide elithile noma ukupha ngoba uthanda?

  • Ngezinye izikhathi oFakazi abaningi bahlela izinto ezinhle abazenzela izingane zabo, baze baziphe nezipho. Uma unezingane, yiziphi izinto ezinhle ongazenzela zona?

ABANYE ABANTU BATHI: “Akunandaba ukuthi laqala kanjani iholide, okubalulekile nje ukuba nesikhathi esimnandi nomndeni nabangane.”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

UJehova ufuna sibe nesikhathi esimandi nemindeni nabangane bethu. Kodwa ufuna siyigweme nemicimbi engamjabulisi.

Ufundeni?

  • Imiphi imibuzo esingazibuza yona ukuze sithole ukuthi umcimbi ogujwayo uyamjabulisa yini uJehova?

  • Singayisiza kanjani imindeni yethu nabangane baqonde izinqumo zethu mayelana namaholide?

  • Wazi kanjani ukuthi uJehova ufuna sijabule futhi sibe nezikhathi ezimnandi?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ngezizathu ezine ezisenza sikholelwe ukuthi ukugubha izinsuku zokuzalwa akumjabulisi uNkulunkulu.

“Kungani OFakazi BakaJehova Bengazigubhi Izinsuku Zokuzalwa?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Bukela ukuthi izingane ezithanda uJehova zingamjabulisa kanjani ngezikhathi zamaholidi.

Uyigugu KuJehova (11:35)

Izigidi zamaKristu zikhethe ukungawugubhi uKhisimusi. Ucabangani ngesinqumo sawo?

“Báthola Okungcono KunoKhisimusi” (INqabayokulinda, Disemba 1, 2012)

a Bheka uMbhalo Osekugcineni 5 ukuze ufunde ukuthi ungenzenjani lapho abanye begubha iholide elithile.