Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 9

“UKristu Ungamandla KaNkulunkulu”

“UKristu Ungamandla KaNkulunkulu”

1-3. (a) Abafundi behlelwa yini oLwandle LwaseGalile, futhi yini uJesu ayenza? (b) Kungani kwakufaneleka ukuba umphostoli uPawulu athi “uKristu ungamandla kaNkulunkulu”?

 ABAFUNDI babethukile. Babehamba ngesikebhe bewela uLwandle LwaseGalile ngesikhathi bezunywa isiphepho. Akungatshazwa ukuthi babeke bazibona iziphepho kuleli chibi​—angithi amanye kula madoda ayengabadobi abanesipiliyoni. a (Mathewu 4:18, 19) Kodwa lesi ‘kwakuyisiphepho esikhulu esinamandla,’ futhi ngokushesha nje saphendula ulwandle lwaba nolaka. La madoda asebenza kanzima ezama ukuqondisa isikebhe, kodwa isiphepho sawahlula. Amagagasi agubhayo “ayelokhu ejikijeleka esikebheni,” saqala ukugcwala amanzi. Naphezu kwalesi sidumo, uJesu wayelele zwi ngemuva, ekhathele ngemva kosuku lonke efundisa izixuku. Abafundi babesaba ukufa, bamvusa, bamncenga: “Nkosi, sisindise, siyafa!”​—Marku 4:35-38; Mathewu 8:23-25.

2 UJesu wayengesabi. Wathulisa umoya nolwandle ngokuqiniseka okukhulu, wathi: “Shh! Thula!” Khona manjalo umoya nolwandle kwalalela​—isiphepho sanqamuka, amagagasi athula, “kwaba nokuzola okukhulu.” Abafundi manje besaba ngendlela engavamile. “Ungubani ngempela lo muntu?” bevungama bodwa. Ngempela, uyinhloboni yomuntu lo othulisa umoya nolwandle njengokungathi uthethisa ingane ehluphayo?​—Marku 4:39-41; Mathewu 8:26, 27.

3 Kodwa uJesu wayengeyena umuntu ovamile. Amandla kaJehova abonakaliswa ngezindlela ezingavamile kuye nangaye. Umphostoli ophefumulelwe, uPawulu, washo kufanele ukuthi “uKristu ungamandla kaNkulunkulu.” (1 Korinte 1:24) Amandla kaNkulunkulu abonakaliswa ngaziphi izindlela kuJesu? Futhi indlela uJesu asebenzisa ngayo amandla ingakuthinta kanjani ukuphila kwethu?

Amandla ENdodana KaNkulunkulu Ezelwe Yodwa

4, 5. (a) Yimaphi amandla negunya uJehova awanika iNdodana yakhe ezelwe yodwa? (b) Le Ndodana yahlonyiswa kanjani ukuba ifeze izinjongo zikaYise zokudala?

4 Cabanga ngamandla uJesu ayenawo engakabi umuntu. UJehova wasebenzisa “amandla akhe aphakade” lapho edala iNdodana yakhe ezelwe yodwa, eyaziwa ngokuthi uJesu Kristu. (Roma 1:20; Kolose 1:15) Ngemva kwalokho, uJehova wanikeza le Ndodana amandla negunya elimangalisayo, wayabela ukuba ifeze izinjongo zaKhe zokudala. Ngokuqondene nayo, iBhayibheli lithi: ‘Zonke izinto zaba khona ngayo, ayikho neyodwa into eyaba khona ngaphandle kwayo.’​—Johane 1:3.

5 Ngeke sabuqonda kahle ubukhulu baleso sabelo. Cabanga ngamandla ayedingeka ukuze kudalwe izigidi zezingelosi ezinamandla, izulu elinemithala eyizinkulungwane zezigidi, nomhlaba onezinto eziphilayo eziningi ezihlukahlukene. Ukuze ifeze leyo misebenzi, le Ndodana ezelwe yodwa yayinelungelo lokusebenzisa amandla amakhulu kunawo wonke ezulwini nasemhlabeni​—umoya ongcwele kaNkulunkulu. Le Ndodana yakuthokozela kakhulu ukuba yiSisebenzi Esiyingcweti uJehova asisebenzisa lapho edala zonke ezinye izinto.​—IzAga 8:22-31.

6. Ngemva kokufa kukaJesu emhlabeni nokuvuswa kwakhe, yimaphi amandla negunya alinikezwa?

6 Le Ndodana ezelwe yodwa yayiyophinde iwathole yini amandla engeziwe negunya? Ngemva kokufa emhlabeni nokuvuswa kwakhe, uJesu wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Yebo, uJesu unikezwe ikhono negunya lokusebenzisa amandla ezulwini nasemhlabeni. ‘NjengeNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,’ ugunyazwe ukuba ‘abenze ize bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla’​—okubonakalayo nokungabonakali—​okuphikisana noYise. (IsAmbulo 19:16; 1 Korinte 15:24-26) UNkulunkulu “akashiyanga lutho lungekho ngaphansi” kukaJesu​—ngaphandle kukaJehova uqobo lwakhe.​—Hebheru 2:8; 1 Korinte 15:27.

7. Kungani singaqiniseka ukuthi uJesu akasoze awasebenzisa kabi amandla awanikwe uJehova?

7 Kuyadingeka yini sikhathazeke ngokuthi uJesu angase awasebenzise kabi amandla akhe? Akudingeki nakancane! UJesu umthanda ngempela uYise futhi akasoze enza lutho olungamcasula. (Johane 8:29; 14:31) UJesu wazi kahle ukuthi uJehova akalokothi awasebenzise kabi amandla akhe. UJesu uye wazibonela ngokwakhe ukuthi uJehova ucinga amathuba ‘okubonisa amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.’ (2 IziKronike 16:9) Ngempela uJesu usithanda njengoYise isintu, ngakho singaba nethemba lokuthi uyosebenzisa amandla akhe ngendlela enenzuzo ngaso sonke isikhathi. (Johane 13:1) UJesu uzakhele igama elihle kulokhu. Make sibheke amandla ayenawo ngesikhathi esemhlabeni, nokuthi kungani awasebenzisa ngaleyo ndlela.

‘Unamandla Ngezwi’

8. Ngemva kokugcotshwa kwakhe, uJesu wanikwa amandla okwenzani, futhi wawasebenzisa kanjani?

8 UJesu akenzanga zimangaliso ngesikhathi esengumfana esakhula eNazaretha. Kodwa kwashintsha lokho ngemva kokuba esebhapathiziwe ngo-29 C.E., eneminyaka cishe engu-30 ubudala. (Luka 3:21-23) IBhayibheli liyasitshela: ‘UNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele nangamandla, futhi walihamba lonke izwe enza okuhle, elapha bonke abacindezelwe uDeveli.’ (IzEnzo 10:38) Inkulumo ethi “enza okuhle”​—ayibonisi yini ukuthi uJesu wasebenzisa amandla akhe ngendlela efanele? Ngemva kokugcotshwa kwakhe, “waba umprofethi onamandla ngezenzo nangezwi.”​—Luka 24:19.

9-11. (a) UJesu wayefundiselaphi kakhulu, futhi iyiphi inselele abhekana nayo? (b) Kungani izixuku zakhexa ngendlela kaJesu yokufundisa?

9 Kungayiphi indlela uJesu ayenamandla ngezwi? Wayevame ukufundisa endaweni evulekile​—osebeni lwamachibi, emagqumeni, emigwaqweni nasezimakethe. (Marku 6:53-56; Luka 5:1-3; 13:26) Ababemlalele babengamane bazihambele nje ukube amazwi akhe ayengabathakazelisi. Enkathini yangaphambi kwezincwadi ezinyathelisiwe, izilaleli ezinokwazisa kwakumele ziwagcine engqondweni nasenhliziyweni amazwi akhe. Ngakho imfundiso kaJesu kwakudingeka izibambe ngempela izilaleli, iqondakale kalula, futhi kube lula ukuyikhumbula. Kodwa uJesu wayengenankinga yokubhekana naleyo nselele. Ngokwesibonelo, cabanga ngeNtshumayelo YaseNtabeni.

10 Ngelinye ilanga ekuseni ngo-31 C.E., kwaqoqana isixuku egqumeni eliseduze noLwandle LwaseGalile. Abanye babevela eJudiya naseJerusalema, indawo eqhele ngamakhilomitha angu-100 kuya kwangu-110. Abanye babevela ogwini olusenyakatho endaweni yaseThire naseSidoni. Abantu abaningi abagulayo basondela kuJesu ukuze bamthinte, wabelapha bonke. Kwathi bangaphela bonke abagulayo phakathi kwabo, kwaba yima eqala ukubafundisa. (Luka 6:17-19) Lapho eseqedile ukukhuluma, bamangala ngenxa yababekuzwile. Kungani?

11 Eminyakeni eminingi kamuva, umuntu owayezizwele leyo ntshumayelo wabhala: “Izixuku zakhexa ngenxa yendlela ayefundisa ngayo, ngoba wayezifundisa njengomuntu onegunya.” (Mathewu 7:28, 29) Babewezwa amandla uJesu ayekhuluma ngawo. Wayekhulumela uNkulunkulu, esekela imfundiso yakhe ngegunya leZwi likaNkulunkulu. (Johane 7:16) Amazwi kaJesu ayecacile, isikhuthazo sakhe sabenza bathatha isinyathelo, amaphuzu akhe engenakuphikiswa. Amazwi akhe ayengena emnyombweni wendaba nasezinhliziyweni zezilaleli zakhe. Wazifundisa indlela yokuthola injabulo, indlela yokuthandaza, indlela yokufuna uMbuso kaNkulunkulu, nendlela yokwakha ikusasa elilondekile. (Mathewu 5:3–7:27) Amazwi akhe aqabula izinhliziyo zababelambele iqiniso nokulunga. Labo bantu babezimisele ‘ukuzidela’ bashiye yonke into ukuze bamlandele. (Mathewu 16:24; Luka 5:10, 11) Yeka ubufakazi bokuthi amazwi kaJesu ayenamandla!

‘Unamandla Ngezenzo’

12, 13. Kungamuphi umqondo uJesu ‘ayenamandla ngezenzo,’ futhi yiziphi izinhlobo zezimangaliso azenza?

12 UJesu ‘wayenamandla nangezenzo.’ (Luka 24:19) AmaVangeli abika izimangaliso ezingaphezu kuka-30 azenza​—zonke azenza ‘ngamandla ayewanikwe uJehova.’ b (Luka 5:17) Izimangaliso zikaJesu zathinta ukuphila kwezinkulungwane zabantu. Cabanga ngezimangaliso ezimbili nje​—ukunikeza amadoda angu-5 000 ukudla, kamuva angu-4 000. Uma kuhlanganiswa abesifazane nezingane, cishe kwakunezinye izinkulungwane ezengeziwe!​—Mathewu 14:13-21; 15:32-38.

13 Izimangaliso zikaJesu zazihlukahlukene kakhulu. Wayenegunya phezu kwamademoni, ewaxosha kalula. (Luka 9:37-43) Wayenamandla phezu kwezinto zemvelo, waphendula amanzi aba iwayini. (Johane 2:1-11) Cabanga ukuthi bamangala kanjani abafundi bakhe lapho ‘bebona uJesu ehamba phezu kolwandle.’ (Johane 6:18, 19) Wazehlula izifo, welapha izitho ezigulayo, ukugula okungamahlalakhona, nezifo ezisongela ukuphila. (Marku 3:1-5; Johane 4:46-54) Welapha ngezindlela ezihlukahlukene. Abanye belashwa bekude, kanti abanye wayebathinta yena ngokwakhe uJesu. (Mathewu 8:2, 3, 5-13) Abanye belapheka ngaso leso sikhathi, kanti abanye belapheka kancane kancane.​—Marku 8:22-25; Luka 8:43, 44.

“Babona uJesu ehamba phezu kolwandle”

14. UJesu wakubonisa ngaphansi kwaziphi izimo ukuthi unawo amandla okuqeda ukufa?

14 Okuvelele ukuthi uJesu wayenamandla okuqeda ukufa. Wavusa abashonile izikhathi ezintathu ezilotshiwe, wabuyisela indodakazi eneminyaka engu-12 kubazali bayo, ingane okuwukuphela kwayo kunina ongumfelokazi, nowesilisa othandekayo kodadewabo. (Luka 7:11-15; 8:49-56; Johane 11:38-44) Asikho isimo esabonakala singaphezu kwamandla. Intombazane eneminyaka engu-12 wayivusa embhedeni lapho iqeda kushona. Wavusa indodana yomfelokazi isohlakeni lwesidumbu, cishe ngosuku eyashona ngalo. Wavusa noLazaru ethuneni sekuphele izinsuku ezine eshonile.

Ukusebenzisa Amandla Ngendlela Engenabugovu, Enokuqonda, Necabangelayo

15, 16. Yibuphi ubufakazi bokuthi uJesu wayesebenzisa amandla akhe ngendlela engenabugovu?

15 Ukube amandla kaJesu ayenikezwe umbusi ongaphelele, ungacabanga ukuthi wayengawasebenzisa kabi kanjani? Kodwa uJesu wayengenasono. (1 Petru 2:22) Wenqaba ukoniwa ubugovu, isifiso sokuvelela, nokuhaha okwenza abantu abanesono basebenzise amandla abo ngenjongo yokulimaza abanye.

16 UJesu wayengawasebenzisi ngobugovu amandla akhe, akazange awasebenzisele ukuzizuzisa yena. Ngesikhathi elambile, wenqaba ukuphendula amatshe abe izinkwa ayezozidla yena. (Mathewu 4:1-4) Izimpahla ezingatheni ayenazo ziwubufakazi bokuthi amandla akhe akawasebenziselanga ukuthola izinto azidingayo. (Mathewu 8:20) Kunobunye futhi ubufakazi bokuthi isisusa semisebenzi yakhe yamandla sasingebona ubugovu. Lapho enza izimangaliso, wayelahlekelwa okuthile. Lapho elapha abagulayo, amandla ayephuma kuye. Wayewezwa ephuma la mandla ngisho nalapho elapha umuntu oyedwa nje. (Marku 5:25-34) Noma kunjalo, wavumela izixuku zabantu ukuba zimthinte, futhi zelapheka. (Luka 6:19) Yeka umoya wokuzidela!

17. UJesu wabonisa kanjani ukuthi amandla akhe wayewasebenzisa ngokuqonda?

17 UJesu wayesebenzisa amandla akhe ngendlela ebonisa ukuqonda. Akazange enze imisebenzi yamandla ngenjongo yokubukisa. (Mathewu 4:5-7) Akathandanga ukwenza izibonakaliso ukuze nje anelise ilukuluku likaHerode owayenezisusa ezingafanele. (Luka 23:8, 9) Kunokuba agabise ngamandla akhe, wayevame ukutshela labo ayebelaphile ukuba bangatsheli muntu. (Marku 5:43; 7:36) Wayengafuni ukuba abantu bafinyelele iziphetho ezisekelwe emibikweni yokuthatheka.​—Mathewu 12:15-19.

18-20. (a) Yini eyaba nomthelela endleleni uJesu asebenzisa ngayo amandla akhe? (b) Uzizwa kanjani wena ngendlela uJesu elapha ngayo indoda eyisithulu?

18 Le ndoda enamandla, uJesu, yayingafani nhlobo nababusi abaye basebenzisa amandla ngendlela engenaluzwela nebonisa ukungazikhathaleli izidingo nokuhlupheka kwabanye. UJesu wayebakhathalela abantu. Ukubona abahluphekile kwamthinta ngokujulile waze wabaphumuza ekuhluphekeni kwabo. (Mathewu 14:14) Wayeyicabangela imizwa nezidingo zabo, futhi loku kukhathalela kwaba nomthelela endleleni asebenzisa ngayo amandla akhe. Isibonelo esithinta inhliziyo sikuMarku 7:31-37.

19 Kulesi senzakalo, izixuku zathola uJesu zamlethela abantu abaningi ababegula, wabelapha bonke. (Mathewu 15:29, 30) Kodwa uJesu wakhetha indoda eyodwa wayinaka ngokukhethekile. Le ndoda yayiyisithulu futhi icishe ibe isimungulu. Kungenzeka ukuthi uJesu wakubona ukwesaba kwale ndoda noma ukuthi inamahloni. Wabonisa ukucabangela, wayidonsela eceleni ngasese​—kude nesixuku. Wabe esekhuluma ngezandla eyitshela lokho ayesezokwenza. “Wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zalo muntu, kwathi esephimise amathe, wamthinta ulimi.” c (Marku 7:33) UJesu wabe esebheka phezulu ezulwini wabubula ethandaza. Ngokwenza kanjalo wayetshela le ndoda ukuthi, ‘Lokhu esengizokwenzela kona kungenxa yamandla kaNkulunkulu.’ Ekugcineni, uJesu wathi: “Vuleka.” (Marku 7:34) Le ndoda yabe isiyakwazi ukuzwa, yakwazi nokukhuluma kahle futhi.

20 Yeka indlela okuthinta inhliziyo ngayo ukucabanga ukuthi ngisho nalapho esebenzisa amandla awanikwe uNkulunkulu ukuba elaphe abagulayo, uJesu wabonisa ukuthi uyayicabangela imizwa yabo! Akukhuthazi yini ukwazi ukuthi uJehova uwuphathise uMbusi okhathalela nocabangela kanjalo uMbuso KaMesiya?

Isibonakaliso Sezinto Ezizayo

21, 22. (a) Zazibikezelani izimangaliso zikaJesu? (b) Ngenxa yokuthi uJesu uyakwazi ukulawula amandla emvelo, yini esingayilindela ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe?

21 Imisebenzi yamandla eyenziwa uJesu emhlabeni yayimane nje ingamazwibela ezibusiso ezinhle nakakhulu eziyoba khona ngaphansi kokubusa kwakhe kobukhosi. Ezweni elisha likaNkulunkulu, uJesu uyophinde enze izimangaliso​—kodwa esezenza emhlabeni wonke! Cabanga ngezinye zezinto ezimangalisayo ezizayo.

22 UJesu uyobuyisela ukusebenzelana kwezinto eziphilayo nendawo yazo esimweni esifanele. Khumbula ukuthi wabonisa ukuthi uyakwazi ukulawula amandla emvelo ngokuthulisa isiphepho. Ngakho-ke, ngaphansi kokubusa koMbuso kaKristu, isintu ngeke neze kudingeke sesabe ukulinyazwa izivunguvungu, ukuzamazama komhlaba, izintaba-mlilo, noma ezinye izinhlekelele zemvelo. Njengoba uJesu eyiSisebenzi Esiyingcweti uJehova asisebenzisa ekudaleni umhlaba nakho konke okuphila kuwo, ukwazi kahle ukwakheka komhlaba. Uyazi ukuthi angayisebenzisa kanjani ngokufanele imikhiqizo yawo. Ngaphansi kokubusa kwakhe, wonke lo mhlaba uyoguqulwa ube iPharadesi.​—Luka 23:43.

23. NjengeNkosi, uJesu uyozanelisa kanjani izidingo zesintu?

23 Kuthiwani ngezidingo zesintu? Ikhono likaJesu lokupha izinkulungwane ukudla okuningi, esebenzisa ukudlana nje okuncane, lisiqinisekisa ngokuthi lapho esebusa, ngeke sisalamba. Ngempela, inala yokudla okwabiwe kahle iyoyiqeda phakade indlala. (IHubo 72:16) Ukunqoba kwakhe ukugula nezifo kusitshela ukuthi abantu abagulayo, abayizimpumputhe, abayizithulu, abakhubazekile bayokwelashwa​—belashwe ngokuphelele futhi belashwe unomphela. (Isaya 33:24; 35:5, 6) Amandla akhe okuvusa abashona asiqinisekisa ngokuthi amandla akhe njengeNkosi yasezulwini ahlanganisa namandla okuvusa izigidigidi zalabo uYise akujabulelayo ukubakhumbula.​—Johane 5:28, 29.

24. Njengoba sicabanga ngamandla kaJesu, yini okufanele siyikhumbule, futhi ngani?

24 Njengoba sicabanga ngamandla kaJesu, masikhumbule ukuthi le Ndodana imlingisa ngokuphelele uYise. (Johane 14:9) Ngakho, indlela uJesu asebenzisa ngayo amandla akhe isinika umbono ocacile wokuthi uJehova uwasebenzisa kanjani amandla. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela enomusa uJesu elapha ngayo umuntu owayenochoko. Eqhutshwa uzwela, uJesu wathinta le ndoda wathi: “Ngiyathanda!” (Marku 1:40-42) Ngezindaba ezinjengalezi, kufana nokuthi uJehova uthi, ‘Ngiwasebenzisa kanje amandla ami!’ Akukwenzi yini ufune ukudumisa uNkulunkulu wethu onguMninimandla Onke futhi ubonge ngokuthi amandla akhe uwasebenzisa ngendlela enothando kanje?

a Iziphepho ezizumayo zivamile oLwandle LwaseGalile. Ngenxa yokuba phansi kolwandle (ngamamitha angaba ngu-200), umoya ufudumele khona kunasezindaweni eziluzungezile, bese lokhu kudala izivunguvungu. Imimoya enamandla yehlela esiGodini SaseJordani isuka eNtabeni YaseHermoni esenyakatho. Isimo sezulu esicwathile singase siphenduke isiphepho esinolaka.

b Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi amaVangeli ahlanganisa ndawonye izimangaliso eziningi, azichaze ngegama elilodwa. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi “lonke idolobha” leza lizombona, welapha “abaningi” ababegula.—Marku 1:32-34.

c Ukuphimisa amathe kwakuyindlela noma uphawu lokwelapha olwalwemukeleka kumaJuda nakwabeZizwe, kanti nemibhalo yorabi iyakhuluma ngokwelapha ngamathe. Kungenzeka ukuthi uJesu waphimisa amathe ukuze nje enze le ndoda ibone ukuthi isizokwelashwa. Noma ngabe yikuphi, uJesu wayengasebenzisi amathe akhe njengekhubalo.